INGXENYE 3 • IZENZO 10:1–12:25
“Abantu Bezizwe . . . Balamukele Izwi LikaNkulunkulu”
Ingabe abalandeli bakaJesu abangamaJuda babezovuma ukushumayela izindaba ezinhle kwabeZizwe abangasokile? Kule ngxenye, sizobona ukuthi umoya kaJehova wazivula kanjani izinhliziyo futhi wenza amaKristu akwazi ukunqoba ubandlululo, okwafaka umfutho omkhulu emsebenzini wokunikeza ubufakazi ezizweni zonke.