Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
Incwadi yeBhayibheli kaHezekeli ineziprofetho eziningi ezigxile ekubuyiselweni kwendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu. Zisithinta kanjani lezi ziprofetho?
Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo
Kuyisifiso sethu esikhulu ukuba le ncwadi ikusize ukhonze uJehova ngendlela emsulwa nemfanele.
Ukuchazwa Kwamathuluzi Okufundisa
Amabhokisi okufundisa namashadi anikeza ulwazi olwengeziwe oluzokusiza ukuqonde nakakhulu okufundayo.
ISAHLUKO 1
“NguJehova UNkulunkulu Wakho Okumelwe Umkhonze”
Ngokubangela ukuhlubuka kwase-Edene, uSathane akagcinanga ngokuhlasela ubukhosi bukaJehova noma ilungelo lakhe lokubusa, kodwa wahlasela nendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu.
ISAHLUKO 2
“UNkulunkulu Wazamukela” Izipho Zabo
Isibonelo esabekwa amadoda okholo siveza ukuthi ukukhonza ngendlela eyamukelwa uNkulunkulu kudinga izinto ezine ezibalulekile.
INGXENYE 1
“Amazulu Avuleka”
ISAHLUKO 3
“Ngaqala Ukubona Imibono KaNkulunkulu”
Umbono wokuqala kaHezekeli umshiya emangele. Usho lukhulu ezincekwini zikaNkulunkulu ezithembekile namuhla.
ISAHLUKO 4
Zingobani ‘Izidalwa Eziphilayo Ngasinye Esinobuso Obune’?
UJehova wanikeza uHezekeli izinto akwazi ukuzibona ezisisiza siqonde izinto ebesingeke sikwazi ukuziqonda.
ISAHLUKO 5
‘Bona Izinto Ezimbi, Ezinengekayo Abazenzayo’
UHezekeli ubona izinto ezishaqisayo ezibonisa ukuthi ubuhlobo besizwe noNkulunkulu base bonakele.
ISAHLUKO 6
‘Manje Ukuphela Kunifikele’
Isiprofetho uHezekeli ayesenza ngokoqobo sasibikezela ukuboniswa kwentukuthelo kaJehova ngeJerusalema.
ISAHLUKO 7
Izizwe ‘Zizokwazi Ukuthi NginguJehova’
Izizwe ezangcolisa igama likaJehova, zahlupha abantu bakhe futhi zenza ukuba bone, zazingeke zikwazi ukubalekela imiphumela yezenzo zazo. Sifundani ekusebenzelaneni kuka-Israyeli nalezo zizwe?
ISAHLUKO 8
“Ngiyomisa Umalusi Oyedwa”
UNkulunkulu uphefumulela uHezekeli ukuba abhale isiprofetho esiphathelene noMesiya, uMbusi wesikhathi esizayo noMalusi wabantu bakaNkulunkulu, oyobuyisela indlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu.
ISAHLUKO 9
“Ngiyobanika Inhliziyo Enobunye”
Ingabe iziprofetho ezanikezwa amaJuda athembekile ayedingiswe eBhabhiloni ziyasithinta thina?
ISAHLUKO 10
‘Nizophila’
UHezekeli uthola umbono wesigodi esigcwele amathambo avukayo aphile. Usho ukuthini lo mbono?
ISAHLUKO 11
“Ngikwenze Umlindi”
Uyini umsebenzi walo mlindi? Yisiphi isixwayiso okumelwe asimemezele?
ISAHLUKO 12
“Ngizobenza Babe Isizwe Esisodwa”
UJehova uthembisa ukuthi uzophinde enze abantu bakhe babe munye.
ISAHLUKO 14
“Lona Umthetho Wethempeli”
Iziphi izifundo okungenzeka amaJuda ayephila esikhathini sikaHezekeli azifunda ethempeli alibona embonweni? Lo mbono usho ukuthini kithi namuhla?
ISAHLUKO 15
“Ngiyobuqeda Ubufebe Bakho”
Yini esingayifunda encwadini kaHezekeli neyesAmbulo ngencazelo yezifebe?
ISAHLUKO 16
‘Beka Uphawu Eziphongweni’
Indlela ababebekwa ngayo uphawu abathembekile osukwini lukaHezekeli ibalulekile kithi.
ISAHLUKO 18
“Ulaka Lwami Olukhulu Luyovuka”
Ukuhlasela kukaGogi kubangela uJehova ukuba athukuthele, okwenza uNkulunkulu avikele abantu bakhe.
ISAHLUKO 19
“Noma Kuphi Lapho Kugelezela Khona La Manzi Yonke Into Iyophila”
Umbono kaHezekeli womfula ogeleza usuka ethempelini wagcwaliseka kanjani endulo, ugcwaliseka kanjani namuhla, uyogcwaliseka kanjani esikhathini esizayo?
