Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 6

Iphuzu ElisemBhalweni Licacisiwe

Iphuzu ElisemBhalweni Licacisiwe

Johane 10:33-36

OKUFANELE UKWENZE: Ungagcini ngokufunda umBhalo nje bese udlulela ephuzwini elilandelayo. Qiniseka ukuthi izilaleli zakho ziyakuthola ukuhlobana komBhalo owufundile nephuzu okhuluma ngalo.

INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:

  • Hlukanisa amagama ayinhloko. Ngemva kokufunda umBhalo, gcizelela amagama akuwo ahlobana nephuzu ozama ukulicacisa. Lokho ungakwenza ngokuwaphinda lawo magama noma ngokubuza imibuzo eyenza ukuba izilaleli zakho zizibonele zona amagama ayinhloko emBhalweni.

  • Gcizelela iphuzu elibalulekile. Uma uqale wacacisa isizathu sokufunda umBhalo, chaza ukuthi amagama ayinhloko akulowo mBhalo ahlobana kanjani nesizathu osinikezile sokuwufunda.

  • Bonisa ngendlela elula ukuthi umBhalo usebenza kanjani. Gwema ukukhuluma ngemininingwane engabalulekile nengalisekeli iphuzu eliyinhloko. Ucabangela lokho izilaleli zakho ezikwaziyo ngesihloko sendaba, nquma ukuthi mangakanani amaphuzu abalulekile ozowakhulumela ukuze ucacise iphuzu lakho.