Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukufingqwa Kwamaqiniso Acacisiwe

Ukufingqwa Kwamaqiniso Acacisiwe

Kule minyaka edlule, INqabayokulinda iye yalungisa indlela esiqonda ngayo izingxenye eziningana zesiprofetho sikaHezekeli. Le ncwadi ethi, Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!, inezinye izinto eziningana ezicacisiwe. Awubheke ukuthi ungakwazi yini ukuphendula le mibuzo elandelayo.

Bumelelani ubuso obune bezidalwa eziphilayo?

Indlela ebesiqonda ngayo: Ubuso ngabunye bezidalwa eziphilayo noma amakherubi bumelela imfanelo eyodwa ezimfanelweni ezine zikaJehova eziyinhloko.

Ukucaciswa: Nakuba ubuso ngabunye bezidalwa eziphilayo bumelela imfanelo eyodwa ezimfanelweni ezine zikaJehova eziyinhloko, uma sibubheka njengento eyodwa bumelela zonke izimfanelo zakhe. Kanti futhi, lobu buso obune bugcizelela kithi ubukhulu bamandla nenkazimulo kaJehova.

Isizathu sokwenziwa koshintsho: EZwini likaNkulunkulu inombolo u-4 ngokuvamile isetshenziselwa ukumelela lokho okuphelele noma okungashodi ngalutho. Ngakho lapho lobu buso obune bubhekwa njengento eyodwa, abube busakha izimfanelo ezine nje kuphela kodwa buba isisekelo sobuntu bukaJehova obumangalisayo. Okunye futhi ukuthi ubuso ngabunye babungobesidalwa esifanekisela isithunzi namandla. Noma kunjalo, bonke laba bameleli bendalo abanamandla njengoba beboniswa ubuso obune bekherubi ngalinye, bangaphansi kwesihlalo sobukhosi sikaJehova. Lokho kuqokomisa ukuthi uJehova unguMbusi Ophakeme Kunabo Bonke.

Ifanekisela bani indoda ephethe uphondo lukayinki lukanobhala?

Indlela ebesiqonda ngayo: Indoda enophondo lukayinki imelela abagcotshiwe abasele. Ngokushumayela nangomsebenzi wokwenza abafundi, abagcotshiwe manje babeka uphawu olungokomfanekiso eziphongweni zalabo ababa yingxenye ‘yesixuku esikhulu.’—IsAm. 7:9.

Ukucaciswa: Indoda ephethe uphondo lukayinki lukanobhala ifanekisela uJesu Kristu. Uyobeka uphawu esixukwini esikhulu lapho sahlulelwa ngokuthi siyizimvu phakathi ‘nosizi olukhulu.’—Math. 24:21.

Isizathu sokwenziwa koshintsho: UJehova ubeke iNdodana yakhe ukuba kube yiyo eyahlulelayo. (Joh. 5:22, 23) NgokukaMathewu 25:31-33 uJesu uyokhipha isahlulelo sokugcina sokuthi obani ‘abayizimvu’ ‘nabayizimbuzi.’

Ingabe abesifazane bandawonye abayizifebe, u-Ohola no-Oholiba, bafanekisela eLobukholwa elalakhiwa yisonto lamaKatolika nobuProthestani?

Indlela ebesiqonda ngayo: U-Ohola (iSamariya, inhloko-dolobha yakwa-Israyeli), okunguyena omdala, ufanekisela ubuKatolika; u-Oholiba (iJerusalema, inhloko-dolobha yakwaJuda), okunguyena omncane ufanekisela ubuProthestani.

Ukucaciswa: Laba besifazane abayizifebe abafanekiseli noma iyiphi ingxenye yeLobukholwa. Kunalokho, basifundisa ukuthi uJehova uzizwa kanjani ngalabo ababekade bemkhonza ngobuqotho kodwa base beyamshiya bakhonza abanye onkulunkulu. Uzizwa ngendlela efanayo ngayo yonke inkolo yamanga.

