Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 19

Ukuzama Ukufinyelela Inhliziyo

Ukuzama Ukufinyelela Inhliziyo

IzAga 3:1

OKUFANELE UKWENZE: Siza izilaleli zakho zikujabulele lokho ezikufundayo futhi zizimisele ukukwenza.

INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:

  • Siza izilaleli zakho zizihlole. Sebenzisa imibuzo ezokwenza izilaleli zakho zihlole imizwa yazo ngokuqondene nendaba okhuluma ngayo.

  • Bonisa ukubaluleka kokuba nezisusa ezinhle. Khuthaza izilaleli zakho ukuba zizihlole ukuthi kungani ngempela zenza imisebenzi emihle. Zisize zifune ukwenza okuhle ngoba zithanda uJehova, omakhelwane nezimfundiso zeBhayibheli. Bonisana nezilaleli zakho; ungazishumayezi. Kunokuzibangela amahloni noma uzenze zizizwe zinecala, inkulumo yakho mayishiye izilaleli zikhuthazekile futhi zifuna ukwenza nakangcono.

  • Yenza izilaleli zicabange ngoJehova. Bonisa indlela izimfundiso, nemiyalo eseBhayibhelini eveza ngayo ubuntu bukaJehova nendlela asithanda ngayo. Siza izilaleli zakho zizimisele ukucabanga ngemizwa kaJehova nangendlela ezingamjabulisa ngayo.