Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 8

Imifanekiso Efundisayo

Imifanekiso Efundisayo

Mathewu 13:34, 35

OKUFANELE UKWENZE: Thuthukisa indlela ofundisa ngayo ngokusebenzisa imifanekiso elula nezozikhanga izilaleli zakho futhi ifundise amaphuzu abalulekile.

INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:

  • Khetha imifanekiso elula. NjengoJesu, sebenzisa izinto ezincane ukuze uchaze izinto ezinkulu futhi usebenzise izinto ezilula ukuze uchaze izinto okunzima ukuziqonda. Unganezeli imininingwane engenasidingo engenza umfanekiso wakho ugcine ungasaqondakali. Qiniseka ukuthi konke okushoyo emfanekisweni wakho kuyahambisana nephuzu ozama ukuliveza, ukuze izilaleli zakho zingadideki ukuthi okushoyo kuhlangana kanjani nalokho okufundisayo.

  • Cabanga ngezilaleli zakho. Khetha imifanekiso ehambisana nezinto izilaleli zakho ezizithandayo noma ezivame ukuzenza. Qaphela ukuba imifanekiso yakho ingaziphathi kabi izilaleli zakho noma izibangele amahloni.

  • Fundisa amaphuzu abalulekile. Sebenzisa imifanekiso ukuze uveze amaphuzu abalulekile hhayi imininingwane emincane. Qikelela ukuthi isilaleli sakho ngeke sikhumbule kuphela umfanekiso owusebenzisile kodwa sizolikhumbula nephuzu obufuna ukuliveza ngalowo mfanekiso.