Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Bathandi BakaJehova Esibathandayo:

Kwakungunyaka ka-1971. Labo ababeseMhlanganweni Wesigodi othi, “Igama Laphezulu” bajabula kakhulu ukuthola izincwadi eziningi ezakhululwa. Lezo zincwadi zazimnandi futhi “zazingaphezu kwalokho abantu ababekulindele.” Ngokuqondene nenye yalezo zincwadi ezakhululwa, omunye umzalwane wathi: “Asikaze sibe nencwadi esichazela kahle kangaka izinto eziseza!” Wayekhuluma ngani? Wayekhuluma ngencwadi ethi “The Nations Shall Know That I Am Jehovah”—How? Kodwa kungani le ncwadi yayijabulisa kangaka? Yingoba yayinezincazelo ezithuthukisiwe zeziprofetho ezisencwadini yeBhayibheli kaHezekeli—iziprofetho ezithinta ikusasa labo bonke abantu.

Kusukela leyo ncwadi yakhululwa, inani labantu bakaNkulunkulu liye landa kakhulu lasuka ezigidini ezingu 1,5 laya ezigidini ezingaphezu kwezingu-8. (Isaya 60:22) Lezi zigidi zezinceku zikaJehova zikhuluma izilimi ezingaphezu kuka-900. (Zak. 8:23) Eziningi azikaze zibe nethuba lokufunda incwadi echaza kahle iziprofetho eziphefumulelwe ezibhalwe umprofethi uHezekeli.

Ngaphezu kwalokho, emashumini eminyaka kusukela ngo-1971 ukuqonda kwethu amaqiniso amaningi eBhayibheli kuye kwathuthuka kakhulu njengoba ukukhanya kuqhubeka kukhanya nakakhulu. (IzAga 4:18) Ngo-1985 saqala ukubona ngokucacile indlela “ezinye izimvu” ezichazwa ngayo ngokuthi zilungile njengabangane bakaNkulunkulu. (Joh. 10:16; Roma 5:18; Jak. 2:23) Kwathi ngo-1995 saqonda okokuqala ukuthi ukwahlulelwa kokugcina “kwezimvu” “nezimbuzi” kuyokwenzeka phakathi “nosizi olukhulu.” (Math. 24:21; 25:31, 32) Lonke lolu shintsho luyithintile indlela esiqonda ngayo incwadi kaHezekeli.

“Ndodana yomuntu, bukisisa, lalela ngokucophelela, unake konke engikutshengisa kona ngoba ulethelwe lokho lapha.”​—HEZEKELI 40:4

Eminyakeni yakamuva, ukukhanya kuye kwaqhubeka kukhanya nakakhulu. Cabanga ngezifundo esizifunde emifanekisweni kaJesu. Eziningi zalezo zifundo sezicace kakhulu manje ezingqondweni nasezinhliziyweni zethu. Eminingi yaleyo mifanekiso ibhekisela ezenzakalweni ezizokwenzeka maduze phakathi nosizi olukhulu olusondela ngokushesha. Ngendlela efanayo, indlela esiqonda ngayo iziprofetho ezithile ezitholakala encwadini kaHezekeli icacisiwe. Phakathi kwazo kukhona iziprofetho eziphathelene noGogi wakwaMagogi (isahluko 38 no-39), umsebenzi wendoda ephethe uphondo lukayinki lukanobhala (isahluko 9), nesiprofetho esiphathelene nesigodi samathambo omile nokuhlanganiswa kwezinduku ezimbili okungokomfanekiso (isahluko 37). Konke lokhu kucaciswa kuthuthukisa lokho okwakubhalwe eminyakeni edlule encwadini ethi ‘Know Jehovah.’

Akumangazi-ke ukuthi abantu bakaJehova abaningi baye babuza, “Sizoyithola nini incwadi enezincazelo ezithuthukisiwe zeziprofetho zikaHezekeli?” Incwadi ethi, Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni! iyileyo ncwadi ababeyifisa. Njengoba ufunda izahluko zayo ezingu-22 futhi uzindla ngemifanekiso emnandi etholakala kuyo, ucwaningo olwenziwe ngokucophelela ukuze kulungiselelwe le ncwadi luyokumangaza ngempela. Kwathandazwa kakhulu ukuze kutholakale ukuthi kungani uJehova enza kwaba khona le ncwadi yeBhayibheli kaHezekeli emnandi kangaka. Yacatshangelwa kahle imibuzo enjengale: Iziphi izifundo ezisencwadini kaHezekeli ababezozifunda labo ababephila osukwini lwakhe, kanye nathi namuhla? Yiziphi iziprofetho ezikhuluma ngezenzakalo ezisazokwenzeka? Ingabe kufanele silindele ukuba kube khona imifuziselo nokufuziselwayo eziprofethweni zikaHezekeli? Izimpendulo zale mibuzo zisenza siyiqonde ngokucacile le ncwadi yeBhayibheli esiyijabulelayo ukuyifunda.

Lapho ufunda incwadi kaHezekeli kusukela ekuqaleni uze ufike ekugcineni ivele ikumangaze indlela ingxenye esezulwini yenhlangano kaJehova esebenza ngayo. Akungabazeki ukuthi iyakumangaza nemithetho kaJehova ephakeme ayibekele labo abasezulwini nalabo abasemhlabeni abafisa ukumkhonza ngendlela ayamukelayo emsulwa. Incwadi ethi, Indlela Emsulwa Yokukhonza, izokusiza ubonge nakakhulu ngalokho uJehova asekwenzele abantu bakhe nalokhu asozobenzela khona esikhathini esizayo esiseduze. Uzoqaphela ukuthi le ncwadi igcizelela izihloko ezimbili izikhathi eziningi. Okokuqala, ukuze sijabulise uJehova kudingeka simazi futhi simqaphele njengoMbusi Wendawo Yonke. Okwesibili, kumelwe sikhonze uJehova ngendlela ayamukelayo, sivumelanise ukuphila kwethu nemithetho yakhe ephakeme.

Kuyisifiso sethu esisuka enhliziyweni ukuba le ncwadi ikwenze uzimisele nakakhulu ukukhonza uJehova ngendlela edumisa igama lakhe elikhulu nelingcwele. Ngesikhathi esifanayo, kwangathi ingakukhuthaza ukuba uhlale ulindele isikhathi lapho zonke izizwe ziyokwazi ukuthi unguJehova.—Hez. 36:23; 38:23.

Kwangathi uBaba wethu onothando uJehova, angayibusisa kakhulu imizamo yakho yokuqonda incwadi aphefumulela umprofethi uHezekeli ukuba ayibhale.

Abafowenu,

INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova