Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 10

Ukushintshashintsha Kwezwi

Ukushintshashintsha Kwezwi

IzAga 8:7

OKUFANELE UKWENZE: Dlulisela amaphuzu ngendlela ezothinta imizwa yezilaleli ngokushintshashintsha umsindo wezwi, iphimbo nejubane.

INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:

  • Shintshashintsha umsindo wezwi lakho. Nyusa izwi ukuze ugcizelele amaphuzu ayinhloko futhi ukhuthaze izilaleli zakho. Yenza okufanayo nalapho ufunda imiBhalo ekhuluma ngezahlulelo. Yehlisa izwi lakho lapho ufuna ukuvusa ilukuluku ezilalelini, noma lapho ufuna ukuveza umuzwa wokwesaba noma wokukhathazeka.

  • Shintshashintsha iphimbo lakho. Uma kwamukelekile olimini lwakho, khuphula iphimbo uma ufuna ukubonisa umfutho noma lapho ugcizelela ubukhulu nokuqhela kwento. Nciphisa iphimbo lakho lapho ufuna ukuveza umuzwa wosizi noma wokukhathazeka.

  • Shintshashintsha ijubane lakho. Khuluma usheshe lapho ufuna ukubonisa injabulo, unciphise ijubane lapho ugcizelela amaphuzu abalulekile.