Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 20

Isiphetho Esiphumelelayo

Isiphetho Esiphumelelayo

UmShumayeli 12:13, 14

OKUFANELE UKWENZE: Lapho usuphetha, khuthaza izilaleli zakho ukuba zikwamukele futhi zikusebenzise ezikufundile.

INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:

  • Isiphetho sakho masixhumane kahle nayo yonke indaba. Phinda isihloko namaphuzu abalulekile.

  • Khuthaza izilaleli zakho. Bonisa izilaleli zakho lokho okufanele zikwenze nezizathu zokukwenza. Khuluma ngendlela ebonisa ukuthi uyakukholelwa lokho okushoyo.

  • Isiphetho sakho masibe lula futhi singabi side. Ungafaki amaphuzu amasha esiphethweni. Usebenzisa amagama ambalwa, khuthaza izilaleli zakho ukuba zenze lokho okufanele zikwenze.