Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHOKISI LOKUFUNDISA 18A

UJehova Uxwayisa Ngempi Enkulu Ezayo

UJehova Uxwayisa Ngempi Enkulu Ezayo

IBhayibheli lineziprofetho eziningi ezixwayisa ngempi uJehova ayoqothula ngayo bonke labo abamphikisayo nabaphikisa abantu bakhe. Ezinye zalezo ziprofetho yilezi ezibalwe lapha. Phawula ukufana okukhona kulezi zixwayiso, uphawule nokuthi uJehova uye waqinisekisa ukuthi bonke abantu bathola ithuba lokuzizwa futhi benze okuthile.

KWA-ISRAYELI WASENDULO

UHEZEKELI: “‘Ngiyobiza inkemba imelane [noGogi] kuzo zonke izintaba zami,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.”—Hez 38:18-23.

UJEREMIYA: “[UJehova] uyobahlulela yena mathupha bonke abantu. Ababi uyobanikela enkembeni.”—Jer. 25:31-33.

UDANIYELI: ‘UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso oyophihliza yonke le mibuso uyiqede.’—Dan. 2:44.

EKHULWINI LOKUQALA C.E.

UJESU: “Kuyoba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwezwe.”—Math. 24:21, 22.

UPAWULU: ‘UJesu kanye nezingelosi zakhe ezinamandla uphindisela kulabo abangamazi uNkulunkulu.’—2 Thes. 1:6-9.

UPETRU: “Usuku lukaJehova luyofika njengesela, . . . umhlaba nemisebenzi ekuwo kuyokwambulwa.”—2 Pet. 3:10.

UJOHANE: “Emlonyeni [kaJesu] kuphuma inkemba ende ebukhali, ukuze ashaye ngayo izizwe.”—IsAm. 19:11-18.

ESIKHATHINI SETHU

IBhayibheli liyincwadi ehunyushwe kakhulu futhi yasakazwa kunazo zonke emlandweni

IZINCEKU ZIKAJEHOVA ESIKHATHINI SETHU . . . 

  • Zisakaza izincwadi eziningi ezisekelwe eBhayibhelini ngezilimi eziningi

  • Zishumayela amahora amaningi unyaka ngamunye