Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 1

“Hambani Niyokwenza . . . Abafundi”

“Hambani Niyokwenza . . . Abafundi”

Okuqukethwe incwadi yezEnzo Zabaphostoli nendlela okusebenza ngayo osukwini lwethu

1-6. Landisa okuhlangenwe nakho koFakazi abashumayela ngaphansi kwezimo ezihlukahlukene.

 UREBECCA, uFakazi KaJehova osemusha eGhana, wayebheka isikole afunda kuso njengensimu yakhe. Wayehlale ephethe izincwadi zeBhayibheli esikhwameni sakhe sesikole. Ngesikhathi sekhefu wayebheka amathuba okushumayeza ezinye izingane. Waqala ukufundela izingane eziningana ekilasini.

2 Esiqhingini saseMadagascar, ogwini olusempumalanga ye-Afrika, amaphayona amabili ayevame ukuhamba amakhilomitha angaba ngu-25 elangeni elishisayo eya endaweni ekude. Afundela abantu abathakazelayo iBhayibheli.

3 Ukuze bafinyelele kubantu abahlala ngasemifuleni iParaguay neParaná, oFakazi baseParaguay kanye nezisebenzi zokuzithandela ezivela emazweni angu-15, bakha isikebhe. Lesi sikebhe esingamathani angu-45 sithatha abantu abangu-12. Behlala kulesi sikebhe esintantayo, laba bashumayeli boMbuso abashisekayo basakaza izindaba ezinhle ezindaweni okwakunzima ukuzifinyelela.

4 ENyakatho Ekude, oFakazi e-Alaska basebenzisa ithuba eliyingqayizivele lokushumayeza izivakashi ehlobo. Lapho kufika imikhumbi egcwele izivakashi ezivela emazweni ahlukahlukene, oFakazi bendawo babema esikhumulweni semikhumbi bakhangise ngezincwadi zeBhayibheli zezilimi eziningi. Kuyo le ndawo, indiza yaba usizo olukhulu ekufinyeleleni izindawo ezingazodwa ukuze izindaba ezinhle zifike e-Aleut, e-Athabascan, eTsimshian naseTlingit.

5 ULarry waseTexas, e-U.S.A., wayenensimu ekhethekile—ikhaya lasebekhulile ayehlala kulo. Nakuba ehamba ngesihlalo sabakhubazekile ngenxa yengozi eyamehlela, wayezigcina ematasa. Wazisa abanye isigijimi soMbuso, kuhlanganise nethemba lakhe elisekelwe eBhayibhelini lokuthi ngaphansi kokubusa koMbuso, uyokwazi ukuhamba futhi.—Isaya 35:5, 6.

6 Ukuze iqembu loFakazi lifike emhlanganweni enyakatho yeMyanmar, lahamba izinsuku ezintathu ngesikebhe lisuka eMandalay. Bezimisele ukushumayela izindaba ezinhle, baphatha izincwadi zeBhayibheli bazihambisela abanye abagibeli. Isikhathi ngasinye lapho isikebhe sima edolobheni elincane, laba bashumayeli abamagange babehla ngokushesha bahambise izincwadi kuleyo ndawo. Njengoba isikebhe simile, kwakugibela abantu abasha, babe “insimu entsha” kulaba bamemezeli boMbuso njengoba bebuyela esikebheni.

7. Iziphi izindlela abakhulekeli bakaJehova abanikeza ngazo ubufakazi ngoMbuso kaNkulunkulu, futhi uyini umgomo wabo?

7 Njengalaba bafowethu nodadewethu okukhulunywe ngabo kulezi zibonelo ezimbalwa, abakhulekeli bakaJehova abashisekayo emhlabeni wonke ‘banikeza ubufakazi obuphelele ngoMbuso kaNkulunkulu.’ (IzE. 28:23) Bangena endlini ngendlu, bakhulume nabantu emigwaqweni, bababhalele izincwadi bashumayele nangocingo. Kungakhathaliseki ukuthi bahamba ngebhasi, basepaki, noma bathathe ikhefu emsebenzini wokuziphilisa, baphaphamela ukufuna amathuba okufakaza ngoMbuso kaNkulunkulu. Izindlela zingase zehluke, kodwa umgomo uyefana—ukushumayela izindaba ezinhle nomaphi lapho abantu betholakala khona.—Math. 10:11.

