Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela, Iqiniso Nokuphila

Indlela, Iqiniso Nokuphila

Cishe uyajabula lapho uthola izindaba ezinhle. Kunezindaba ezinhle ozozijabulela wena nalabo obathandayo.

Lezi zindaba ezinhle ziseBhayibhelini, incwadi uMdali wezulu nomhlaba uJehova uNkulunkulu abangela ukuba ibhalwe eminyakeni eminingi edlule. Kule ncwadi, sizogxila ezincwadini zeBhayibheli ezine eziqukethe izindaba ezinhle sonke esizozijabulela. Zibizwa ngamagama amadoda uNkulunkulu awasebenzisa ekuzibhaleni—uMathewu, uMarku, uLuka noJohane.

Abantu abaningi babiza lezi zincwadi ezine ngokuthi amaVangeli. Wonke la mavangeli amane akhuluma ngezindaba ezinhle, ezimayelana noJesu—ukuthi uyindlela kaNkulunkulu yokuletha insindiso nokuthi uJesu uyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini futhi uyolethela bonke ababonisa ukholo kuye izibusiso zaphakade.—Marku 10:17, 30; 13:13.

KUNGANI KUNAMAVANGELI AMANE?

Kungenzeka uke wazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu aphefumulela ukuba kubhalwe izincwadi ezine ezikhuluma ngokuphila kukaJesu nezimfundiso zakhe.

Zikhona izinzuzo zokuba kube nezincwadi ezihlukahlukene ezikhuluma ngalokho uJesu akusho nakwenza. Ngokwesibonelo, ake sithi amadoda amane ami eduze kukathisha odumile. Indoda ephambi kwalo thisha isebenza ehhovisi lentela. Engakwesokudla ingudokotela. Indoda engakwesobunxele ingumdobi futhi ingumngane omkhulu walo thisha. Indoda yesine incane kunalawa amanye amadoda, yona imi ngemuva ibukele futhi ilalele. Womane la madoda athembekile, kodwa athanda izinto ezingafani. Uma wonke abengabhala ngezinto uthisha azisho nazenza, cishe abeyobhala imininingwane nezenzakalo ezingafani. Lapho sihlola lokho akubhalile, sikhumbula ukuthi avela ezizindeni ezingafani, singaba nesithombe esigcwele salokho uthisha akusho nakwenza. Lesi sibonelo siveza indlela esingazuza ngayo ngokuba nezincwadi ezine ezikhuluma ngokuphila koMfundisi Omkhulu, uJesu.

Uma siqhubeka nesibonelo sethu, indoda eqoqa intela ifisa ukukhanga abantu abangamaJuda, ngakho ihlela izimfundiso zikathisha nalokho akwenza ngendlela ezosiza abantu abangamaJuda. Udokotela uqokomisa ukwelashwa kwabagulayo noma kwabakhubazekile, ngakho uyazeqa ezinye izinto ezibhalwe umqoqi wentela noma azilandelanise ngendlela ehlukile. Umngane omkhulu kathisha ugcizelela imizwa nobuntu bukathisha. Indoda yesine iyafushanisa futhi ihlala endabeni. Noma kunjalo, okubhalwe indoda ngayinye kunembile. Lokhu kubonisa kahle indlela ukuba nezincwadi ezine ezikhuluma ngokuphila kukaJesu okusisiza ngayo ukuba siqonde lokho akwenza, akufundisa kanye nobuntu bakhe.

Abantu bangase bakhulume ‘ngeVangeli likaMathewu’ noma ‘ngeVangeli likaJohane.’ Alikho iphutha lapho ngoba ngayinye yalezi zincwadi iqukethe ‘izindaba ezinhle ngoJesu Kristu.’ (Marku 1:1) Nokho empeleni kunevangeli elilodwa, noma izindaba ezinhle ngoJesu, elitholakala kulezi zincwadi ezine.

Abafundi abaningi beZwi LikaNkulunkulu baye baqhathanisa amaqiniso nezenzakalo okukhulunywa ngazo kuMathewu, uMarku, uLuka noJohane futhi babheka ukuvumelana okukhona. Cishe ngo-170 C.E., umbhali waseSiriya uTatian wazama ukukwenza lokho. Waphawula ukuthi lezi zincwadi ezine zinembile futhi ziphefumulelwe, ngakho wabhala umqulu owodwa okhuluma ngokuphila nenkonzo kaJesu obizwa ngokuthi i-Diatessaron.

Incwadi ethi UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila yenza okufanayo kodwa yona inembe kakhudlwana futhi iphelele. Lokho kungenxa yokuthi manje sesikuqonda kangcono ukugcwaliseka kweziprofetho eziningi ezabikezelwa uJesu kanye nemifanekiso yakhe. Le ncwadi icacisa izinto azisho nazenza kanye nokulandelana kwezenzakalo. Okutholwe abavubukuli nakho kuye kwasiza ekucaciseni imininingwane ethile nalokho okungenzeka kwakuthonye imibono yababhali. Nokho, akekho ongagomela ngokulandelana kwazo zonke izenzakalo. Kodwa lokho okubhalwe kule ncwadi ethi UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila, kunengqondo futhi kuyalandeleleka.

INDLELA, IQINISO NOKUPHILA

Njengoba ufunda le ncwadi, zama ukukhumbula umyalezo wayo oyinhloko oze kuwe nakulabo obathandayo. Khumbula ukuthi uJesu Kristu washo la mazwi kumphostoli uTomase: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.”—Johane 14:6.

Le ncwadi ethi UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila izokusiza ubone ukuthi yini eyenza uJesu abe ‘yindlela.’ Uwukuphela kwendlela esingasondela ngayo ngomthandazo kuJehova uNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, uJesu uyindlela yokuba sibuyisane noNkulunkulu. (Johane 16:23; Roma 5:8) Ngakho, uJesu kuphela ongasisiza sibe nobuhlobo obuhle noNkulunkulu.

UJesu ‘uyiqiniso.’ Wayekhuluma iqiniso futhi ephila ngokuvumelana nalo; kwakungathi uJesu uyilo iqiniso. Wagcwalisa iziprofetho eziningi zaba ‘nguyebo ngaye.’ (2 Korinte 1:20; Johane 1:14) Lezo ziprofetho zisisiza sibone indima yakhe ebalulekile ekugcwalisekeni kwalokho uNkulunkulu akuhlosile.—IsAmbulo 19:10.

UJesu Kristu uphinde abe ‘ukuphila.’ Ngenxa yokuthi wanikela ngokuphila kwakhe okungenasono nangegazi lakhe ukuze abe yisihlengo, sesingakwazi ukuthola “ukuphila kwangempela,” okungukuthi, “ukuphila okuphakade.” (1 Thimothewu 6:12, 19; Efesu 1:7; 1 Johane 1:7) Uzophinde abe ‘ukuphila’ nasezigidini zabantu abafile, eziyovuswa sezinethemba lokuphila phakade ePharadesi.—Johane 5:28, 29.

Sonke kudingeka siyiqonde futhi siyazise indima kaJesu ebalulekile ekugcwalisekeni kwalokho uNkulunkulu akuhlosile. Kwangathi ungakujabulela ukufunda okwengeziwe ngoJesu—‘indlela, iqiniso nokuphila.’