Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 83

Ubani UNkulunkulu Ammemela Esidlweni?

Ubani UNkulunkulu Ammemela Esidlweni?

LUKA 14:7-24

  • ISIFUNDO NGOKUTHOBEKA

  • ABAMENYIWE BENZA IZABA ZOKUNGEZI

Ngemva kokuba elaphe indoda enesifo sokuvuvukala, uJesu usasendlini yomFarisi. UJesu ubuka ezinye izimenywa zizikhethela izindawo eziphambili esidlweni, bese esebenzisa leli thuba ukuze afundise ngokuthobeka.

UJesu uthi: “Lapho umenywa othile edilini lomshado, ungahlali endaweni evelele kunazo zonke. Kungenzeka kukhona othile okhethekile kunawe ammemile. Bese kuthi lowo onimeme nobabili eze kuwe athi, ‘Dedela lo muntu ahlale kule ndawo.’ Uyobe ususuka unamahloni uyohlala endaweni ephansi kunazo zonke.”—Luka 14:8, 9.

UJesu ube esethi: “Kodwa lapho umenyiwe, hamba uhlale endaweni ephansi kunazo zonke, ukuze kuthi lapho umuntu okumemile eza, athi kuwe, ‘Mngane, woza uzohlala endaweni engcono.’ Khona-ke uyoba nodumo phambi kwazo zonke izimenywa ezikanye nawe.” Lokhu kungaphezu nje kokumane uziphathe ngendlela efanele. UJesu uyachaza: “Ngoba wonke umuntu oziphakamisayo uyothotshiswa, nanoma ubani ozithobayo uyophakanyiswa.” (Luka 14:10, 11) Ngempela, ukhuthaza izilaleli zakhe ukuba zilwele ukuthobeka.

UJesu ube esefundisa umFarisi ommemile esinye isifundo—indlela ejabulisa uNkulunkulu yokuhlela isidlo. Uthi: “Lapho wenza isidlo sasemini noma isidlo sakusihlwa, ungabizi abangane bakho noma abafowenu noma izihlobo zakho noma omakhelwane bakho abacebile. Uma wenza kanjalo bangase bakumeme nawe, bese kuba imbuyiselo kuwe. Kodwa lapho wenza idili, mema abahluphekayo, abakhubazekile, izinyonga, izimpumputhe; khona-ke uyojabula, ngoba abanalutho abangakubuyisela ngalo.”—Luka 14:12-14.

Kungokwemvelo ukumema abangane, izihlobo, noma omakhelwane esidlweni, futhi uJesu akasho ukuthi kubi lokho. Kodwa, ugcizelela ukuthi ukupha ukudla labo abakudingayo, njengabahluphekayo, abakhubazekile noma izimpumputhe kungaletha izibusiso ezicebile. UJesu uthi kumFarisi ommemile: “Uyonikwa imbuyiselo ovukweni lwabalungile.” Omunye kwabamenyiwe uvumelana naye athi: “Uyajabula odla eMbusweni kaNkulunkulu.” (Luka 14:15) Ubona kuyilungelo elikhulu leli. Nokho, akubona bonke abalazisayo, njengoba uJesu eqhubeka nokufanekisa:

“Umuntu othile wayenza isidlo esikhulu sakusihlwa, wamema abantu abaningi. Wathumela inceku yakhe . . . ukuba ithi kwabamenyiwe, ‘Wozani, ngoba konke sekulungile.’ Kodwa bonke benza into efanayo, baqala ukwenza izaba. Owokuqala wathi kuyo, ‘Ngithenge insimu futhi kudingeka ngiphume ngiyoyibona; ngiyakucela, ngixolele.’ Omunye wathi, ‘Ngithenge izinkomo eziyishumi, ngisayozihlola; ngiyakucela, ngixolele.’ Nomunye futhi wathi, ‘Ngisanda kushada, ngenxa yalesi sizathu angikwazi ukuza.’”—Luka 14:16-20.

Lezo izaba nje ezingathi shu! Umuntu ngokuvamile uhlola insimu ngaphambi kokuba ayithenge, ngakho akuphuthumi ukuba ayihlole uma eseyithengile. Le ndoda yesithathu ayilungiseleli umshado. Isishadile vele, ngakho lokhu akudingeki ukuba kuyivimbe ukuba yamukele isimemo esibalulekile. Lapho izwa lezi zaba, inkosi iyathukuthela bese ithi encekwini yayo:

“Phuma masinyane uye emigwaqweni emikhulu nemincane yedolobha, ungenise lapha abahluphekayo, abakhubazekile, abayizimpumputhe nabayizinyonga.” Nakuba inceku isikwenzile lokho, indlu ayikagcwali. Inkosi ibe isithi encekwini yayo: “Phuma uye emigwaqweni nasezindleleni ezingaphandle kwedolobha, ubaphoqe ukuba bangene ukuze indlu yami igcwale. Ngoba ngithi kini, akekho noyedwa kulabo bantu abamenyiwe ozonambitha isidlo sami sakusihlwa.”—Luka 14:21-24.

Lokhu uJesu asanda kukusho, kuyifanekisela kahle indlela uJehova uNkulunkulu asebenzise ngayo uJesu Kristu ekudluliseleni isimemo kubantu abazoba seMbusweni wasezulwini. AmaJuda yiwo amenywa kuqala, ikakhulukazi abaholi benkolo. Abaningi basenqaba isimemo abasithola lapho uJesu eshumayela. Kodwa isimemo sasizodluliselwa nakwabanye. Ngokusobala uJesu uqonde ukuthi esikhathini esizayo isimemo sesibili sasiyodluliselwa kubantukazana abangamaJuda namaproselithe. Ngemva kwalokho, kuzobe sekuba khona isimemo sesithathu okungesokugcina, esiya kubantu amaJuda ababheka njengabangafaneleki phambi kukaNkulunkulu.—IzEnzo 10:28-48.

Yebo, lokhu uJesu akushoyo kuqinisekisa amazwi esivakashi akanye naso, esithe: “Uyajabula odla eMbusweni kaNkulunkulu.”