ISAHLUKO 20
‘Yabani Izwe Ukuze Libe Yifa’
Embonweni, uNkulunkulu uyala uHezekeli nadingiswe nabo ukuba babele izizwe zakwa-Israyeli iZwe Lesithembiso.
ISAHLUKO 21
“Igama Ledolobha . . . Kuyothiwa UJehova Ulapho”
Yiziphi izifundo esingazithola embonweni kaHezekeli wedolobha negama lalo elinencazelo ebalulekile?
ISAHLUKO 22
“Khulekela UNkulunkulu”
Injongo yale ncwadi ukusisiza sizimisele ukukhonza uJehova uNkulunkulu kuphela.
Ukufingqwa Kwamaqiniso Acacisiwe
Kungani ishintshiwe indlela esiqonda ngayo ezinye zeziprofetho ezisencwadini kaHezekeli?
IBHOKISI LOKUFUNDISA 1A
Kuyini Ukukhonza?
Ukukhonza kungachazwa kanjani? Kuchazwe kanjani encwadini kaHezekeli? Kuhilelani ukukhonza uNkulunkulu ngendlela emsulwa?
IBHOKISI LOKUFUNDISA 1B
Okuqukethwe Incwadi KaHezekeli
Le ncwadi ingahlukaniswa ngokwendlela izenzakalo ezilandelana ngayo nangendlela izihloko ezilandelana ngayo.
IBHOKISI LOKUFUNDISA 2A
Indlela Yokuqonda Iziprofetho ZikaHezekeli
Le ncwadi inemibono, imifanekiso, imizekeliso nezinto ezenziwa ngokoqobo. Konke kwakuyimiyalezo ephefumulelwe uNkulunkulu yezinto ezaziseza.
IBHOKISI LOKUFUNDISA 2B
UHezekeli—Ukuphila Kwakhe Nesikhathi Aphila Ngaso
Abanye abaprofethi babeprofetha ngasikhathi sinye noHezekeli. Kunezenzakalo ezibalulekile emlandweni wabantu bakubo ezenzeka ngesikhathi esaphila.
IBHOKISI LOKUFUNDISA 3A
Uhambo Olude Oluya EBhabhiloni
Iyiphi indlela okungenzeka abadingisiwe bahamba ngayo besuka kwaJuda beya eBhabhiloni?
IBHOKISI LOKUFUNDISA 4A
“Ngangibuka Lezi Zidalwa Eziphilayo”
Uyini umehluko phakathi kwezidalwa ezine uHezekeli azibona embonweni nezizemazema zezithombe zase-Asiriya naseBhabhiloni lasendulo?
IBHOKISI LOKUFUNDISA 5A
“Uyakubona Yini Lokhu Ndodana Yomuntu?”
UHezekeli ubona izinto ezine ezinyanyekayo egcekeni nasethempelini.
IBHOKISI LOKUFUNDISA 6A
“Gunda Ikhanda Lakho Nentshebe”
Eqondiswa uNkulunkulu, uHezekeli ukwenza ngokoqobo lokho iziprofetho ezikushoyo ngalokho okuzokwenzeka maduze eJerusalema.
IBHOKISI LOKUFUNDISA 7A
Izizwe Ezazizungeze IJerusalema
KwaJuda nasezindaweni ezazimzungezile kwakuba nezimpi eziningi kubangwa ukubuswa kwezwe.
IBHOKISI LOKUFUNDISA 7B
Izinkulumo Ezibalulekile Encwadini KaHezekeli
Kunamazwi athile aphindwa kaningi kule ncwadi eyisiprofetho.
IBHOKISI LOKUFUNDISA 8A
Isiprofetho Esimayelana NoMesiya—Isihlahla Somsedari Esikhulu Ngokubabazekayo
Sisho ukuthini isiphicaphicwano esikuHezekeli isahluko 17?
IBHOKISI LOKUFUNDISA 8B
Iziprofetho Ezintathu Ezimayelana NoMesiya
Iziprofetho zikaHezekeli ezibonisa ukuthi umholi wabantu bakaNkulunkulu wayezoba nelungelo elingokomthetho lokubusa njengendlalifa yeNkosi uDavide.
IBHOKISI LOKUFUNDISA 9A
UJehova Uyazigcina Izithembiso Zakhe—Endulo
UNkulunkulu uphefumulela uHezekeli ukuba atshele abantu iziprofetho ezinhlanu eziphathelene nokukhululwa nokubuyiselwa kwendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu.
IBHOKISI LOKUFUNDISA 9B
Kungani Sithi U-1919?
Kungani sithi abantu bakaNkulunkulu bakhululwa ekugqilazweni iBhabhiloni Elikhulu ngo-1919?
IBHOKISI LOKUFUNDISA 9C
UJehova Uyazigcina Izithembiso Zakhe—Osukwini Lwethu
Ezinye zezithembiso zikaNkulunkulu zigcwaliseke kanjani kabili?
