Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHOKISI LOKUFUNDISA 2B

UHezekeli—Ukuphila Kwakhe Nesikhathi Aphila Ngaso

UHezekeli—Ukuphila Kwakhe Nesikhathi Aphila Ngaso

Igama elithi Hezekeli lisho ukuthi “uNkulunkulu Uyaqinisa.” Nakuba iziprofetho zakhe zinezixwayiso eziningi, umyalezo wakhe usuwonke uhambisana nencazelo yegama lakhe, uqinisa nokholo lwalabo abafuna ukukhonza uNkulunkulu ngendlela emsulwa.

ABAPROFETHI ABAPHILA NGESIKHATHI ESISODWA NOHEZEKELI

  • UJEREMIYA

    wayevela emndenini wabapristi futhi isikhathi esiningi wakhonza eJerusalema (647-580 B.C.E.)

  • UHULIDA

    wayekhonza ethempelini ngesikhathi incwadi yoMthetho itholakala ethempelini cishe ngo-642 B.C.E.

  • UDANIYELI

    wayengowasebukhosini besizwe sakwaJuda, wayiswa eBhabhiloni ngo-617 B.C.E.

  • UHABAKUKI

    cishe wayekhonza kwaJuda lapho uJehoyakimi esanda kuqala ukubusa

  • U-OBADIYA

    waprofetha ngokwahlulelwa kuka-Edomi cishe ngesikhathi sokubhujiswa kweJerusalema

BAPROFETHA NINI? (YONKE IMINYAKA EYANGO-B.C.E.)

IZENZAKALO EZIYINHLOKO ZANGESIKHATHI SIKAHEZEKELI (YONKE IMINYAKA EYANGO- B.C.E.)

  1. Cishe ngo-643: Uyazalwa

  2. Ngo-617: Uthunjelwa eBhabhiloni

  3. Ngo-613: Uqala ukuprofetha; ubona umbono ovela kuJehova

  4. Ngo-612: Ubona umbono wabantu abenza izenzo zokuhlubuka ethempelini

  5. Ngo-611: Uqala ukumemezela ukwahlulelwa kweJerusalema

  6. Ngo-609: Umkakhe uyashona nokuvinjezelwa kweJerusalema okokugcina kuyaqala

  7. Ngo-607: Utshelwa ukuthi iJerusalema selibhujisiwe

  8. Ngo-593: Ubona umbono wethempeli

  9. Ngo-591: Ubikezela ukuhlasela kukaNebukhadinezari iGibhithe; uqeda ukubhala incwadi yakhe

AMAKHOSI AKWAJUDA NAWASEBHABHILONI

  1. Ngo-659-629: UJosiya ukhuthaza abantu ukuba bakhonze uNkulunkulu ngendlela emsulwa kodwa bese efa lapho elwa noFaro Nekho

  2. Ngo-628: UJehowahazi ubusa kabi izinyanga ezintathu, bese ethunjwa uFaro Nekho

  3. Ngo-628-618: UJehoyakimi uyinkosi embi bese uFaro Nekho emenza abe inkosi engaphansi kwakhe

  4. Ngo-625: UNebukhadinezari unqoba ibutho laseGibhithe

  5. Ngo-620: UNebukhadinezari uhlasela uJuda okokuqala bese enza uJehoyakimi inkosi engaphansi kwakhe eJerusalema

  6. Ngo-618: UJehoyakimi uvukela uNebukhadinezari kodwa cishe uyafa lapho abaseBhabhiloni sebehlasela iZwe Lesithembiso okwesibili

  7. Ngo-617: UJehoyakini, ophindwe abizwe nangokuthi uJekoniya, uyinkosi embi ebusa izinyanga ezintathu bese ezinikela kuNebukhadinezari

  8. Ngo-617-607: UZedekiya, oyinkosi eyonakele nengenaso isibindi futhi esaba abantu, ubekwa uNebukhadinezari ukuba abe inkosi engaphansi kwakhe

  9. Ngo-609: UZedekiya uvukela uNebukhadinezari, obe esehlasela uJuda okwesithathu

  10. Ngo-607: UNebukhadinezari ubhubhisa iJerusalema, abambe uZedekiya, amenze impumputhe bese emyisa eBhabhiloni