Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHOKISI LOKUFUNDISA 9E

‘Izikhathi Zokwenziwa Kwazo Zonke Izinto Zibe Zintsha’

‘Izikhathi Zokwenziwa Kwazo Zonke Izinto Zibe Zintsha’

IZENZO 3:21

Lapho umphostoli uPetru ekhuluma ‘ngezikhathi zokwenziwa kwazo zonke izinto zibe zintsha,’ wayeprofetha ngesikhathi esihle esasiyoqala lapho uKristu ebekwa esihlalweni sobukhosi njengeNkosi siqhubeke size siphele lapho kuphela iMinyaka Eyinkulungwane.

  1. 1914​—UJesu Kristu ubekwa esihlalweni sobukhosi abe iNkosi ezulwini. Ukubuyiselwa kwendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu kubantu bakhe kuyaqala ngo-1919

    Izinsuku Zokugcina

  2. I-ARMAGEDONI​—UkuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane kuyaqala, ‘izikhathi zokwenziwa kwazo zonke izinto zibe zintsha’ zihlanganisa nokunikeza abantu abathembekile izibusiso

    UkuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane

  3. UKUPHELA KWEMINYAKA EYINKULUNGWANE​—UJesu uqeda umsebenzi wokwenza zonke izinto zibe zintsha bese enikeza uYise uMbuso

    IPharadesi Laphakade

UKUBUSA KUKAJESU KUYOBUYISELA . . .

  • inkazimulo egameni likaNkulunkulu

  • impilo kwabagulayo

  • ubusha kwabagugile

  • ukuphila kwabafile

  • ukungabi nasono kubantu abathembekile

  • iPharadesi emhlabeni