Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHOKISI LOKUFUNDISA 10C

Ukusizwa Ukuba Siphinde Sime Ngezinyawo

Ukusizwa Ukuba Siphinde Sime Ngezinyawo

UKUCABANGA ngesifundo esisifunda embonweni omangalisayo okuHezekeli 37:1-14 kungasiqinisa, lesi sifundo singasisebenzisa ezimweni esibhekene nazo. Yisiphi leso sifundo?

Ngezinye izikhathi, singase sicindezelwe izimo ezinzima ekuphileni kwethu size sikhathale, sikuthole kunzima ukuqhubeka nokuphila. Nokho ngezikhathi ezinjalo, kungase kusiqinise ukucabanga ngencazelo ecacile yombono kaHezekeli ophathelene nokubuyiselwa kwendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu. Kungani? Kulesi siprofetho sifunda ukuthi uNkulunkulu onamandla okuphilisa amathambo afile, nakanjani angasinika amandla esiwadingayo ukuze sinqobe izinkinga—ngisho nalezo abantu abangazibona zingenakunqobeka.—Funda iHubo 18:29; Fil. 4:13.

Singase sikhumbule ukuthi emakhulwini amaningi eminyaka ngaphambi kosuku lukaHezekeli, umprofethi uMose wathi uJehova akanawo nje kuphela amandla kodwa unanesifiso sokuwasebenzisa ukuze asize abantu bakhe. UMose wabhala: “UNkulunkulu uyindawo yesiphephelo kusukela endulo, izingalo zakhe zaphakade ziyakusekela.” (Dut. 33:27) Yebo, singaqiniseka ukuthi uma siphendukela kuNkulunkulu lapho sicindezelekile, uJehova uyosisekela ngezingalo zakhe ezinothando, asiphakamise, asisize sime ngezethu izinyawo.—Hez. 37:10.