INGXENYE YOKUQALA
“Amazulu Avuleka”
IPHUZU ELIYINHLOKO: UHezekeli uyibona kancane indawo uJehova ahlala kuyo
Akekho umuntu ongabona uNkulunkulu uMninimandla Onke uJehova futhi aphile. (Eks. 33:20) Kodwa uJehova wanika uHezekeli imibono ebonisa ingxenye esezulwini yenhlangano yaKhe—imibono engasenzi nje sibambe ongezansi kuphela, kodwa esenza sibonge nakakhulu ngelungelo esinalo lokukhonza uNkulunkulu weqiniso.
KULE NGXENYE
ISAHLUKO 3
“Ngaqala Ukubona Imibono KaNkulunkulu”
Umbono wokuqala kaHezekeli umshiya emangele. Usho lukhulu ezincekwini zikaNkulunkulu ezithembekile namuhla.
ISAHLUKO 4
Zingobani ‘Izidalwa Eziphilayo Ngasinye Esinobuso Obune’?
UJehova wanikeza uHezekeli izinto akwazi ukuzibona ezisisiza siqonde izinto ebesingeke sikwazi ukuziqonda.