Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 19

“Noma Kuphi Lapho Kugelezela Khona La Manzi Yonke Into Iyophila”

“Noma Kuphi Lapho Kugelezela Khona La Manzi Yonke Into Iyophila”

HEZEKELI 47:9

IPHUZU ELIYINHLOKO: Indlela umbono womfula ogeleza usuka ethempelini owagcwaliseka ngayo endulo, ogcwaliseka ngayo esikhathini sethu nasesikhathini esizayo

1, 2. NgokukaHezekeli 47:1-12, yini uHezekeli ayibonayo nayitshelwayo? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

UHEZEKELI uphinde abone enye into emangalisayo embonweni wakhe wethempeli: Kunomfudlana ogelezayo osuka esakhiweni esingcwele! Mbone nje ngeso lengqondo ehamba elandela lo mfudlana onamanzi ahlanzekile nacwebile. (Funda uHezekeli 47:1-12.) Ugeleza usuka endaweni yokungena yendlu engcwele; bese uqhamuka esakhiweni sethempeli eduze kwesango elisempumalanga. Ingelosi ihola uHezekeli njengoba besuka ethempelini behamba bekala indawo. Le ngelosi ilokhu itshela uHezekeli ukuba ahambe emanzini, bese lo mprofethi ethola ukuthi la manzi aya ejula ngokushesha, agcine esewumfula angawuwela kuphela ngokuthi abhukude!

2 UHezekeli utshelwa ukuthi lo mfula ugelezela oLwandle Olufile, kuthi lapho amanzi alo mfula ethinta amanzi olwandle anosawoti nanezinto ezingaphili, amanzi olwandle agcwale izinhlanzi. Osebeni lomfula ubona kukhula izihlahla eziningi ezinhlobonhlobo. Inyanga ngayinye zithela isivuno esisha sezithelo ezinomsoco ziveze namaqabunga elaphayo. Ukubona konke lokhu kumelwe ukuba kwenza uHezekeli waba nokuthula nethemba. Kodwa le ngxenye yombono wethempeli yayisho ukuthini kuye nakwabanye ababedingisiwe? Isho ukuthini kithi namuhla?

Umfula Owawusembonweni Wawusho Ukuthini Kwababedingisiwe?

3. Kungani amaJuda asendulo engazange acabange ukuthi umfula uHezekeli awubona embonweni wawungokoqobo?

3 Ngokuqinisekile amaJuda asendulo awazange acabange ukuthi lo mfula ungokoqobo. Kunalokho, le ndima yemiBhalo cishe yawakhumbuza esinye isiprofetho esiphefumulelwe cishe esasibhalwe eminyakeni engaphezu kuka-200 ngaphambili, sibhalwa umprofethi uJoweli. (Funda uJoweli 3:18.) Lapho amaJuda ayethunjiwe efunda amazwi kaJoweli aphefumulelwe, ayengalindele ngempela ukubona izintaba ‘ziconsa iwayini elimnandi’ noma ‘kugeleza ubisi’ emagqumeni; ayengalindele nokubona umfula uphuma “endlini kaJehova.” Ngokufanayo, lawo maJuda cishe ayeqonda ukuthi umyalezo wombono womprofethi uHezekeli wawungakhulumi ngomfula ongokoqobo. * UJehova wayedlulisela muphi umyalezo? ImiBhalo iyasisiza siqonde izingxenye ezithile zalo mbono. Nokho, sizofunda ngeziqinisekiso ezintathu ezicacile nezinothando esingazithola kulesi siprofetho.

4. (a) Umfula osembonweni kaHezekeli wawuzokwenza amaJuda alindele ziphi izibusiso ezivela kuJehova? (b) Indlela iBhayibheli elisebenzisa ngayo igama elithi “umfula” nelithi “amanzi” isiqinisekisa kanjani ngokuthi uJehova uzobabusisa abantu bakhe? (Bheka ibhokisi elithi “Imifula Yezibusiso Ezivela KuJehova.”)

