Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

‘Yibani abafundisi.’ (Heb. 5:12) Cabanga nje! UJehova—uMfundisi obedlula bonke emhlabeni nasezulwini—umema thina ukuba sifundise abanye ngaye! Noma yiliphi ithuba esilitholayo lokufundisa abanye iqiniso ngoJehova—kungaba semndenini, ebandleni noma ensimini—liyilungelo esingeke saliqhathanisa nalutho futhi okungafanele silithathe kalula. Singawasebenzisa kanjani amathuba anjalo ngempumelelo?

Impendulo siyithola encwadini umphostoli uPawulu ayibhalela uThimothewu, inala mazwi: “Qhubeka uzimisela ekufundeleni iningi, ekukhuthazeni, ekufundiseni.” UPawulu wanezela: “Ngokwenza lokhu uyozisindisa wena nabakulalelayo.” (1 Thim. 4:13, 16) Unomyalezo okumelwe uwutshele abantu, ongasindisa ukuphila kwabo. Ngakho kubalulekile ukuba uzimisele ukuthuthuka endleleni ofunda nofundisa ngayo. Le ncwajana izokusiza ukwazi ukukwenza lokho. Nazi ezinye izinto ezihlelelwe ukukusiza.

Ikhasi ngalinye linomBhalo okusekelwe kuwo iphuzu elikulelo khasi, noma obonisa indlela lelo phuzu elisetshenziswe ngayo kulowo mBhalo

UJehova ‘unguMfundisi Omkhulu.’ (Isaya 30:20) Nakuba le ncwajana izokusiza uthuthukise amakhono akho njengomfundi nomfundisi, ungalokothi ukhohlwe ukuthi uMthombo womyalezo nguJehova nokuthi nguye odonsela abantu kuye. (Joh. 6:44) Ngakho, ungayeki ukuthandaza ucele umoya ongcwele. Lisebenzise njalo iZwi likaNkulunkulu. Qikelela ukuthi ngaso sonke isikhathi udumo luya kuJehova hhayi kuwe. Lwela ngaso sonke isikhathi ukusiza izilaleli zakho zijulise uthando ngoJehova.

Umenywe ukuba ufundise abantu umyalezo obaluleke kunayo yonke. Asingabazi ukuthi uzophumelela njengoba uncike “emandleni anikezwa nguNkulunkulu.”—1 Pet. 4:11.

Abafundisi abakanye nawe,

INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova