Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 13

Izinzuzo Zokusebenzisa Amaphuzu Zicacisiwe

Izinzuzo Zokusebenzisa Amaphuzu Zicacisiwe

IzAga 3:21

OKUFANELE UKWENZE: Siza izilaleli zibone ukuthi indaba oxoxa ngayo ikuthinta kanjani ukuphila kwazo, uzibonise nokuthi yini okufanele ziyenze ngolwazi ezilutholile.

INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:

  • Cabanga ngezilaleli zakho. Cabangisisa ngokuthi kungani izilaleli ziludinga ulwazi ozoludlulisela kuzo, ucabange nangamaphuzu enkulumo yakho azoba usizo ngokukhethekile kuzo.

  • Kuyo yonke inkulumo, bonisa izilaleli zakho ukuthi yini okufanele ziyenze. Zisuka nje, yenza isilaleli ngasinye sibe nomuzwa wokuthi ‘Le ndaba izongisiza ngempela.’ Lapho uchaza okwengeziwe ngephuzu eliyinhloko, bonisa indlela elingasebenza ngayo ekuphileni. Ungagwegwesi lize lingacaci iphuzu.