Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 3

Inkonzo KaJesu Enkulu EGalile

‘UJesu uqala ukushumayela: “UMbuso wamazulu ususondele.”’—Mathewu 4:17

Inkonzo KaJesu Enkulu EGalile

KULE NGXENYE

ISAHLUKO 20

Isimangaliso Sesibili EKhana

UJesu welapha ingane eqhele ngamakhilomitha angu-26 km.

ISAHLUKO 21

ESinagogeni ENazaretha

Yini uJesu ayisho eyenza abantu basedolobheni lakubo bafuna ukumbulala?

ISAHLUKO 22

Abafundi Abane Bazoba Abadobi Babantu

Ubamema ukuba bashiye olunye uhlobo lomsebenzi wokudoba baqale ukwenza olunye.

ISAHLUKO 23

UJesu Wenza Imisebenzi Emangalisayo EKapernawume

Lapho uJesu ekhipha amademoni, uyawavimba ukuba angatsheli abantu ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu. Kungani?

ISAHLUKO 24

Wandisa Inkonzo Yakhe EGalile

Abantu beza kuJesu ukuze belashwe, nokho uJesu uchaza ukuthi empeleni inhloso yenkonzo yakhe ingaphezu kwalokho.

ISAHLUKO 25

Welapha Onochoko Ngozwela

Ngamazwi alula kodwa anamandla, uJesu unikeza ubufakazi bokuthi ubakhathalela ngempela abantu abelaphayo.

ISAHLUKO 26

“Izono Zakho Zithethelelwe”

Yikuphi ukuhlobana okuboniswa uJesu phakathi kwesono nokugula?

ISAHLUKO 27

UMathewu Uyabizwa

Kungani uJesu edla nezoni ezaziwayo?

ISAHLUKO 28

Kungani Abafundi BakaJesu Bengakuzili Ukudla?

UJesu wenza umfanekiso wezigubhu zewayini ukuze abaphendule.

ISAHLUKO 29

Umuntu Angayenza Yini Imisebenzi Emihle NgeSabatha?

Kungani amaJuda eshushisa uJesu ngokwelapha indoda osekuphele iminyaka engu-38 igula?

ISAHLUKO 30

Ubuhlobo UJesu Anabo NoYise

AmaJuda acabanga ukuthi uJesu uzilinganisa noNkulunkulu kodwa uJesu ukwenza kucace ukuthi uNkulunkulu mkhulu kunaye.

ISAHLUKO 31

Bakha Ukudla Okusanhlamvu NgeSabatha

Kungani uJesu ezibiza ngokuthi ‘uyiNkosi yeSabatha’?

ISAHLUKO 32

Yini Umthetho Oyivumelayo NgeSabatha?

AbaSadusi nabaFarisi ngokuvamile abezwani, kodwa babumbene ngenxa yomgomo ofanayo abanawo.

ISAHLUKO 33

Ugcwalisa Isiprofetho Sika-Isaya

Kungani uJesu eyala labo abelaphayo ukuba bangatsheli abanye ukuthi ungubani noma ukuthi wenzeni?

ISAHLUKO 34

UJesu Ukhetha Abaphostoli Abayishumi Nambili

Uyini umehluko phakathi komphostoli nomfundi?

ISAHLUKO 35

INtshumayelo Yasentabeni Edumile

Thola incazelo yamaphuzu ayinhloko entshumayelo kaJesu.

ISAHLUKO 36

Isikhulu Sebutho Sibonisa Ukholo Olukhulu

Yini eyenziwa yilesi sikhulu sebutho emangaza uJesu?

ISAHLUKO 37

UJesu Uvusa Indodana Yomfelokazi

Labo ababona lesi simangaliso bayakuqonda ukubaluleka kwaso kwangempela.

ISAHLUKO 38

UJohane Ufuna Isiqinisekiso Esivela KuJesu

Kungani uJohane uMbhapathizi ebuza ukuthi uJesu unguMesiya yini? Ingabe unokungabaza

ISAHLUKO 39

Maye Ngesizukulwane Esingasabeli

UJesu uthi kuyoba ngcono kakhulu ngeSodoma kunangeKapernawume, idolobha ebelilokhu liyidolobha lakubo, ngoSuku Lokwahlulela.

ISAHLUKO 40

Isifundo Ngokuthethelela

Ngokutshela owesifazane okungenzeka ubethengisa ngomzimba ukuthi izono zakhe zithethelelwe, ingabe uJesu wayesho ukuthi kulungile ukwephula umthetho kaNkulunkulu?

ISAHLUKO 41

Uzenza Ngamandla Kabani Izimangaliso?

Abafowabo bakaJesu bakholelwa ukuthi uJesu useyahlanya ekhanda.

ISAHLUKO 42

UJesu Usola AbaFarisi

Siyini “isibonakaliso sikaJona umprofethi”?

ISAHLUKO 43

Imifanekiso Ephathelene NoMbuso

UJesu wenza imifanekiso engu-8 ukuze achaze izinto ezithile ngoMbuso wamazulu.