4 Umfula wezibusiso. Ngokuvamile eBhayibhelini imifula namanzi kusetshenziselwa ukufanekisela ukugeleza kwezibusiso zikaJehova ezinikeza ukuphila. UHezekeli wabona umfula onjalo ugeleza usuka ethempelini, ngakho lo mbono wawungenza abantu bakaNkulunkulu balindele ukuthi uJehova wayeyobanika izibusiso ezinikeza ukuphila uma nje beqhubeka bemkhonza ngendlela emsulwa. Ziphi izibusiso? Babeyophinde bafundiswe abapristi. Njengoba imihlatshelo yayiyobe isinikelwa ethempelini, babeyophinde baqiniseke ukuthi izono zabo zaziyohlawulelwa. (Hez. 44:15, 23; 45:17) Ngakho babeyophinde babe abantu abahlanzekile, kube sengathi bagezwe ngamanzi ahlanzekile avela ethempelini.

5. Umfula osembonweni wakuqeda kanjani ukukhathazeka kokuthi abantu babeyozithola bonke yini izibusiso?

5 Ingabe kwakuyohlale kunezibusiso ezanele wonke umuntu? Lo mbono uyakuqeda ukukhathazeka okunjalo ngokubonisa ukwanda kwalo mfula ngendlela eyisimangaliso—kusukela ekubeni umfudlana uya ekubeni umfula omkhulu onamandla kungakapheli ngisho amakhilomitha amabili! (Hez. 47:3-5) Lapho amaJuda esebuyele ezweni lawo, kwakungenzeka ande; kodwa izibusiso zikaJehova nazo zaziyokwanda ukuze zanelise izidingo zawo. Lo mfula wawufanekisela inala!

6. (a) Yisiphi isithembiso esiqinisekisayo esadluliselwa yilesi siprofetho? (b) Lo mbono waphinde wakhipha siphi isixwayiso? (Bheka umbhalo waphansi.)

6 Amanzi anikeza ukuphila. Embonweni kaHezekeli, umfula wawugelezela oLwandle Olufile, uphilisa izinto eziningi ezazikulo. Phawula ukuthi la manzi aphilisa izinhlanzi eziningi kangangokuba zathi azilingane nalezo ezitholakala oLwandle Olukhulu, noma oLwandle LwaseMedithera. Ogwini loLwandle Olufile, phakathi kwamadolobha amabili aqhelelene kwakuze kudotshwe izinhlanzi ezizodayiswa. Ingelosi yathi: “Noma kuphi lapho kugelezela khona la manzi yonke into iyophila.” Ingabe lokho kusho ukuthi amanzi avela endlini kaJehova ayefinyelela kuyo yonke ingxenye yoLwandle Olufile? Cha. Ingelosi yathi amanzi anikeza ukuphila ayengeke afike kwezinye izindawo ezingamaxhaphozi. Lezo zindawo ‘zanikelwa kusawoti.’ * (Hez. 47:8-11) Ngakho lesi siprofetho sadlulisela isithembiso esiqinisekisayo sokuthi indlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu yayiyokwenza abantu bajabule, ibenze bachume. Kodwa kwakhishwa nesixwayiso: Akubona bonke ababeyokwamukela izibusiso zikaJehova; kungebona bonke nababeyokwelashwa.

7. Izihlahla ezazisembonweni osebeni lomfula zawaqinisekisa ngani amaJuda ayedingisiwe?

7 Izihlahla zokudla nokwelapha. Kuthiwani ngezihlahla ezisosebeni lomfula? Zenza kube kuhle, akunjalo? Akugcini lapho, zinanencazelo ethile. Ngokuqinisekile uHezekeli nabantu basezweni lakubo bakujabulela ukucabanga ngezithelo ezimnandi lezo zihlahla ezazizoziveza inyanga ngayinye! Lokho kwaphinda kwabaqinisekisa ngokuthi uJehova wayezobanikeza ukudla okwakuzobenza babe nobuhlobo obuhle naye. Nani futhi? Phawula ukuthi amaqabunga azo ‘ayezoba umuthi wokwelapha.’ (Hez. 47:12) UJehova wayazi ukuthi ngaphezu kwakho konke, ababebuya ekudingisweni babezodinga ukwelashwa ngoba ubuhlobo babo naye babulimele, futhi wathembisa ukwenza lokho kanye. Njengoba siphawulile eSahlukweni 9 sale ncwadi, ukuthi wakwenza kanjani lokho kwachazwa kwezinye iziprofetho eziphathelene nendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu.

