Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 1

Isethulo Esiphumelelayo

Isethulo Esiphumelelayo

IzEnzo 17:22

OKUFANELE UKWENZE: Isethulo sakho kufanele senze izilaleli zilangazelele ukuzwa okwengeziwe, zazi ukuthi yini okuzokhulunywa ngayo, nokuthi kungani kubalulekile kuzo lokho ozoxoxa ngakho.

INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:

  • Yenza izilaleli zilangazelele ukuzwa ozoxoxa ngakho. Khetha umbuzo, umusho, indaba eyenzeka ngempela noma izindaba ezisematheni, okuzokwenza izilaleli zifune ukuzwa okwengeziwe.

  • Veza ukuthi inkulumo yakho imayelana nani. Qiniseka ukuthi isethulo sakho senza kucace ezilalelini ukuthi inkulumo yakho imayelana nani, nokuthi yini ofisa ukuyifeza ngayo.

  • Bonisa ukuthi kungani indaba oxoxa ngayo ibalulekile. Okushoyo kufanele kuvumelane nezidingo zezilaleli zakho. Kufanele kucace kuzo ukuthi indaba oxoxa ngayo izozisiza kanjani.