IBHOKISI LOKUFUNDISA 9D
Iziprofetho Ezimayelana Nokuthunjwa, Nokubuyiselwa Kwendlela Emsulwa Yokukhonza UNkulunkulu
Iziprofetho ezimayelana nokuthunjelwa kwamaJuda eBhabhiloni lasendulo zagcwaliseka ngezinga elikhulu lapho ngokuhamba kwesikhathi ibandla lobuKristu lithunjwa iBhabhiloni Elikhulu.
IBHOKISI LOKUFUNDISA 9E
‘Izikhathi Zokwenziwa Kwazo Zonke Izinto Zibe Zintsha’
Umphostoli uPetru waphefumulelwa ukuba abikezele inkathi eyayiyoqala lapho uKristu ebekwa esihlalweni sobukhosi iqhubeke kuze kuphele iMinyaka Eyinkulungwane.
IBHOKISI LOKUFUNDISA 10A
Indlela Emsulwa Yokukhonza UNkulunkulu—Iyabuyiselwa Kancane Kancane
Yiziphi izinto ezenzeka ezavulela umsebenzi wokushumayela ithuba?
IBHOKISI LOKUFUNDISA 10B
“Amathambo Omile” ‘Nofakazi Ababili’—Kuhlobana Kanjani?
Lezi ziprofetho zigwaliseka kanjani namuhla?
IBHOKISI LOKUFUNDISA 10C
Ukusizwa Ukuba Siphinde Sime Ngezinyawo
Ngezinye izikhathi, singase sizizwe sicindezelekile futhi sikhathele, kodwa sithola amandla embonweni ophathelene namathambo omile avuselelekayo aphile.
IBHOKISI LOKUFUNDISA 11A
Abanye Babalindi Abayisibonelo
Baphikiswa, bahlala beqotho, bamemezela izixwayiso nezindaba ezinhle.
IBHOKISI LOKUFUNDISA 12A
Ukuhlanganiswa Kwezinduku Ezimbili
Lezi zinduku zazimelela bani endulo futhi zimelela bani ezikhathini zethu?
IBHOKISI LOKUFUNDISA 13A
Amathempeli Angafani, Izifundo Ezingafani
Ithempeli elabonwa uHezekeli lihluke kanjani kulelo elachazwa umphostoli uPawulu?
IBHOKISI LOKUFUNDISA 14A
Izifundo Esizifunda Ethempelini Elabonwa UHezekeli Embonweni
Iziphi izifundo ozifundile ethempelini elabonwa uHezekeli embonweni ongazisebenzisa endleleni okhonza ngayo uNkulunkulu?
IBHOKISI LOKUFUNDISA 15A
Abesifazane Bandawonye Abayizifebe
Indlela uJehova achaza ngayo u-Ohola no-Oholiba ibonisa indlela azizwa ngayo ngalabo abalimelela kabi igama lakhe elingcwele nemithetho yokumkhonza ngendlela emsulwa.
IBHOKISI LOKUFUNDISA 16A
Ingabe IJerusalema Lalifanekisela ELobukholwa?
Sayilungiselani indlela esiqonda ngayo?
IBHOKISI LOKUFUNDISA 16B
Ukububula Nokuquma, Ukubeka Uphawu Nokuphihliza—Kuyokwenzeka Nini Futhi Kanjani?
Umbono okuHezekeli 9 ungasisiza sibhekane nokuphela kwalesi simiso sezinto ngokuqiniseka.
IBHOKISI LOKUFUNDISA 18A
UJehova Uxwayisa Ngempi Enkulu Ezayo
IBhayibheli libikezela ngempi enkulu ezayo lapho uNkulunkulu eyobhubhisa bonke labo abamphikisayo.
IBHOKISI LOKUFUNDISA 19A
Imifula Yezibusiso Ezivela KuJehova
Ababhali beBhayibheli abaningana basebenzisa umfanekiso ofanayo lapho befanekisela izibusiso zikaJehova.
IBHOKISI LOKUFUNDISA 19B
Umfudlana Uba Umfula!
Umelelani umfudlana ogeleza usuka endlini kaNkulunkulu engcwele?
IBHOKISI LOKUFUNDISA 20A
Ukwabiwa Kwezwe
Umbono kaHezekeli wokwabiwa kwezwe wakhuthaza amaJuda ayedingisiwe, uyabakhuthaza nabantu bakaNkulunkulu namuhla.
IBHOKISI LOKUFUNDISA 21A
“Umnikelo Okufanele Niwuhlukanisele UJehova”
Yiziphi izindawo ezinhlanu ezakha izwe uNkulunkulu alihlukanisele injongo ekhethekile? Zifeza yiphi injongo?
IBHOKISI LOKUFUNDISA 22A
Ukubhekana Novivinyo Lokugcina
Balindelwe yini labo abayophumelela ovivinyweni lokugcina?