8. Yini ebonisa ukuthi umbono kaHezekeli wawusazogcwaliseka ngezinga elikhulu?

8 Nokho, njengoba sixoxile eSahlukweni 9, ababuya ekudingisweni babona lezo ziprofetho zigcwaliseka ngezinga elithile kuphela. Yibona abenza lezo ziprofetho zangagcwaliseka ngokugcwele kubo. UJehova wayengababusisa kanjani ngokugcwele uma izikhathi eziningi babebuyela ezindleleni zabo ezimbi, bengalaleli, bengayinaki nendlela emsulwa yokumkhonza? Abathembekile babezwa ubuhlungu futhi bedumazeka lapho bebona indlela amanye amaJuda ayeziphatha ngayo. Nokho, babazi ukuthi ngaso sonke isikhathi uJehova uyazigcwalisa zonke izithembiso zakhe. (Funda uJoshuwa 23:14.) Ngenxa yalokho, ngolunye usuku umbono kaHezekeli wawuyogcwaliseka ngezinga elikhulu. Kodwa nini?

Umfula Uyageleza Namuhla!

9. Umbono kaHezekeli wethempeli ugcwaliseka nini ngezinga elikhulu?

9 Njengoba sibonile eSahlukweni 14 sale ncwadi, umbono wethempeli uHezekeli alibona embonweni ugcwaliseka ngezinga elikhulu phakathi ‘nezinsuku zokugcina,’ isikhathi lapho indlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu iye yaphakanyiswa kakhulu kunanini ngaphambili. (Isaya 2:2) Le ngxenye yombono kaHezekeli igcwaliseka ngamuphi umqondo njengamanje?

10, 11. (a) Yiziphi izibusiso esizitholayo namuhla ezigeleza njengomfula? (b) Ukugeleza kwezibusiso ezivela kuJehova kwande kanjani ukuze kwanelise izidingo ezikhulayo phakathi nezinsuku zokugcina?

10 Umfula wezibusiso. Amanzi ageleza esuka endlini kaJehova asikhumbuza ziphi izibusiso esizithola namuhla? Asikhumbuza izinto eziningi uJehova asinikeza zona ezisizuzisayo. Okukhulu kunakho konke ngumhlatshelo wesihlengo kaKristu onamandla okusihlanza, owenza sixolelwe izono zethu. Amaqiniso amsulwa eZwi likaNkulunkulu nawo afaniswa namanzi anikeza ukuphila ahlanza abantu. (Efe. 5:25-27) Lezo zibusiso ziye zageleza ngayiphi indlela esikhathini sethu?

11 Ngo-1919 izinceku zikaJehova zaziyizinkulungwane ezimbalwa nje kuphela, futhi zazikujabulela ukuchazelwa amaqiniso amaningi aseBhayibhelini. Emashumini eminyaka alandela, zaqhubeka zanda. Namuhla abantu bakaNkulunkulu sebedlulile ezigidini ezingu-8. Ingabe amanzi amsulwa anikeza iqiniso aye ahambisana nalokho kwanda? Yebo! Maningi kakhulu amaqiniso eBhayibheli esiye sachazelwa wona. Ekhulwini leminyaka elidlule abantu bakaNkulunkulu baye bathola izinkulungwane zezigidi zamaBhayibheli, izincwadi, omagazini, izincwajana namapheshana. Njengomfula uHezekeli awubona embonweni, ukugeleza kwamaqiniso amsulwa kuye kwanda ukuze kwaneliswe izidingo ezikhulayo zalabo abafuna ukwazi ngoNkulunkulu emhlabeni wonke. Sekuyisikhathi eside kunyatheliswa izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Futhi manje ngenxa yewebusayithi i-jw.org, lezo zincwadi zitholakala emishinini yezobuchwepheshe ngezilimi ezingaphezu kuka-900! Lawo manzi eqiniso abathinta kanjani abantu abanezinhliziyo eziqotho?

12. (a) Umyalezo weqiniso ubenze kanjani abantu baba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu? (b) Lo mbono usinikeza siphi isixwayiso esifike ngesikhathi namuhla? (Bheka nombhalo waphansi.)

