Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHOKISI LOKUFUNDISA 2A

Indlela Yokuqonda Iziprofetho ZikaHezekeli

Indlela Yokuqonda Iziprofetho ZikaHezekeli

SIYINI ISIPROFETHO?

EBhayibhelini, igama lesiHebheru elithi na·vaʼʹ, elihunyushwe ngokuthi “ukuprofetha,” lisho ukumemezela umyalezo ophefumulelwe, isahlulelo, imfundiso noma umyalo ovela kuNkulunkulu. Lingase libhekisele nasesimemezelweni esivela kuNkulunkulu sento ezayo. Iziprofetho zikaHezekeli zihlanganisa zonke lezo zinhlobo zezinto ezambulwe uNkulunkulu.—Hez. 3:10, 11; 11:4-8; 14:6, 7; 37:9, 10; 38:1-4.

INDLELA EZILETHWA NGAYO

  • IMIBONO

  • IMIFANEKISO

  • UKWENZA NGOKOQOBO

Incwadi kaHezekeli inemibono, imifanekiso, imizekeliso futhi ubuye ayenze ngokoqobo imiyalezo eyisiprofetho anikwe yona.

UKUGCWALISEKA KWAZO

Ngezinye izikhathi iziprofetho ezishiwo uHezekeli zigcwaliseka ngendlela engaphezu kweyodwa. Ngokwesibonelo, ezimayelana nokubuyiselwa kwendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu zagcwaliseka ngezinga elithile lapho abantu bakaNkulunkulu bebuyela eZweni Lesithembiso. Kodwa njengoba kushiwo eSahlukweni 9 sale ncwadi, iziprofetho eziningi eziphathelene nokubuyiselwa kwendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu ziyagcwaliseka namuhla futhi ziyophinde zigcwaliseke esikhathini esizayo.

Esikhathini esidlule, izinto eziningi esasizifunda eziprofethweni zikaHezekeli sasizibheka njengezimelela okuthile okuseza. Nokho, le ncwadi iyagwema ukuchaza umuntu othile, into, indawo noma isenzakalo njengesifuzisela okuthile okuzogcwaliseka osukwini lwanamuhla, ngaphandle uma kunesizathu esicacile esisekelwe emiBhalweni sokwenza kanjalo. * Kunalokho, izobonisa ukugcwaliseka okukhulu nakakhulu kweziprofetho eziningi zikaHezekeli. Izohlola nezinto esingazifunda emyalezweni kaHezekeli, kubantu, ezindaweni nasezenzakalweni akhuluma ngazo.

^ par. 12 Ukuze uthole ingxoxo ephathelene nezinto ezifuziselayo nezifuziselwayo, bheka INqabayokulinda ka-March 15, 2015, kk. 5-7, izig. 7-12; nesihloko esithi “Imibuzo Evela Kubafundi,” kk. 17-18 ayo le Nqabayokulinda.