Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 41

Uzenza Ngamandla Kabani Izimangaliso?

Uzenza Ngamandla Kabani Izimangaliso?

MATHEWU 12:22-32 MARKU 3:19-30 LUKA 8:1-3

  • UJESU UQALA UHAMBO LWAKHE LWESIBILI LOKUSHUMAYELA

  • UKHIPHA AMADEMONI, UXWAYISA NANGESONO ESINGENAKUTHETHELELWA

Ngokushesha ngemva kokukhuluma ngokuthethelela emzini womFarisi uSimoni, uJesu uqala olunye uhambo lokushumayela eGalile. Lona unyaka wakhe wesibili esenkonzweni, futhi akahambi yedwa. Uhamba nabaphostoli abangu-12 kanye nabesifazane abathile “ababelashwe emimoyeni emibi nasekuguleni.” (Luka 8:2) Kubo kukhona uMariya Magdalena, uSusana noJowana, umyeni wakhe oyisikhulu seNkosi uHerode Antipase.

Njengoba abaningi bezwa ngoJesu, impikiswano mayelana nomsebenzi wakhe iyashuba. Lokhu kuyacaca lapho indoda enedemoni, eyimpumputhe neyisimungulu ilethwa kuJesu bese eyelapha. Manje lendoda ayisenalo idemoni isiyabona futhi isiyakwazi nokukhuluma. Abantu bayamangala bathi: “Kungenzeke yini mhlawumbe ukuthi lo uyiNdodana kaDavide?”—Mathewu 12:23.

Isixuku esibuthene ngaphandle kwendlu uJesu ahleli kuyo sikhulu kangangokuba yena nabafundi bakhe abasakwazi ngisho nokudla. Nokho akubona bonke abacabanga ukuthi uJesu “uyiNdodana kaDavide” ethenjisiwe. Abanye ababhali nabaFarisi basuka kude le eJerusalema—kodwa abezanga ukuzofunda okuthile kuJesu noma ukuzomsekela. Bathi kubantu: “UnoBhelizebhubhe,” ngaleyo ndlela usebenzelana ‘nombusi wamademoni.’ (Marku 3:22) Lapho izihlobo zikaJesu zizwa ngalesi siyaluyalu ziyeza zizombamba. Kungani zifuna ukumbamba?

Kuze kube manje abafowabo bakaJesu abakholwa ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu. (Johane 7:5) Lo Jesu obonakala edala lesi siphithiphithi, akafani nalo Jesu abakhule naye eNazaretha. Bephetha ngokuthi kukhona okungahambi kahle engqondweni bathi: “Useyahlanya.”—Marku 3:21.

Nokho, bubonisani ubufakazi? UJesu usanda kwelapha indoda ebinedemoni. Manje isiyabona futhi isiyakhuluma. Akekho ongakuphika lokhu. Ngakho ababhali nabaFarisi bazama ukulicekela phansi igama likaJesu ngokuqamba amanga. Bathi: “Lo muntu uxosha amademoni ngoBhelizebhubhe kuphela, umbusi wamademoni.”—Mathewu 12:24.

UJesu uyazi ukuthi ababhali nabaFarisi bacabangani, ngakho uthi: “Yonke imibuso ehlukene phakathi iyawa futhi wonke amadolobha noma izindlu ezihlukene phakathi ngeke zime. Ngendlela efanayo, uma uSathane exosha uSathane, uhlukene yedwa; pho umbuso wakhe uyoma kanjani?”—Mathewu 12:25, 26.

Aze anengqondo lawo mazwi! AbaFarisi bayazi ukuthi amanye amaJuda ayawakhipha amademoni. (IzEnzo 19:13) Ngakho, uJesu uyabuza: “Uma mina ngixosha amademoni ngoBhelizebhubhe, amadodana enu wona awaxosha ngobani?” Ngamanye amazwi, lokho abakushoyo ngoJesu kumelwe kusebenze nakuwo. UJesu uyaqhubeka achaze: “Kodwa uma kungukuthi ngixosha amademoni ngomoya kaNkulunkulu, ngempela uMbuso kaNkulunkulu usunificile.”—Mathewu 12:27, 28.

Ukuze abonise ukuthi ukukhipha amademoni kuwubufakazi bokuthi unamandla kunoSathane, uJesu uthi: “Umuntu angayihlasela kanjani indlu yomuntu onamandla amqhwage izinto zakhe, ngaphandle kokuba aqale abophe lowo muntu onamandla? Khona-ke uyobe esephanga indlu yakhe. Ongekho ngasohlangothini lwami umelene nami, nongaqoqi kanye nami uyahlakaza.” (Mathewu 12:29, 30) Ababhali nabaFarisi bamelene ngempela noJesu, ngaleyo ndlela banikeza ubufakazi bokuthi bayizisebenzi zikaSathane. Bahlakaza abantu babasuse eNdodaneni kaNkulunkulu esekelwa nguJehova.

UJesu uxwayisa laba baphikisi abasebenzelana noSathane: “Amadodana abantu ayothethelelwa zonke izinto, kungakhathaliseki ukuthi iziphi izono azenzayo namahlazo awakhulumayo. Kodwa noma ubani ohlambalaza umoya ongcwele ngeke athethelelwe kuze kube phakade, kodwa unecala lesono saphakade.” (Marku 3:28, 29) Cabanga ukuthi kusho ukuthini lokhu kulabo abathi imisebenzi okusobala ukuthi ifezwa ngomoya kaNkulunkulu, yenziwa uSathane!