12 Amanzi anikeza ukuphila. UHezekeli watshelwa: “Noma kuphi lapho kugelezela khona la manzi yonke into iyophila.” Cabanga ngendlela umyalezo weqiniso oye wageleza ngayo wafinyelela kubo bonke labo abaye bangena ezweni lethu elingokomfanekiso. Amaqiniso eBhayibheli aye athinta izigidi zezinhliziyo zabantu futhi abasiza baba nokholo kuJehova. Nokho, lo mbono ubuye udlulisele isixwayiso esifike ngesikhathi: Akubona bonke abaqhubeka bephila ngalawo maqiniso. Njengezindawo ezingamaxhaphozi nezigcwele amanzi ezisoLwandle Olufile uHezekeli azibona embonweni, kukhona abangabe besawathanda amaqiniso benqabe ukuphila ngawo. * Kwangathi kungelokothe kube njalo kithi!—Funda uDuteronomi 10:16-18.

13. Yiziphi izifundo esingazifunda namuhla kulezo zihlahla ezazisembonweni?

13 Izihlahla zokudla nokwelapha. Ingabe izihlahla ezazisembonweni ngasosebeni lomfula zisifundisa izifundo ezikhuthazayo namuhla? Impela! Khumbula, lezo zihlahla zazithela izithelo ezintsha nezimnandi inyanga ngayinye futhi amaqabunga azo ayelapha. (Hez. 47:12) Ngakho zisikhumbuza ukuthi sikhonza uNkulunkulu osondlayo noselapha ngendlela ebaluleke kakhulu, indlela esenza sibe nobuhlobo obuhle naye. Abantu namuhla balambile futhi bayagula ngomqondo wokuthi abawaqondi amaqiniso eBhayibheli. Kodwa ngokungafani nabo, cabanga ngalokho uJehova asinika kona. Ingabe wake wafunda isihloko ezincwadini zethu wasiqeda, wacula ingoma yokuphetha emhlanganweni omncane noma omkhulu, noma wabukela ividiyo noma uhlelo lwe-JW Broadcasting wazizwa ubusisiwe ngokuthola ukudla okunjalo? Ngempela sondliwa kahle. (Isaya 65:13, 14) Ingabe ukuqonda lokho iBhayibheli elikushoyo kuyasisiza siphile ngendlela esizuzisayo nejabulisa uJehova? Iseluleko esihle esisitholayo, esisekelwe eZwini likaNkulunkulu siyasisiza sigweme izono ezinjengokuziphatha okubi, ubugovu nokuntula ukholo. UJehova ubeke nelungiselelo lokusiza amaKristu elashwe ekuguleni okungokomfanekiso okubangelwa isono esibi. (Funda uJakobe 5:14.) Sibusisiwe ngempela, njengoba kuboniswa izihlahla uHezekeli azibona embonweni.

14, 15. (a) Yisiphi isifundo okufanele sisifunde emaxhaphozini angelashiwe asembonweni kaHezekeli? (b) Umfula osembonweni kaHezekeli usizuzisa kanjani namuhla?

14 Ngesikhathi esifanayo, singafunda okuthile ezindaweni ezingamaxhaphozi ezingelashwanga ngamanzi. Asifuni nanini ukuvimbela izibusiso zikaJehova ukuba zigeleze ekuphileni kwethu. Kuyoba inhlekelele ukuhlala singelashiwe, njengoba kunjalo ngabaningi kuleli zwe eligulayo. (Math. 13:15) Siyajabula ngokuzuza ezibusisweni ezigeleza njengomfula. Lapho siphuza amanzi ahlanzekile ayiqiniso eliseZwini likaNkulunkulu, lapho sihlanganyela lawo maqiniso nabanye emsebenzini wokushumayela, lapho siqondiswa ngothando, siduduzwa futhi sithola usizo oluvela kubadala abaqeqeshwe inceku ethembekile, singase sicabange ngomfula osembonweni kaHezekeli. Lowo mfula uletha ukuphila futhi welaphe noma kuphi lapho udlula khona!

15 Nokho, kuthiwani ngokugcwaliseka kwalo mbono womfula esikhathini esizayo? Njengoba sizobona, lo mfula uyogeleza ngendlela enkulu nakakhulu ePharadesi elizayo.

