Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 108

UJesu Ubhuntshisa Imizamo Yokumbamba

UJesu Ubhuntshisa Imizamo Yokumbamba

MATHEWU 22:15-40 MARKU 12:13-34 LUKA 20:20-40

  • IZINTO ZIKAKHESARI KUKHESARI

  • KUZOSHADWA YINI OVUKWENI?

  • IMITHETHO EMIKHULU KUNAYO YONKE

Izitha zikaJesu zithukuthele zigane unwabu. Usanda kwenza umfanekiso oveza indlela ezimbi ngayo. AbaFarisi bamakhela uzungu lokumbamba. Bazama ukumenza ukuba asho into ezokwenza ukuthi ayiswe kumbusi ongumRoma, futhi bagwazela abafundi babo ukuze bambambe.—Luka 6:7.

Bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma futhi ufundisa iqiniso futhi awukhethi, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngokuvumelana neqiniso: Kungokomthetho yini ukuba sikhokhe intela kuKhesari noma cha?” (Luka 20:21, 22) UJesu akakhohliswa indlela abakhuluma ngayo, ngoba uyazi ukuthi bangabazenzisi futhi bangamaqili. Uma ethi, ‘Cha akukho ngokomthetho ukukhokha intela,’ angase abekwe icala lokuvukela umbuso wamaRoma. Kodwa uma ethi, ‘Yebo, ikhokheni intela,’ abantu abangakuthandi ukuba ngaphansi kombuso wamaRoma, bangase bangakuqondi akushoyo futhi bamjikele. Ithini-ke impendulo kaJesu?

UJesu uyaphendula: “Kungani ningivivinya bazenzisi? Ngiboniseni uhlamvu lwemali yentela.” Bamlethela udenariyu, bese eyababuza: “Okabani lo mfanekiso nalo mbhalo oqoshiwe?” Baphendula bathi: “OkaKhesari” UJesu ube esebanika lesi siqondiso esinamandla: “Buyiselani izinto zikaKhesari kuKhesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.”—Mathewu 22:18-21.

Amazwi kaJesu ayawamangaza la madoda. Evaleke imilomo ngenxa yokuwaphendula ngokuhlakanipha, ayahamba. Kodwa awaqedile ngaye. Ngemva kokuhluleka kwabaFarisi, kuza elinye iqembu labaholi benkolo kuJesu.

AbaSadusi, abathi uvuko alukho, babuza uJesu mayelana novuko nomshado wezelamani. Bayambuza: “Mfundisi, uMose wathi: ‘Uma umuntu efa engenabo abantwana, umfowabo kumelwe amngene lowo mfazi avezele umfowabo inzalo.’ Manje kwakukhona izelamani eziyisikhombisa. Owokuqala washada washona, ngenxa yokuthi wayengenangane, umkakhe wangenwa umfowabo. Kwenzeka ngendlela efanayo nakowesibili nakowesithathu, zaze zaphelela zonke izelamani eziyisikhombisa. Ekugcineni owesifazane wafa. Ngakho ovukweni, yimuphi kulaba abayisikhombisa ayoba ngumkakhe? Ngoba waba yinkosikazi yabo bonke.”—Mathewu 22:24-28.

Ecaphuna imibhalo kaMose, abaSadusi abayihloniphayo, uJesu uthi: “Akukona yini ukungazi kwenu imiBhalo namandla kaNkulunkulu okunenza niphazame? Ngoba lapho bevuka kwabafile, amadoda awashadi nabesifazane abashadiswa, kodwa banjengezingelosi emazulwini. Kodwa ngokuphathelene nokuvuswa kwabafile, anifundanga yini encwadini kaMose, endabeni ephathelene nesihlahla sameva, ukuthi uNkulunkulu wathi kuye: ‘NginguNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu ka-Isaka noNkulunkulu kaJakobe’? UnguNkulunkulu wabaphilayo, akayena owabafile. Niphaphalaze kakhulu.” (Marku 12:24-27; Eksodusi 3:1-6) Iyazimangaza kakhulu izixuku indlela aphendule ngayo.

UJesu ubavale umlomo abaFarisi nabaSadusi, ngakho bayahlangana manje ukuze bamvivinye nakakhulu. Omunye umbhali uyabuza: “Mfundisi, yimuphi umyalo omkhulu kunayo yonke eMthethweni”—Mathewu 22:36.

UJesu uyaphendula: “Owokuqala uthi, ‘O Israyeli, yizwa, uJehova uNkulunkulu wethu unguJehova oyedwa, kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho nangawo wonke amandla akho.’ Owesibili yilo, ‘Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’ Awukho omunye umyalo omkhulu kunale.”—Marku 12:29-31.

Lapho ezwa impendulo yakhe, umbhali uyaphendula, uthi: “Mfundisi, ukhulume kahle, ngokuvumelana neqiniso, ukuthi, ‘Munye, futhi akekho omunye ngaphandle kwakhe’; ukumthanda komuntu ngayo yonke inhliziyo yakhe, ngakho konke ukuqonda kwakhe nangawo wonke amandla akhe nokuthanda komuntu umakhelwane wakhe njengoba ezithanda yena kubaluleke ngaphezu kwayo yonke iminikelo eshiswayo ephelele nemihlatshelo.” Ebona ukuthi umbhali uphendule ngokuhlakanipha, uJesu uthi kuye: “Awukude noMbuso kaNkulunkulu.”—Marku 12:32-34.

Izinsuku ezintathu (uNisani 9, 10, no-11) uJesu ubelokhu efundisa ethempelini. Abanye abantu, njengalo mbhali, bebelokhu bekujabulela ukumlalela. Kodwa hhayi abaholi benkolo, ‘abangasenaso isibindi sokuphinde bambuze omunye umbuzo.’