Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 32

Yini Umthetho Oyivumelayo NgeSabatha?

Yini Umthetho Oyivumelayo NgeSabatha?

MATHEWU 12:9-14 MARKU 3:1-6 LUKA 6:6-11

  • WELAPHA ISANDLA SENDODA NGESABATHA

Ngelinye iSabatha uJesu uya esinagogeni, cishe eliseGalile. Lapho uthola indoda eshwabene isandla sayo sokudla. (Luka 6:6) Ababhali nabaFarisi bayambukisisa uJesu. Kungani? Inhloso yabo yangempela iyavela lapho bebuza: “Kungokomthetho yini ukwelapha ngeSabatha?”—Mathewu 12:10.

Abaholi benkolo yobuJuda bakholelwa ukuthi ukwelapha ngeSabatha kuvumeleke kuphela uma ukuphila kusengozini. Ngokwesibonelo, okusho ukuthi akukho ngokomthetho ukuqondisa ithambo eliphukile noma ukubhandisha isenyelo ngeSabatha, okuyizimo ezingabeki ukuphila engozini. Kusobala ukuthi ababhali nabaFarisi ababuzi uJesu ngoba bekhathazeke ngempela ngokuhlupheka kwale ndoda. Bazama ukuthola isizathu sokubeka uJesu icala.

Nokho, uJesu uyakwazi ukucabanga kwabo okusontekile. Uyazi ukuthi sebenombono oweqisayo nongasekelwe emBhalweni mayelana nemisebenzi eyenqatshelwa umthetho weSabatha. (Eksodusi 20:8-10) Kakade useke wabhekana nokugxekwa ngokungafanele ngemisebenzi yakhe emihle. Manje uJesu ulungiselela ukubhekana nabo ngale ndaba ngokutshela le ndoda enesandla esishwabene: “Sukuma uze phakathi nendawo.”—Marku 3:3.

UJesu ubheka ababhali nabaFarisi, bese ethi: “Uma umuntu enemvu eyodwa bese leyo mvu iwela emgodini ngeSabatha, ubani phakathi kwenu ongeke ayibambe ayikhiphe?” (Mathewu 12:11) Imvu ingenisa imali, ngakho ngeke bayishiye emgodini kuze kube usuku olulandelayo, ngoba ingase ife bese belahlekelwa. Ngale kwalokho, imiBhalo ithi: “Olungile unakekela izilwane zakhe ezifuywayo.”—IzAga 12:10.

UJesu uqhubeka athi: “Umuntu ubaluleke ngisho nakakhulu kunemvu! Ngakho kungokomthetho ukwenza into enhle ngeSabatha.” (Mathewu 12:12) Ngakho uJesu uzobe engephuli umthetho weSabatha ngokwelapha le ndoda. Laba baholi benkolo abakwazi ukuwaphikisa la mazwi anengqondo nabonisa uzwela. Bavele bathule.

Ethukuthele futhi elusizi ngenxa yokucabanga kwabo okuyiphutha, uJesu uyaqalaza. Ube esethi kule ndoda: “Yelula isandla sakho.” (Mathewu 12:13) Lapho le ndoda yelula isandla sayo esishwabene, siyelapheka. Kuyayijabulisa ngempela lokhu le ndoda, kodwa bazizwa kanjani labo abazama ukucupha uJesu?

Kunokuba bajabule ngokuthi isandla sale ndoda selashiwe, abaFarisi bayahamba futhi ngokushesha bacebisane ‘namalungu eqembu likaHerode ukuze babulale [uJesu].’ (Marku 3:6) Kubonakala sengathi leli qembu lepolitiki, lihlanganisa neqembu lenkolo elibizwa ngokuthi abaSadusi. Ngokuvamile abaSadusi nabaFarisi abezwani, kodwa manje babumbene njengoba bephikisa uJesu.