Indlela Lo Mbono Oyogcwaliseka Ngayo EPharadesi

16, 17. (a) Amanzi okuphila ayoba maningi ngayiphi indlela ePharadesi? (b)  Siyozuza kanjani kulowo mfula wezibusiso ePharadesi?

16 Uyazibona ngeso lengqondo ususePharadesi, unabangane nomndeni nijabulela ukuphila? Ukufunda ngomfula osembonweni kaHezekeli kungakusiza kucace kakhudlwana lokho okubonayo. Kanjani? Phinde ucabange ngezinto ezintathu ezicacile nezibonisa uthando ezikulo mbono.

17 Umfula wezibusiso. Lo mfula ongokomfanekiso, ngandlela-thile uyoba mkhulu nakakhulu ePharadesi ngoba ngeke ugcine ngokusizuzisa ebuhlotsheni bethu noNkulunkulu kuphela kodwa nasekuphileni kwethu okungokwenyama. Phakathi nokuBusa KukaJesu Kweminyaka Eyinkulungwane, uMbuso kaNkulunkulu uyosiza abathembekile ukuba bazuze esihlengweni ngendlela enkulu nakakhulu. Isono siyosuswa kancane kancane kubo! Ngeke kusaba nezifo, odokotela, onesi nezibhedlela, kanti nemishwalense ngeke sisayidinga! Lawo manzi okuphila ayogelezela ezigidini zabasinde e-Armagedoni, “isixuku esikhulu” esiyodlula “osizini olukhulu.” (IsAm. 7:9, 14) Nokho, lokho kugeleza kokuqala komfula wezibusiso okuhle kuyofana neconsi uma kuqhathaniswa nalokho okuyobe kuseza. Njengasembonweni kaHezekeli, lo mfula uyokhula wanelise izidingo ezandayo zabantu.

EPharadesi, umfula wezibusiso uyokwenza wonke umuntu abe musha futhi abe umqemane (Bheka isigaba 17)

18. “Umfula wamanzi okuphila” uyoba umfula onamandla ngamuphi umqondo phakathi neMinyaka Eyinkulungwane?

18 Amanzi anikeza ukuphila. Phakathi neMinyaka Eyinkulungwane, “umfula wamanzi okuphila” uyoba umfula omkhulu. (IsAm. 22:1) Izigidigidi zabantu abafile ziyovuswa zinikezwe ithuba lokuphila phakade ePharadesi! Izibusiso uJehova ayoziletha ngoMbuso wakhe ziyohlanganisa ukuvusa inqwaba yabantu abafile, asebenesikhathi eside belele othulini bengenamandla. (Isaya 26:19) Ingabe bonke labo abayovuswa bayophila phakade?

19. (a) Yini ebonisa ukuthi ePharadesi kuyotholakala amanzi amasha ayiqiniso elivela kuNkulunkulu? (b) Abanye ‘bayonikelwa kusawoti’ ngamuphi umqondo esikhathini esizayo?

19 Umuntu ngamunye kumelwe akhethe. Phela, kuyovulwa imiqulu emisha ngaleso sikhathi. Amanzi amnandi avela kuJehova ayohlanganisa amaqiniso amasha embuliwe, iziqondiso ezintsha zikaNkulunkulu. Akujabulisi yini ukucabanga ngalokho? Noma kunjalo, abanye bayozenqaba lezo ziqondiso bakhethe ukungamlaleli uJehova. Abanye bangase bahlubuke phakathi neMinyaka Eyinkulungwane, kodwa ngeke bavunyelwe ukuba baqede ukuthula ePharadesi. (Isaya 65:20) Singase sikhumbule umbono kaHezekeli bese sicabanga ngezindawo ezingamaxhaphozi ezahlala zingenalutho, ‘zinikelwe kusawoti.’ Ave beyiziwula labo abenqaba ngenkani ukuphuza emanzini ayigugu anikeza ukuphila! Ngemva kweMinyaka Eyinkulungwane, iqembu labavukelayo liyochema noSathane. Bonke abenqaba ukubusa kukaJehova okulungile bayoba nesiphetho esifanayo: ukufa kwaphakade.—IsAm. 20:7-12.

