Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHOKISI LOKUFUNDISA 14A

Izifundo Esizifunda Ethempelini Elabonwa UHezekeli Embonweni

Izifundo Esizifunda Ethempelini Elabonwa UHezekeli Embonweni

Indlela Emsulwa Yokukhonza UNkulunkulu Iyaphakanyiswa Futhi Iyavikelwa

Ithempeli elisembonweni liphakanyiselwa phezu “kwentaba ephakeme kakhulu” (1). Ingabe thina siyiphakamisile indlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu sayenza yabaluleka kunakho konke okunye ekuphileni kwethu?

Udonga olwalubiyele (2) isakhiwo sethempeli esasimaphakathi nendawo enkulu (3) lusikhumbuza ukuthi akumelwe nanini sivumele noma yini ukuba yonakalise indlela esikhonza ngayo uJehova. Uma izinto ‘ezivamile’ kumelwe ziqheliselwe kude nendlela efanele yokukhonza uNkulunkulu, kangakanani-ke ngokungcola nokuziphatha okubi! Kufanele isikhonzi sikaJehova siqhelele kude nako!—Hez. 42:20.

Izibusiso Eziyohlala Phakade

Kugeleza umfudlana usuka endlini engcwele yethempeli, ukhule ube umfula omkhulu onamandla owenza izinto ziphile, uvundise nezwe (4). Kuzoxoxwa ngalezi zibusiso eSahlukweni 19 sale ncwadi.

Imithetho Efanayo Kubo Bonke

Amasango aphakeme angaphandle (5) namasango angaphakathi (9) asikhumbuza ukuthi uJehova unemithetho ephakeme yokuziphatha okumelwe bonke abamkhonza ngendlela emsulwa bayilandele. Phawula ukuthi izinhlangothi zamasango angaphakathi nangaphandle ziyalingana. Kuyafaneleka lokho ngoba uJehova ubekela zonke izinceku zakhe imithetho elungile efanayo, kungakhathaliseki ukuthi zinaliphi igunya noma zikhonza kuphi.

Ukudla Etafuleni LikaJehova

Amagumbi okudlela (8) asikhumbuza ukuthi ezikhathini zasendulo, abantu babengadla ndawonye eminye imihlatshelo ababeyiletha ethempelini, okwakufana nokuthi badla noJehova. Kuhlukile ethempelini elingokomfanekiso amaKristu akhonza kulo namuhla ngoba “umhlatshelo owodwa” usunikelwe kakade. (Heb. 10:12) Noma kunjalo, sisanikela ngomhlatshelo wokudumisa.—Heb. 13:15.

Isiqinisekiso Esivela KuNkulunkulu

Ungase uyithole iminingi kakhulu imininingwane yokukalwa kwezinto kulo mbono. Kodwa isifundisa iphuzu elibalulekile: Iqinisekisa ukuthi injongo kaJehova yokubuyisela indlela emsulwa yokumkhonza iyogcwaliseka nakanjani, ngendlela enembile nengenakushintshwa njengaleya mininingwane yezinto ezikaliwe. Nakuba uHezekeli engasho ukuthi kunabantu ababonayo embonweni wakhe, uyasisho isiyalo esiqinile uJehova asinikeza abapristi, izikhulu nabantu. Zonke izinceku zikaNkulunkulu kumelwe ziphile ngemithetho yaKhe elungile.