IBHOKISI LOKUFUNDISA 6A
“Gunda Ikhanda Lakho Nentshebe”
UHezekeli wazenza ngokoqobo izenzakalo ezazizokwenzeka maduze eJerusalema
-
“Gunda Ikhanda”
AmaJuda ayeyohlaselwa aqothulwe
-
“Ukale Izinwele Uzihlukanise”
Babeyokwahlulelwa ngokuphelele
-
‘Zishise Ngomlilo’
Abanye babeyofela edolobheni
-
‘Zishaye Ngenkemba’
Abanye babeyobulawelwa ngaphandle kwedolobha
-
‘Zisakaze Emoyeni’
Abanye babeyobaleka, kodwa babengeke bakuthole ukuthula
-
“Zisonge Ngemiphetho Yengubo”
Ezinye izithunjwa zaziyobuyela eJerusalema futhi indlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu yayiyolondolozwa