Isizathu sokwenziwa koshintsho: Asikho isizathu esingokomBhalo sokuthi u-Ohola no-Oholiba bafanekisela eLobukholwa. U-Israyeli noJuda babeke bafana namakhosikazi athembekile kuJehova, kodwa eLobukholwa alikaze libe nobuhlobo obunjalo noJehova. Ngaphezu kwalokho, ukuqhathaniswa kwabantu bakaNkulunkulu nezifebe esahlukweni 16 nasesahlukweni 23 sikaHezekeli kunikeza ithemba lokuthi babezolungiswa babuyiselwe ebuhlotsheni ababenabo naye. ELobukholwa, eliyingxenye yeBhabhiloni Elikhulu, alinalo ithemba elinjalo.

Ingabe iJerusalema lasendulo eliyisihlubuki lalifanekisela eLobukholwa?

Indlela ebesiqonda ngayo: IJerusalema elingathembekile lifanekisela eLobukholwa. Ngakho ukubhujiswa kweJerusalema kwakufanekisela ukubhujiswa kweLobukholwa okwakuseza.

Ukucaciswa: Izimo zaseJerusalema elingathembekile—ezifana nokukhonza izithombe nenkohlakalo—zisikhumbuza eLobukholwa, kodwa asisasho ukuthi iJerusalema liwumfuziselo weLobukholwa.

Isizathu sokwenziwa koshintsho: Asikho isizathu esingokomBhalo sokuba sithi kukhona okufanekisela okuthile noma okufanekiselwa okuthile. Ngokungafani neJerusalema lasendulo, eLobukholwa alikaze limkhonze uNkulunkulu ngendlela emsulwa. Nakuba uJehova alithethelela iJerusalema okwesikhathi esithile, ngeke alithethelele eLobukholwa.

Wagcwaliseka kanjani umbono wesigodi samathambo omile?

Indlela ebesiqonda ngayo: Ngo-1918 abagcotshiwe ababeshushiswa bathunjelwa eBhabhiloni Elikhulu, bafana nabafile kukuncane kakhulu abakwenzayo. Lokho kuthunjwa okufushane kwaphela ngo-1919 lapho uJehova ebavuselela ukuze babe abamemezeli boMbuso.

Ukucaciswa: Kwaphela isikhathi eside befana nabafile, futhi leso simo sabo saqala esikhathini eside ngaphambi kuka-1918. Saqala ngekhulu lesibili C.E. saphela ngo-1919 C.E. futhi sihambisana nenkathi ende yokukhula esemfanekisweni kaJesu kakolweni nokhula.

Isizathu sokwenziwa koshintsho: Ukuthunjwa kuka-Israyeli wasendulo kwathatha isikhathi eside, kwaqala ngo-740 B.C.E. kwaphela ngo-537 B.C.E. Isiprofetho sikaHezekeli sichaza lawo mathambo ngokuthi “omile” noma “ome kakhulu” okusikisela ukuthi labo abamelelwa yilawo mathambo base benesikhathi eside kakhulu befile. Kanti futhi ukwenziwa kwamathambo aphile kuchazwa ngokuthi kuyinto eyayiyokwenzeka kancane kancane ithathe isikhathi.

Kusho ukuthini ukuhlanganiswa kwezinduku ezimbili?

Indlela ebesiqonda ngayo: Ngemva kwenkathi emfushane bengenabo ubunye phakathi nempi yezwe yokuqala, abasele abagcotshiwe abathembekile baphinde baba nobunye ngo-1919.

Ukucaciswa: Lesi siprofetho siqokomisa ukuthi uJehova uyokwenza abantu abamkhonzayo babe yinto eyodwa. Ngemva kuka-1919, njengoba isikhathi sihamba inani elandayo lalabo abanethemba lokuphila emhlabeni lazihlanganisa nabagcotshiwe abasele. Womabili la maqembu akhonza uJehova ndawonye njengeqembu elilodwa.