20. Yiliphi ilungiselelo elenzelwe ukuba sizuze phakathi neMinyaka Eyinkulungwane elisikhumbuza izihlahla ezabonwa uHezekeli?

20 Izihlahla zokudla nokwelapha. UJehova akafuni ukuba namunye kithi angakutholi ukuphila okuphakade. Ukuze asisize sikuthole, uyophinde aqiniseke ukuthi likhona ilungiselelo elifana nalezo zihlahla ezabonwa uHezekeli. EPharadesi, izinzuzo ezivela kuJehova ziyosisiza ekuphileni kwethu okungokwenyama nasebuhlotsheni bethu naye. Ezulwini, uJesu Kristu nabangu-144 000 bayobusa njengamakhosi iMinyaka Eyinkulungwane. Njengesigaba sabapristi, laba abangu-144 000 bayosiza abantu bathole izinzuzo zomhlatshelo wesihlengo kaKristu, basize ekuqedeni isono kubantu abathembekile. (IsAm. 20:6) Leli lungiselelo lokwelapha ngokwenyama nokwelapha ubuhlobo babantu noNkulunkulu lisikhumbuza izihlahla uHezekeli azibona osebeni lomfula, ezithela izithelo ezinomsoco nezinamaqabunga okwelapha. Umbono kaHezekeli uhambisana nesinye isiprofetho esimnandi esabhalwa umphostoli uJohane. (Funda isAmbulo 22:1, 2.) Amaqabunga ezihlahla ezabonwa uJohane ‘awokwelapha izizwe.’ Izigidi ezingenakubalwa ziyozuza ezinkonzweni zabapristi abangu-144 000.

21. Kukuthinta kanjani wena ukucabanga ngomfula osembonweni kaHezekeli, futhi yini esizoxoxa ngayo ngokuzayo? (Bheka ibhokisi elithi “Umfudlana Uba Umfula!”)

21 Njengoba ucabanga ngomfula uHezekeli awubona embonweni, inhliziyo yakho ayigcwali yini ukuthula nethemba? Yeka izikhathi ezijabulisayo esibheke kuzo! Cabanga nje—ezinkulungwaneni ezidlule zeminyaka uJehova wasinikeza iziprofetho eziningi zokusisiza sibone ngeso lengqondo ukuthi iPharadesi liyoba njani. Ngesineke usimema ukuba sibe khona kulo ukuze sibone iziprofetho zigcwaliseka. Ingabe wena uyoba khona? Ungase uzibuze ukuthi iyoba khona ngempela yini indawo yakho ePharadesi. Manje sizofunda ukuthi ingxenye yokugcina yesiprofetho sikaHezekeli isiqinisekisa kanjani ngalokho.

^ par. 3 Ngaphezu kwalokho, lawo maJuda ayedingisiwe ayekhumbula ukuthi izwe lakubo lalimi kanjani, kungenzeka ayazi ukuthi umfula wawungeke usuke eJerusalema uye oLwandle Olufile ngoba lokho kwakuyosho ukuthi uzokhuphuka kwezinye izindawo njengoba ugeleza.

^ par. 6 Abanye bakubheka njengento enhle lokhu ngenxa yokuthi sekuyisikhathi eside kutholakala usawoti wokulondoloza izinto oLwandle Olufile. Nokho, phawula ukuthi la mavesi asho ngokuqondile ukuthi lawo maxhaphozi ngeke ‘ashintshe.’ Ahlala engenazo izinto eziphilayo, engalashiwe ngoba amanzi anikeza ukuphila avela endlini kaJehova awafinyeleli kuwo. Ngakho kubonakala sengathi kule ndaba, ukuba nosawoti kwalawo maxhaphozi akuyona into enhle.—IHu. 107:33, 34; Jer. 17:6.

^ par. 12 Cabanga nangomfanekiso kaJesu wenethi. Inethi libamba izinhlanzi eziningi, kodwa akuzona zonke eziba “zinhle.” Ezingafaneleki kudingeka zilahlwe. Ngaleyo ndlela uJesu wayexwayisa ngokuthi abaningana balabo abangena enhlanganweni kaJehova bangase bangathembeki ngokuhamba kwesikhathi.—Math. 13:47-50; 2 Thim. 2:20, 21.