Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 16

Iyakha Futhi Iyakhuthaza

Iyakha Futhi Iyakhuthaza

Jobe 16:5

OKUFANELE UKWENZE: Gxila ezintweni ezikhuthazayo futhi ezenza izilaleli zibe nethemba.

INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:

  • Yiba nombono omuhle ngezilaleli zakho. Bathembe abafowenu ukuthi bayafuna ukujabulisa uJehova. Ngisho nalapho kufanele ubeluleke, qale uthole okuhle ongabancoma ngakho.

  • Ungakhulumi kakhulu ngezinto ezingezinhle. Uma kunesizathu sokukhuluma ngezinto ezingezinhle, zigcine zisezingeni elifanele. Inkulumo iyonke kufanele yakhe.

  • Lisebenzise kahle iZwi likaNkulunkulu. Qokomisa izinto uJehova azenzile, lezo azenzayo manje, nalezo asazozenzela abantu. Nikeza izilaleli zakho ithemba futhi uzikhuthaze.