UKWENZA ABAFUNDI
ISIFUNDO 10
Zimisele Ukusiza Abantu Babe Abafundi
Isimiso: “Sasizimisele ukungadluliseli kini nje kuphela izindaba ezinhle zikaNkulunkulu, kodwa nathi uqobo, ngoba nathandeka kakhulu kithi.”—1 Thes. 2:8.
Lokho UJesu Akwenza
1. Bukela IVIDIYO, noma ufunde uJohane 3:1, 2. Ngemva kwalokho, phendula le mibuzo elandelayo:
-
Yini okungenzeka yenza uNikhodemu wakhetha ukuya kuJesu ebusuku?—Bheka uJohane 12:42, 43.
Sifundani KuJesu?
2. Ngokuzimisela ukusiza abantu babe abafundi, sibonisa ukuthi siyabathanda.
Lingisa UJesu
3. Fundani ngesikhathi nasendaweni evumelana nomfundi. Angase athande ukufunda ngosuku oluthile noma ngesikhathi esithile. Ingabe angathanda ukufundela emsebenzini, ekhaya noma endaweni yomphakathi? Uma izimo zivuma, shintsha izinhlelo zakho zivumelane nesikhathi nendawo ayikhethile.
4. Fundani njalo. Uma uzobe ungekho, akusho ukuthi kufanele singaqhutshwa isifundo. Cabanga ngale mibuzo:
5. Thandazela ukuba nombono omuhle. Cela uJehova akusize uhlale uzimisele ukufundela umfundi, ngisho noma ekuthola kunzima ukufunda njalo noma ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli. (Fil. 2:13) Cishe umuntu ofunda naye unezimfanelo eziningi ezinhle, cela uJehova akusize ugxile kuzo.