Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 23

UJesu Wenza Imisebenzi Emangalisayo EKapernawume

UJesu Wenza Imisebenzi Emangalisayo EKapernawume

MATHEWU 8:14-17 MARKU 1:21-34 LUKA 4:31-41

  • UJESU UKHIPHA IDEMONI

  • UMKHWEKAZI KAPETRU UYELASHWA

UJesu umeme abafundi abane—uPetru, u-Andreya, uJakobe noJohane—ukuba babe abadobi babantu. NgeSabatha, bonke baya esinagogeni lendawo eKapernawume. UJesu uyafundisa esinagogeni, nalapho abantu baphinde bamangale ngenxa yendlela afundisa ngayo. Ufundisa njengonegunya, hhayi njengababhali.

Kuleli Sabatha kukhona indoda enedemoni. Phakathi esinagogeni, le ndoda imemeza ngezwi elikhulu ithi: “Sihlangene ngani nawe Jesu waseNazaretha? Ingabe uzele ukuzosibhubhisa? Ngazi kahle ukuthi ungubani, ungoNgcwele kaNkulunkulu!” Ekhuza leli demoni elilawula le ndoda, uJesu uthi: “Thula, uphume kuye!”—Marku 1:24, 25.

Lapho uzwa lokho, lo moya omubi uphonsa le ndoda phansi, uyidlikize bese umemeza kakhulu. Idemoni liyaphuma kule ndoda kodwa ‘lingayilimazanga.’ (Luka 4:35) Abantu abasesinagogeni bayamangala! Bayabuzana: “Kuyini lokhu?” “Unegunya lokuyala ngisho nemimoya emibi futhi iyamlalela.” (Marku 1:27) Izindaba eziphathelene nalesi senzakalo esimangalisayo, zigcwala kulo lonke elaseGalile futhi kube kufanele.

UJesu nabafundi bakhe bayasuka esinagogeni, baye kubo kaSimoni noma uPetru. Lapho befika bathola umkhwekazi kaPetru egula kakhulu enomkhuhlane omubi. Bancenga uJesu ukuba amsize. Ngakho uJesu uya kuye ambambe ngesandla bese emsukumisa. Uyelapheka ngaso leso sikhathi, bese eqala ukunakekela uJesu nabafundi abakanye naye, mhlawumbe ebalungiselela ukudla.

Lapho sekuzoshona ilanga, abantu abavela kuzo zonke izindawo beza endlini kaPetru nezihlobo zabo ezigulayo. Ngokushesha kubonakala sengathi lonke idolobha selihlangene emnyango. Kungani? Bafuna ukwelashwa. Empeleni, “bonke ababenabantu abagulayo bephethwe izifo ezihlukahlukene babaletha kuye. Wabelapha ngokubeka izandla kumuntu ngamunye.” (Luka 4:40) Noma ngabe baphethwe yini, uJesu uyabasiza, njengoba nje kwakubikezelwe. (Isaya 53:4) Ukhulula ngisho nalabo abanamademoni. Njengoba le mimoya emibi iphuma, iyamemeza ithi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” (Luka 4:41) Kodwa uJesu uyayikhuza, angayivumeli ukuba ikhulume. Iyazi ukuthi uJesu unguKristu, kodwa akafuni ukuba yenze sengathi ikhonza uNkulunkulu weqiniso.