Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 33

Ugcwalisa Isiprofetho Sika-Isaya

Ugcwalisa Isiprofetho Sika-Isaya

MATHEWU 12:15-21 MARKU 3:7-12

  • IZIXUKU ZICINDEZELA UJESU

  • UGCWALISA ISIPROFETHO SIKA-ISAYA

Lapho ethola ukuthi abaFarisi namalungu eqembu likaHerode bafuna ukumbulala, uJesu nabafundi bakhe bayasuka baye oLwandle LwaseGalile. Izixuku zithutheleka kuye zisuka kuyo yonke indawo—zisuka eGalile, emadolobheni asogwini aseThire naseSidoni, ohlangothini olusempumalanga yoMfula iJordani, eJerusalema nase-Idumiya eseningizimu. UJesu welapha abaningi. Ngenxa yalokho, labo abanezifo ezibucayi bayadudulana bezama ukuyofika kuye. Abalindi nokuba abathinte, kodwa balula izandla bamthinte.—Marku 3:9, 10.

Isixuku sikhulu kakhulu, ngakho ukuze singamcindezeli, uJesu utshela abafundi bakhe ukuba bamtholele isikebhe esincane ukuze aqhele ogwini. Wayengasifundisa isixuku esesikebheni noma asuke aye kwenye indawo egudle ugu ukuze asize abantu abengeziwe.

Umfundi uMathewu uphawula ukuthi umsebenzi kaJesu ‘ugcwalisa lokho okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi.’ (Mathewu 12:17) Yisiphi leso siprofetho esigcwaliswa uJesu lapha?

“Bheka! Inceku yami engayikhetha, othandekayo wami, engimamukele! Ngizobeka umoya wami phezu kwakhe, uyocacisela izizwe ukuthi ubulungisa buyini. Ngeke axabane namuntu noma amemeze kakhulu futhi akekho oyokuzwa izwi lakhe emigwaqweni emikhulu. Akukho mhlanga olimele ayowufohloza, akukho ntambo elokozayo ayoyicima, kuze kube yilapho eletha ubulungisa ngempumelelo. Ngempela, izizwe ziyothembela egameni lakhe.”—Mathewu 12:18-21; Isaya 42:1-4.

Impela uJesu uyinceku ethandekayo uNkulunkulu ayamukelayo. UJesu ukwenza kucace ukuthi ubulungisa bangempela obusithwe amasiko enkolo yamanga buyini. Njengoba abaFarisi besebenzisa uMthetho kaNkulunkulu ngendlela yabo, abakwazi ngisho nokusiza umuntu ogulayo ngeSabatha! UJesu wethula abantu umthwalo ongamasiko angenabulungisa, ngokwenza ubulungisa bukaNkulunkulu bubonakale ngokucacile nangokubonisa ukuthi umoya kaNkulunkulu uphezu kwakhe. Ngenxa yalokho abaholi benkolo bafuna ukumbulala. Kwaze kwayihlazo!

Kusho ukuthini ukuthi “ngeke axabane namuntu noma amemeze kakhulu futhi akekho oyokuzwa izwi lakhe emigwaqweni emikhulu”? Lapho elapha abantu, uJesu akabavumeli labo bantu—noma amademoni—‘ukuba bamveze.’ (Marku 3:12) Akafuni abantu bezwe ngaye ngezingxoxo zasemigwaqweni noma ngemibiko esontekile esakazwayo.

Kanti futhi umyalezo kaJesu oduduzayo ubhekiswe kulabo abafaniswa nomhlanga olimele, ogobile futhi owiselwe phansi. Banjengentambo elokozayo osekusele kancane inhlansi yayo icime. UJesu akawufohlozi umhlanga olimele noma acime intambo elokozayo, eshunqayo. Kunalokho, ngozwela nangothando uphakamisa abamnene. Ngempela izizwe zingathembela kuJesu!