Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 2

Ukukhuluma Ngendlela Engokwemvelo

Ukukhuluma Ngendlela Engokwemvelo

2 Korinte 2:17

OKUFANELE UKWENZE: Khuluma ngendlela engokwemvelo eveza ukuthi uzizwa kanjani ngezilaleli zakho nangendaba oxoxa ngayo.

INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:

  • Thandaza futhi ulungiselele kahle. Cela ukuba uJehova akusize ungagxili kuwe kodwa ugxile emyalezweni okumelwe uwudlulise. Wazi kahle amaphuzu ayinhloko ofuna ukuwadlulisa. Khuluma ngamazwi akho, ungamane nje ufunde okubhaliwe.

  • Khuluma ngokusuka enhliziyweni. Cabanga ngokuthi kungani izilaleli zakho zidinga ukukuzwa lokho ozokusho. Gxila kuzo. Uma wenza kanjalo indlela oma ngayo, ukunyakaza komzimba wakho nokubukeka kobuso bakho, kuzobonisa ubungane nemfudumalo.

  • Zibheke izilaleli zakho. Bheka izilaleli emehlweni uma lokho kwamukelekile kubantu okhuluma nabo. Lapho ukhuluma, bheka umuntu ngamunye ezilalelini zakho kunokumane uzijeqeze.