Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 44

UJesu Uthulisa Isiphepho Olwandle

UJesu Uthulisa Isiphepho Olwandle

MATHEWU 8:18, 23-27 MARKU 4:35-41 LUKA 8:22-25

  • UJESU UTHULISA ISIPHEPHO OLWANDLE LWASEGALILE

UJesu ubenosuku olude olukhathazayo. Lapho sekuhlwa, uthi kubafundi bakhe: “Masiwelele ogwini olungaphesheya,” okuyindawo engaphesheya kwaseKapernawume.—Marku 4:35.

Ngaphesheya ogwini olungasempumalanga yoLwandle LwaseGalile, kunesifunda samaGerasi. Le ndawo yaziwa nangokuthi yiDekapholi. Amadolobha aseDekapholi ayindawo yamaGreki, nakuba kunamaJuda amaningi ahlala khona.

Abantu bayambona uJesu lapho esuka eKapernawume. Nezinye izikebhe ziqala ukuwela ulwandle. (Marku 4:36) Empeleni, akulona ibanga elide ukuwela. ULwandle LwaseGalile luyichibi elikhulu elinamanzi angenasawoti, elingamakhilomitha angaba ngu-21 ubude, namakhilomitha angaba ngu-12 ububanzi. Kodwa lujulile.

Nakuba uJesu engumuntu ophelele, ukhathele kube kufanele ngenxa yomsebenzi abewenza enkonzweni. Ngakho lapho nje besuka, ulala endaweni engemuva esikebheni aqamele bese eyazumeka.

Abaningi kubaphostoli bakhe bayakwazi ukushayela isikebhe, kodwa lolu hambo ngeke lube lula. Le ndawo izungezwe yizintaba, futhi umoya ophezu koLwandle LwaseGalile ngokuvamile uyashisa. Ngezinye izikhathi umoya obandayo wasezintabeni wehlela phansi emanzini afudumele olwandle bese kwakheka iziphepho ezinamandla olwandle. Yilokho okwenzekayo manje. Ngokushesha amagagasi ashaya isikebhe. Isikebhe sabo ‘sigcwala amanzi bese siba sengozini yokucwila.’ (Luka 8:23) Noma kunjalo, uJesu usalokhu elele!

La madoda ayatatazela ezama ukuqondisa isikebhe, esebenzisa ulwazi aluthole esikhathini esidlule lapho ebhekene neziphepho. Kodwa kulokhu izinto zijikile. Esabela ukuphila kwawo, avusa uJesu bese ethi: “Nkosi, sisindise, siyafa!” (Mathewu 8:25) Abafundi manje basaba ukuthi bazocwila!

Lapho uJesu ephaphama, uthi kubaphostoli: “Kungani nesaba kangaka, nina eninokholo oluncane?” (Mathewu 8:26) UJesu ube esekhuza umoya nolwandle: “Shh! Thula!” (Marku 4:39) Umoya onamandla uyathula nolwandle luzole. (UMarku noLuka bayakhuluma ngalesi sigameko, baqale bagcizelele ukuthulisa kukaJesu isiphepho ngokuyisimangaliso bese bekhuluma ngokuntula ukholo kwabafundi.)

Cabanga nje ukuthi lokhu kubathinta kanjani abafundi! Basanda kubona ulwandle obelunesiphepho esinamandla luzola ngokuphelele. Bafikelwa ukwesaba okungajwayelekile. Bakhuluma bodwa bathi: “Ungubani ngempela lo muntu? Ngisho nomoya nolwandle kuyamlalela.” Bafika bephephile ngaphesheya kolwandle. (Marku 4:41–5:1) Mhlawumbe ezinye izikebhe ebezisuke kanye nabo zikwazile ukubuyela emuva ogwini olusentshonalanga.

Ave kududuza ukwazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu inamandla okulawula izimo zezulu! Lapho isigxile ngokuphelele ekunakekeleni umhlaba wethu phakathi nokubusa kwayo, bonke abantu bayohlala ngokulondeka, ngoba ziyobe zingasekho izinhlelele zemvelo ezithusayo!