Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 6

Umntwana Owayethenjisiwe

Umntwana Owayethenjisiwe

LUKA 2:21-39

  • UJESU UYASOKWA BESE KAMUVA EYISWA ETHEMPELINI

Esikhundleni sokubuyela eNazaretha, uJosefa noMariya bayahlala eBhetlehema. Ngokuvumelana noMthetho uNkulunkulu awunika ama-Israyeli, uJesu uyasokwa lapho esenezinsuku ezingu-8. (Levitikusi 12:2, 3) Ngokwesiko, ingane yomfana iqanjwa igama ngalolo suku. Indodana yabo bayiqamba ngokuthi uJesu, ngokwesiqondiso sengelosi uGabriyeli.

Sekudlule isikhathi esingaphezu kwenyanga, futhi manje uJesu usenezinsuku ezingu-40 ubudala. Bamyisa kuphi manje abazali bakhe? Bamyisa ethempelini eJerusalema, eliqhele ngamakhilomitha ambalwa ukusuka lapho behleli khona. UMthetho uthi ngemva kwezinsuku ezingu-40 owesifazane ebelethe indodana, kufanele alethe umnikelo wokuhlanzwa ethempelini.—Levitikusi 12:4-8.

Yilokho uMariya akwenzayo. Uletha umnikelo wezinyoni ezimbili ezincane. Lokhu kusitshela okuthile ngesimo somnotho sikaJosefa noMariya. UMthetho uthi kumelwe kunikelwe ngewundlu leduna nenyoni. Nokho, uma umama engenawo amandla okunikela ngewundlu leduna, wayenganikela ngamahobhe amabili noma ngamajuba amabili. Yilokho uMariya anikela ngakho.

Lapho uJosefa noMariya sebesethempelini, kuza indoda esikhulile kubo. Igama layo uSimeyoni. UNkulunkulu uyambulele ukuthi ngeke ife ingakamboni uKristu noma uMesiya othenjiswe uJehova. Ngalo lolu suku umoya ongcwele uholele uSimeyoni ethempelini, lapho ethola khona uJosefa noMariya kanye nosana lwabo. USimeyoni uthatha ingane ayiphathe.

Njengoba ephethe uJesu, uSimeyoni ubonga uNkulunkulu athi: “Manje, Nkosi EnguMbusi, uyayivumela inceku yakho ukuba ihambe ngokuthula, ngokwesimemezelo sakho, ngoba amehlo ami ayibonile indlela yakho yensindiso oyilungiselele phambi kwabo bonke abantu, ukukhanya kokususa umgubuzelo ezizweni nenkazimulo yabantu bakho u-Israyeli.”—Luka 2:29-32.

UJosefa noMariya bayamangala lapho bezwa lokhu. USimeyoni uyababusisa bese etshela uMariya ukuthi indodana yakhe ‘imiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi kwa-Israyeli,’ nokuthi usizi ayobhekana nalo luyoba njengenkemba emdabula ngaphakathi.—Luka 2:34.

Kunomunye futhi umuntu ethempelini namuhla. Ngu-Ana, umprofethikazi oneminyaka engu-84. Empeleni akwenzeki aphuthe ethempelini. Ube eseza kuJosefa noMariya kanye nosana olunguJesu. U-Ana ubonga uNkulunkulu futhi utshela bonke abamlalelayo ngoJesu.

Cabanga nje ukuthi bajabula kanjani oJosefa noMariya ngalezi zinto ezenzeka ethempelini! Ngokungangabazeki, konke lokhu kubenza baqiniseke ngokuthi indodana yabo ingoThenjisiwe kaNkulunkulu.