Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 40

Isifundo Ngokuthethelela

Isifundo Ngokuthethelela

LUKA 7:36-50

  • OWESIFAZANE OYISONI UTHELA AMAFUTHA EZINYAWENI ZIKAJESU

  • INTETHELELO IFANEKISWA NGOMUNTU OKWELETAYO

Abantu basabela ngezindlela ezingafani kulokho uJesu akushoyo nakwenzayo kuye ngesimo senhliziyo yabo. Lokho kuba sobala endlini eseGalile. UmFarisi okuthiwa uSimoni umemela uJesu esidlweni, mhlawumbe ukuze ambonele eduze lo muntu owenza imisebenzi emangalisa kangaka. Mhlawumbe ebheka lokhu njengethuba lokushumayela kulabo abazobe bekhona, uJesu uyasamukela, njengoba nje eke wazamukela izimemo zokudla nabaqoqi bentela nezoni.

Nokho, uJesu akaphathwa ngendlela izivakashi ezivame ukuphathwa ngayo. Ukuhamba emigwaqweni ewubhuqu yasePhalestina ufake izimbadada, kubangela ukuba izinyawo zishise futhi zingcole, ngakho kuyisiko ukugeza izinyawo zezivakashi ngamanzi abandayo. Lokho akwenziwa kuJesu. Akakutholi ngisho nokwangiwa njengoba kuye kwenziwe. Okunye okuyisiko, ukuthela amafutha ekhanda lesivakashi ukuze usibonise umusa nokuthi uyasamukela. Nalokhu akwenziwa kuJesu. Ngakho, ingabe ngempela wamukelekile?

Izimenywa ziqala ukudla njengoba zihleli etafuleni. Njengoba zidla, kungena owesifazane ongamenyiwe. ‘Uyaziwa edolobheni ukuthi uyisoni.’ (Luka 7:37) Bonke abantu abangaphelele bayizoni, kodwa lona wesifazane uziphatha kabi, mhlawumbe uthengisa ngomzimba. Kungenzeka useke wazizwa izimfundiso zikaJesu, kuhlanganise nesimemo sokuba ‘bonke labo abasindwayo beze kuye bathole ukuqabuleka.’ (Mathewu 11:28, 29) Mhlawumbe ethintwe amazwi kaJesu nezenzo zakhe, manje uzomfuna.

Usondela etafuleni ngemva kukaJesu, afike aguqe ezinyaweni zakhe. Njengoba ekhala, izinyembezi zehlela ezinyaweni zikaJesu bese ezesula ngezinwele zakhe. Uqabula izinyawo zikaJesu azigcobe ngamafutha anamakha awathengile. USimoni akayithandi le nto ayibonayo, uthi ngaphakathi kuye: “Ukube lo muntu ubengumprofethi ngempela ubezokwazi ukuthi lona wesifazane omthintayo ungubani nokuthi uluhlobo luni lomuntu, ukuthi uyisoni.”—Luka 7:39.

Eyazi imicabango kaSimoni, uJesu uthi: “Simoni, kukhona engifuna ukukutshela kona.” Yena uthi: “Mfundisi, kusho!” UJesu uyaqhubeka: “Amadoda amabili ayekweleta umbolekisi othile; enye yayikweleta odenariyu abangu-500, enye abangu-50. Lapho engenalutho ayengakhokha ngalo, wawathethelela ngokukhululekile womabili. Ngakho-ke, iyiphi kuwo eyomthanda kakhulu?” Mhlawumbe ngokunganaki, uSimoni uyaphendula: “Ngicabanga ukuthi yilena ayithethelele okuningi.”—Luka 7:40-43.

UJesu uyavuma. Ube esebuka owesifazane, bese ethi kuSimoni: “Uyambona lona wesifazane? Ngingene endlini yakho; awuzange unginike amanzi ezinyawo zami. Kodwa lona wesifazane umanzise izinyawo zami ngezinyembezi zakhe wazisula ngezinwele zakhe. Awuzange ungiqabule, kodwa lona wesifazane, kusukela ngehora engifike ngalo, akayekanga ukuqabula izinyawo zami. Awuzange ulithele ikhanda lami ngamafutha, kodwa lona wesifazane uthele izinyawo zami ngamafutha anamakha.” UJesu wayebona ukuthi lona wesifazane unikeza ubufakazi bokuthi uphenduka ngokusuka enhliziyweni ekuziphatheni kwakhe okubi. Ngakho uphetha ngokuthi: “Ngiyakutshela, izono zakhe, nakuba ziziningi, zithethelelwe, ngoba ubonise uthando olukhulu. Kodwa lowo othethelelwa okuncane, ubonisa uthando oluncane.”—Luka 7:44-47.

UJesu akakuthetheleli ukuziphatha okubi. Kunalokho, ubonisa uzwela nokubaqonda abantu abenza izono ezinkulu kodwa bazisole bese bephendukela kuKristu ukuze bathole impumuzo. Yeka impumuzo lona wesifazane ayitholayo lapho uJesu ethi: “Izono zakho zithethelelwe. . . . Ukholo lwakho lukusindisile; hamba ngokuthula.”—Luka 7:48, 50.