Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHOKISI LOKUFUNDISA 16B

Ukububula Nokuquma, Ukubeka Uphawu Nokuphihliza​—⁠Kuyokwenzeka Nini Futhi Kanjani?

Ukububula Nokuquma, Ukubeka Uphawu Nokuphihliza​—⁠Kuyokwenzeka Nini Futhi Kanjani?

Umbono obhalwe kuHezekeli isahluko 9 uyagcwaliseka osukwini lwethu. Ukuqonda kwethu ukuthi izenzakalo ziyokwenzeka kanjani kungasisiza sibhekane nokuphela kwalesi simiso sezinto ngokuqiniseka

“Ukububula nokuquma”

NINI: Phakathi nezinsuku zokugcina, kodwa ngaphambi kosizi olukhulu

KANJANI: Abantu abanezinhliziyo eziqotho babonisa ngamazwi nangezenzo ukuthi bayakuzonda ububi obukuleli zwe. Abantu abanjalo bayawamukela umyalezo esiwushumayelayo, baqhubeke beba nobuntu obunjengobukaKristu, babhapathizwe ukuze babonise ukuthi bazinikezele kuJehova futhi basekele abafowabo bakaKristu ngobuqotho

“Ukubekwa uphawu”

NINI: Phakathi nosizi olukhulu

KANJANI: Indoda ephethe uphondo lukayinki lukanobhala imelela uJesu Kristu lapho efika ezoba uMahluleli wazo zonke izizwe. Abesixuku esikhulu bayothola isahlulelo esihle noma babekwe uphawu lokuthi bayizimvu, okusho ukuthi bayosinda e-Armagedoni

“Ukuphihliza”

NINI: E-Armagedoni

KANJANI: UJesu Kristu namabutho akhe asezulwini, ayobe ehlanganisa izingelosi nabangu-144 000 ayobusa nabo, bayoliqeda leli zwe elibi liphele nya bese besindisa abakhonza uNkulunkulu ngendlela emsulwa bangene ezweni elisha lokulunga