Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 18

Iyafundisa

Iyafundisa

1 Korinte 9:19-23

OKUFANELE UKWENZE: Yenza izilaleli zakho zicabange ngendaba oxoxa ngayo, uzishiye zanelisekile futhi zizuzile.

INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:

  • Cabanga ngokuthi kungakanani izilaleli zakho esezikwazi ngendaba. Kunokuphinda izinto izilaleli zakho esezike zazizwa ngaphambili, zisize zithole umqondo omusha ngendaba.

  • Cwaninga bese uyacabangisisa. Uma kungenzeka, bonisa ukuthi amaphuzu ayinhloko asebenza kanjani ngokusebenzisa izibonelo ezingajwayelekile noma izindaba zakamuva. Cabangisisa ngendaba ozoxoxa ngayo nokuthi ihlobana kanjani nezibonelo ohlele ukuzisebenzisa.

  • Bonisa ukubaluleka kwendaba okhuluma ngayo. Chaza ukuthi amaphuzu aseBhayibhelini angazisiza kanjani izilaleli zakho ekuphileni kwansuku zonke. Xoxa ngezimo ezithile izilaleli zakho ezibhekana nazo, indlela okufanele zibhekane ngayo nalezo zimo, nezinyathelo okufanele zizithathe esimweni ngasinye.