Isizathu sokwenziwa koshintsho: Lesi siprofetho asikhulumi ngenduku eyodwa eqala inqanyulwe ibe izinduku ezimbili bese kamuva ziyahlanganiswa zibe induku eyodwa. Ngakho lesi siprofetho asikhulumi ngeqembu elilodwa elaliyohlukaniswa bese kamuva liphinde lihlanganiswe. Kunalokho sichaza indlela amaqembu amabili ayeyohlanganiswa ngayo abe iqembu elilodwa.

Ungubani uGogi wakwaMagogi?

Indlela ebesiqonda ngayo: UGogi wakwaMagogi yigama eliyisiprofetho okubizwa ngalo uSathane ngemva kokuxoshwa kwakhe ezulwini.

Ukucaciswa: UGogi wakwaMagogi ubhekisela ezizweni zasemhlabeni eziyohlangana zilwe nabantu abakhonza uNkulunkulu ngendlela emsulwa phakathi nosizi olukhulu.

Isizathu sokwenziwa koshintsho: Lokho isiprofetho esikuchazayo ngoGogi—ukuthi uyonikwa izinyoni ezidla inyama ukuba zimudle anikwe nendawo azongcwatshwa kuyo emhlabeni—kusikisela ukuthi uGogi akasona isidalwa esiwumoya. Ngaphezu kwalokho, ukuhlasela kukaGogi kuhambisana nalokho okushiwo incwadi kaDaniyeli neyesAmbulo ngokuhlasela kwezizwe zasemhlabeni abantu bakaNkulunkulu.—Dan. 11:40, 44, 45; IsAm. 17:14; 19:19.

Ingabe uHezekeli wabona futhi wahambahamba ethempelini elikhulu elingokomfanekiso uPawulu alichaza kamuva?

Indlela ebesiqonda ngayo: Ithempeli uHezekeli alibona embonweni liyafana nethempeli elingokomfanekiso elachazwa umphostoli uPawulu.

Ukucaciswa: UHezekeli akabonanga ithempeli elingokomfanekiso elaqala ukuba khona ngo-29 C.E., kodwa wabona umbono wokuthi uNkulunkulu wayeyokhonzwa kanjani ngendlela emsulwa ngokuvumelana nalokho okushiwo uMthetho KaMose, ngemva kokuba abadingisiwe sebebuyele ezweni labo. Incazelo kaPawulu yethempeli elingokomfanekiso igxile emsebenzini uJesu uMpristi Ophakeme Kunabo Bonke awenza kusukela ngo-29 kuya ku-33 C.E. Umbono kaHezekeli wethempeli, ongakhulumi nhlobo ngoMpristi Ophakeme, ugxila ekubuyiselweni kwendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu okwaqala ngo-1919 C.E. Ngakho asilindeli ukuba imininingwane yethempeli elabonwa uHezekeli embonweni nokukalwa kwalo kufanekisele okuthile. Kunalokho kufanele sigxile ezifundweni esizifundiswa umbono kaHezekeli ngemithetho kaJehova yokumkhonza ngendlela emsulwa.

Isizathu sokwenziwa koshintsho: Ithempeli elabonwa uHezekeli embonweni lihluke ngezindlela ezibalulekile ethempelini elingokomfanekiso. Ngokwesibonelo, ethempelini likaHezekeli kwakwenziwa imihlatshelo eminingi yezilwane kodwa ethempelini elingokomfanekiso kwenziwa umhlatshelo owodwa, “kwaba kanye kuphela.” (Heb. 9:11, 12) Eminyakeni engamakhulu amaningi ngaphambi kokufika kukaKristu kwakungakabi yisikhathi sikaJehova sokwambula amaqiniso ajulile mayelana nethempeli elingokomfanekiso.