ISAHLUKO 44

UJesu Uthulisa Isiphepho Olwandle

Lapho uJesu ethulisa umoya namagagasi, wafundisa isifundo esibalulekile ngokuthi ukuphila kuyoba njani ngaphansi koMbuso wakhe.

ISAHLUKO 45

Unamandla Okunqoba Amademoni Amaningi

Umuntu angangenwa yini amademoni angaphezu kwelilodwa?

ISAHLUKO 46

Welashwa Ukuthinta Ingubo KaJesu

UJesu ubonisa amandla nozwela kulesi senzakalo esithinta inhliziyo.

ISAHLUKO 47

Intombazanyana Ivuswa Ekufeni!

Abantu bayamhleka uJesu lapho ethi intombazane efile imane nje izilalele. Yini uJesu ayaziyo abanye abantu abangayazi?

ISAHLUKO 48

Wenza Izimangaliso, Kodwa Ngisho NaseNazaretha Ababi Nokholo Kuye

Abantu baseNazaretha abamamukeli uJesu, hhayi ngenxa yezimfundiso zakhe nezimangaliso azenzayo, kodwa kunezinye izizathu.

ISAHLUKO 49

Ushumayela EGalile, Uqeqesha Nabaphostoli

Isho ukuthini ngempela inkulumo ethi ‘uMbuso wamazulu ususondele’?

ISAHLUKO 50

Bazimisele Ukushumayela Naphezu Koshushiso

Kungani uJesu etshela abafundi bakhe ukuba babaleke lapho beshushiswa uma kungamelwe bakwesabe ukufa?

ISAHLUKO 51

Kubulawa Umuntu Emcimbini Wosuku Lokuzalwa

Indlela uSalome adanse ngayo imjabulise kakhulu uHerode, kangangokuba umthembisa ukuthi uzomnika noma yini ayifunayo. Isicelo sakhe siyashaqisa, siyini?

ISAHLUKO 52

Usuthisa Izinkulungwane Ngezinkwa Nezinhlanzi Ezimbalwa

Lesi simangaliso esenziwa uJesu sibaluleke kangangokuba wonke amaVangeli ayakhuluma ngaso.

ISAHLUKO 53

Umbusi Okwazi Ukulawula Imvelo

Abaphostoli bafunda siphi isifundo lapho uJesu ehamba phezu kwamanzi, ethulisa nomoya onamandla?

ISAHLUKO 54

UJesu​​—⁠‘Isinkwa Sokuphila’

Kungani uJesu ebashaya ngamazwi abantu nakuba bedele isikhathi sabo bazombona?

ISAHLUKO 55

Amazwi KaJesu Ashaqisa Abaningi

UJesu ufundisa ngento eshaqisayo kangangokuthi abafundi bakhe abaningi bayamshiya.

ISAHLUKO 56

Yini Ngempela Engcolisa Umuntu?

Ingabe yilokho okungena emlonyeni, noma yilokho okuphuma kuwo?

ISAHLUKO 57

UJesu Welapha Intombazane Nendoda Eyisithulu

Kungani owesifazane engacasuki lapho uJesu efanisa abantu besizwe sakubo nemidlwane?

ISAHLUKO 58

Wandisa Izinkwa, Axwayise Nangemvubelo

Ekugcineni abafundi bakaJesu bayaqonda ukuthi ukhuluma ngaluphi uhlobo lwemvubelo.

ISAHLUKO 59

Ingubani INdodana Yomuntu?

Ziyini izihluthulelo zoMbuso? Ubani ozisebenzisayo, futhi kanjani?

ISAHLUKO 60

Ukuguqulwa Isimo​​—⁠Ukubona UKristu Esenkazimulweni

Kwakuyini ukuguqulwa isimo? Kwakusho ukuthini?

ISAHLUKO 61

UJesu Welapha Umfana Onedemoni

UJesu uthi ukwehluleka ukwelapha kwakubangelwa ukuntula ukholo kodwa ubani owayentula ukholo? Umfana, ubaba wakhe, noma abafundi bakaJesu?

ISAHLUKO 62

Isifundo Esibalulekile Ngokuthobeka

Amadoda amadala afunda okuthile okubalulekile enganeni encane.

ISAHLUKO 63

UJesu Weluleka Ngokukhubekisa Umuntu Nangesono

Uchaza inqubo enezinyathelo ezintathu yokulungisa izinkinga ezinkulu phakathi kwabazalwane.

ISAHLUKO 64

Isidingo Sokuthethelela

Esebenzisa umfanekiso wenceku engenasihe, uJesu uyabonisa ukuthi uNkulunkulu akayithathi kancane indaba yokuzimisela kwethu ukuthethelela abanye.

ISAHLUKO 65

Uyafundisa Njengoba Esendleleni Eya EJerusalema

Ezingxoxweni ezintathu abe nazo, uJesu uphawule indlela yokucabanga engavimbela umuntu ukuba abe umlandeli wakhe.