Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 116

Ufundisa Ngokuthobeka EPhasikeni Lokugcina

Ufundisa Ngokuthobeka EPhasikeni Lokugcina

MATHEWU 26:20 MARKU 14:17 LUKA 22:14-18 JOHANE 13:1-17

  • UJESU UDLA IPHASIKA LOKUGCINA NABAPHOSTOLI BAKHE

  • UFUNDISA ISIFUNDO NGOKUGEZA IZINYAWO ZABAPHOSTOLI

UPetru noJohane sebefikile eJerusalema ukuze balungiselele iPhasika njengoba uJesu ebathumile. Ngokuhamba kwesikhathi, uJesu nabaphostoli abayishumi nabo baya eJerusalema. Kuntambama futhi ilanga seliyozilahla kunina njengoba uJesu nabafundi bakhe behla eNtabeni Yeminqumo. Lena imini yokugcina kaJesu ekule ndawo, njengoba eyoze ayibone ngemva kokuvuswa kwakhe.

Ngokushesha, uJesu nabafundi bakhe bayafika edolobheni futhi baya endlini abazodlela kuyo iPhasika. Bakhuphukela ekamelweni elikhulu eliphezulu. Uma befika bathola ukuthi wonke amalungiselelo asenziwe ukuze badle isidlo bebodwa. Kade uJesu esilangazelela lesi senzakalo ngoba uthi: “Bengifisa kakhulu ukulidla nani leli Phasika ngaphambi kokuba ngihlupheke.”—Luka 22:15.

Eminyakeni eminingi edlule, kwaqaliswa isiko lokuthi labo abasePhasikeni badluliselane izindebe zewayini. Manje, ngemva kokwamukela enye yezindebe uJesu uyabonga bese ethi: “Thathani lokhu nidluliselane kona, ngoba ngiyanitshela, kusukela manje kuqhubeke, ngeke ngisawuphuza umkhiqizo wamagilebhisi uze ufike uMbuso kaNkulunkulu.” (Luka 22:17, 18) Kumelwe ukuba kuyacaca ukuthi usezofa.

Njengoba beqhubeka nesidlo sePhasika, kwenzeka okuthile okungajwayelekile. UJesu uyasukuma akhumule ingubo yakhe yangaphandle bese ethatha ithawula. Ube esefaka amanzi endishini eseduze. Ngokujwayelekile, lowo osuke ememe abanye uyaqiniseka ukuthi izinyawo zezimenywa zakhe ziyagezwa, ngokuvamile kuba isikhonzi esenza lowo msebenzi. (Luka 7:44) Kodwa kulokhu akekho obamemile, ngakho uJesu owenza lowo msebenzi. Omunye kubaphostoli ubengawenza lo msebenzi kodwa akekho owenzayo. Kungenzeka yini ukuthi kungenxa yokuthi kusanempikiswano phakathi kwabo? Kunoma yikuphi, bayahlazeka lapho uJesu ebageza izinyawo.

Lapho uJesu efika kuPetru uyanqaba athi: “Ngokuqinisekile awusoze wangigeza izinyawo.” UJesu uyamphendula, uthi: “Ngaphandle kokuba ngikugeze, awunasabelo nami.” UPetru uyaphendula: “Nkosi, ungangigezi izinyawo kuphela, kodwa nezandla nekhanda.” Kumelwe ukuba uyamangala lapho uJesu ethi: “Ogezile akadingi okungaphezu kokuba agezwe izinyawo, kodwa umzimba wakhe wonke uhlanzekile. Nina nihlanzekile, kodwa hhayi nonke.”—Johane 13:8-10.

UJesu ugeza izinyawo zabaphostoli bakhe abangu-12 okuhlanganisa nezinyawo zikaJuda Iskariyothe. Ngemva kokuba esegqoke ingubo yakhe yangaphandle waphinde wahlala etafuleni, uJesu uyababuza: “Niyakuqonda yini lokhu engikwenze kini? Ningibiza ngokuthi ‘Mfundisi,’ nangokuthi ‘Nkosi,’ futhi niqinisile, ngoba ngiyikho. Ngakho-ke, uma mina, iNkosi noMfundisi, nginigeze izinyawo, nani kufanele nigezane izinyawo. Ngoba nginibekela isibonelo, sokuthi njengoba nje ngenzile kini, nani nenze kanjalo. Ngiqinisile impela ngithi kini, inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nalowo othunyiwe akamkhulu kunalowo omthumile. Uma nizazi lezi zinto, niyajabula uma nizenza.”—Johane 13:12-17.

Yisibonelo esihle ngempela lesi sokuthobeka nokuzimisela ukusebenza ukuze usize abanye! Abalandeli bakaJesu akufanele bazibeke kuqala, bacabange ukuthi babalulekile nokuthi abanye kufanele basebenze ukuze basize bona. Kunalokho, kufanele balandele isibonelo sikaJesu hhayi ngokubageza izinyawo kodwa ngokuthobeka nokuzimisela ukusebenza ukuze basize abanye ngokungakhethi.