Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHOKISI LOKUFUNDISA 19A

Imifula Yezibusiso Ezivela KuJehova

Imifula Yezibusiso Ezivela KuJehova

Cabanga ngamavesi ambalwa eBhayibheli asebenzisa igama elithi “umfula” nelithi “amanzi” ukuze afanekisele izibusiso ezigeleza zivela kuJehova. Lapho siwafunda, kusikhuthaza kakhulu ukuzwa indlela uJehova ayosibusisa ngayo. Uyosibusisa kanjani?

JOWELI 3:18 Lesi siprofetho sibonisa isiphethu esiqhamuka endlini engcwele yethempeli. Siyageleza ukuze sinisele “iSigodi Sezihlahla Zomtholo” esomile. Ngakho uJoweli noHezekeli babona umfula uletha ukuphila endaweni eyomile. Kuzo zombili lezi zindaba, umfula usuke uvela endlini kaJehova noma ethempelini lakhe.

ZAKARIYA 14:8 Umprofethi uZakariya ubona “amanzi anika ukuphila” egeleza evela edolobheni laseJerusalema. Ingxenye yamanzi igelezela olwandle olusempumalanga, noma uLwandle Olufile, enye ingxenye igelezele olwandle olusentshonalanga, noma uLwandle LwaseMedithera. IJerusalema ‘laliyidolobha leNkosi enkulu,’ uJehova uNkulunkulu. (Math. 5:35) Ukukhuluma kukaZakariya ngalelo dolobha kusikhumbuza ukuthi esikhathini esizayo uJehova uyobusa umhlaba wonke. Sekuyisikhathi eside siqonda ukuthi amanzi okukhulunywa ngawo kulesi siprofetho asho ukuthi uJehova uyobusisa amaqembu amabili abantu abathembekile ePharadesi, labo abayosinda osizini olukhulu nalabo abayovuswa kamuva.

ISAMBULO 22:1, 2 Umphostoli uJohane ubona umfula ongokomfanekiso othi awufane nalowo owabonwa uHezekeli. Kodwa wona awuveli ethempelini, uvela esihlalweni sobukhosi sikaJehova. Ngakho lo mbono, njengalowo kaZakariya, ubonakala ugcizelela izibusiso eziyoba khona phakathi nokubusa kweMinyaka Eyinkulungwane eziyolethwa uNkulunkulu.

Mncane umehluko okhona phakathi kwezibusiso ezitholakala ngenxa yokubusa kukaJehova nalezo ezifanekiselwa umfula uHezekeli awubona embonweni. Zonke lezo zibusiso zivela kuJehova futhi zigelezela kubo bonke abantu abathembekile.

IHUBO 46:4 Phawula ukuthi leli vesi lizihlanganisa zombili lezi zinto—ukukhonza nokubusa. Lapha kukhulunywa ngomfula othokozisa “idolobha likaNkulunkulu,” okubhekisela eMbusweni nasekubuseni, kuphinde kukhulunywe ‘ngetabernakele elikhulu elingcwele loPhezukonke,’ okubhekisela endleleni emsulwa yokukhonza uNkulunkulu.

Uma siwafunda wonke la mavesi, asiqinisekisa ngokuthi uJehova uyobusisa abantu abathembekile ngezindlela ezimbili. Siyozuza kuze kube phakade, okokuqala, ekubuseni kwakhe, okwesibili, elungiselelweni alenzile lokumkhonza ngendlela emsulwa. Ngakho masizimisele manje ukuqhubeka sifuna “amanzi aphilayo” kuJehova uNkulunkulu naseNdodaneni yakhe—okungamalungiselelo othando okuthola ukuphila okuphakade!—Jer. 2:13; Joh. 4:10.