Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 11

Intshiseko

Intshiseko

Roma 12:11

OKUFANELE UKWENZE: Khuthaza izilaleli zakho ngokukhuluma ngentshiseko.

INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:

  • Qale ukuqonde wena ozokusho. Njengoba ulungiselela, cabanga ngokuthi kungani indaba ozokhuluma ngayo ibalulekile. Yazi kahle indaba ozokhuluma ngayo, ukuze ukhulume ngokusuka enhliziyweni.

  • Cabanga ngezilaleli zakho. Cabangisisa ngokuthi lokho ozokufunda noma ozokufundisa kuzobasiza kanjani abanye. Cabanga ngendlela ongayethula ngayo indaba yakho, ezokwenza izilaleli zakho ziyithande kakhulu.

  • Yiba nomdlandla. Khuluma ngentshiseko. Nyakazisa umzimba ngendlela engokwemvelo futhi ubuso bakho abubonise indlela ozizwa ngayo.