Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuze Ulingise UJesu, Kumelwe . . .

Ukuze Ulingise UJesu, Kumelwe . . .

UBE NOZWELA

Njengoba ayengumuntu ongenasono, uJesu akazange abe nezingcindezi eziningi noma akhathazeke njengoba kwakwenzeka kwabanye abantu. Noma kunjalo wayezwelana ngokujulile nabantu. Wayefisa ukubenzela konke ayengakwenza, okuwukuthi ukwenza izinto ezazingaphezu kwalezo ezazidingekile. Yebo, uzwela lwalumenza afune ukusiza abanye abantu. Ukuze uthole izibonelo zalokhu, bheka iSahluko 32, 37, 57 no-99.

UBE ONGENEKAYO

Bonke abantu—abadala nabancane—babengasondela kuJesu ngoba wayengeyena umuntu ozihlukanisayo noma ozibona engcono kunabanye. Abantu babezizwa bekhululekile uma benoJesu ngoba babebona ukuthi uyabakhathalela. Ukuze ubone lokhu, bheka iSahluko 25, 27 no-95.

UTHANDAZE NJALO

UJesu wayehlale ethandaza njalo kuYise ngobuqotho, ngasese nalapho enabanye abakhulekeli beqiniso. Wayethandaza zikhathi zonke, hhayi ngesikhathi sokudla kuphela. Wayethandaza kuYise ukuze abonge, amdumise nalapho efuna isiqondiso ngaphambi kokuba enze izinqumo ezibalulekile. Cabangela izibonelo ezitholakala eSahlukweni 24, 34, 91, 122 no-123.

UNGAZICABANGELI WENA KUPHELA

Ngezinye izikhathi, esikhundleni sokuba azihlalele futhi aphumule, uJesu wayezibekela eceleni izidingo zakhe ukuze asize abanye. Wayengenaso isimo sengqondo sokuzicabangela yena kuqala. Nakulokhu, wasibekela isibonelo esingasilandela eduze. Funda ukuthi lesi sibonelo sivezwe kanjani eSahlukweni 19, 41 no-52.

UBE OTHETHELELAYO

UJesu wenza okungaphezu nje kokufundisa mayelana nesidingo sokuthethelela—wayehlale ebathethelela abafundi bakhe nabanye abantu. Zindla ngezibonelo ezitholakala eSahlukweni 26, 40, 64, 85, no-131.

UBE NENTSHISEKO

Kwabikezelwa ukuthi amaJuda amaningi ayeyonqaba ukwamukela uMesiya nokuthi izitha zakhe zaziyombulala. Kwakungaba lula ukuba uJesu azigodle kulokho ayengakwenzela abanye. Kodwa akenzanga kanjalo, kunalokho washisekela ukukhulekela kweqiniso. Wababekela isibonelo sentshiseko bonke abalandeli bakhe ababhekene nokunganakwa nokuphikiswa. Bheka iSahluko 16, 72, no-103.

UBE OTHOBEKILE

UJesu wayephakeme kakhulu kubantu abanesono ngezindlela ezingenakubalwa, njengokuba nolwazi nokuhlakanipha. Ngokungangabazeki, ukungabi nasono kwakhe kwakumenza abe namakhono okusebenzisa amandla nengqondo yakhe ngendlela engaphezu kweyabantu ababemzungezile. Nokho, ngokuthobeka, wayekhonza abanye. Ungathola izifundo ngalokhu eSahlukweni 10, 62, 66, 94, no-116.

UBE NESINEKE

UJesu wayehlale ebabonisa isineke abaphostoli bakhe nabanye lapho behluleka ukulingisa isibonelo sakhe noma ukusebenzisa lokho ayekushilo. Ngesineke, wayeziphindaphinda izifundo ababezidinga ukuze basondele kuJehova. Funda ngezibonelo zikaJesu zokuba nesineke eSahlukweni 74, 98, 118, no-135.