8, 9. (a) Kungani ukwanda komsebenzi wokushumayela ngoMbuso kuyisimangaliso? (b) Yimuphi umbuzo othakazelisayo ophakamayo, futhi yini okudingeka siyenze ukuze sithole impendulo?

8 Ingabe nawe mfundi othandekayo uphakathi kwezixuku zabamemezeli boMbuso abakhuthele emazweni angaphezu kuka-235? Uma kunjalo, uneqhaza ekwandeni okuvusa amadlingozi komsebenzi wokushumayela ngoMbuso! Okuye kwafezwa ensimini yomhlaba wonke kuyisimangaliso. Naphezu kwezingqinamba nezinselele ezinkulu—ngisho nokuvinjelwa ohulumeni nokushushiswa—oFakazi BakaJehova banikeza ubufakazi obuphelele ngoMbuso kaNkulunkulu kubantu bazo zonke izizwe.

9 Umbuzo othakazelisayo okufanele siwucabangele yilo, Kungani izingqinamba, ngisho nokuphikiswa kobusathane imbala, kungayimisanga inqubekela-phambili yomsebenzi wokushumayela ngoMbuso? Ukuze siphendule lo mbuzo, kudingeka sihlehlele emuva ekhulwini lokuqala C.E. Phela, thina boFakazi BakaJehova banamuhla siqhuba umsebenzi owaqala emuva ngaleso sikhathi.

Umyalo Ofinyelela Kude

10. Yini uJesu azinikela kuyo, futhi yini ayeyazi ngalo msebenzi?

10 UMsunguli webandla lobuKristu, uJesu Kristu, wazinikela ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu; wayephilela kona. Wake wathi: “Nakwamanye amadolobha kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, ngoba ngathunyelwa lokho.” (Luka 4:43) UJesu wayazi ukuthi wayeqala umsebenzi ayengeke awuqede yena ngokwakhe. Ngaphambi nje kokufa kwakhe, wabikezela ukuthi isigijimi soMbuso sasiyoshunyayelwa “ezizweni zonke.” (Marku 13:10) Kodwa sasizoshunyayelwa kanjani futhi obani?

“Hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.”​—Mathewu 28:19

11. Yimuphi umyalo obalulekile uJesu awunikeza abafundi bakhe, futhi yini eyayiyobasekela lapho bewenza?

11 Ngemva kokufa nokuvuswa kwakhe, uJesu wabonakala kubafundi bakhe futhi wabanikeza lo myalo obalulekile: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho. Bhekani! Nginani zonke izinsuku kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Math. 28:19, 20) Igama elithi “nginani” libonisa ukuthi wayeyobasekela abafundi bakhe emsebenzini wokushumayela nokwenza abafundi. Babeyokudinga ukusekelwa okunjalo ngoba uJesu wayebatshele ukuthi ‘babeyozondwa yizizwe zonke.’ (Math. 24:9) Abafundi babenokunye ababengathembela kukho. Ngaphambi nje kokuba anyukele ezulwini, uJesu wabatshela ukuthi babezonikezwa umoya ongcwele ukuze babe ofakazi bakhe ‘ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.’—IzE. 1:8.

12. Yimiphi imibuzo ebalulekile ephakamayo, futhi kungani kubalulekile ukuba sazi izimpendulo zayo?

12 Manje kuphakama imibuzo ebalulekile: Ingabe abaphostoli bakaJesu nabanye abafundi bekhulu lokuqala bawuthatha njengobaluleke kakhulu umyalo ababewunikiwe? Leli qembu elincane lamadoda nabesifazane abangamaKristu labunikeza yini ubufakazi obuphelele ngoMbuso kaNkulunkulu naphezu kokushushiswa ngesihluku? Ingabe umoya ongcwele kaJehova wabasekela ngempela emsebenzini wokwenza abafundi? Le mibuzo neminye ehlobene nayo iyaphendulwa encwadini yeBhayibheli yezEnzo. Kubalulekile ukuba sizazi izimpendulo zayo. Ngani? UJesu wathembisa ukuthi umsebenzi ayeyale ukuba wenziwe wawuyoqhubeka “kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” Ngakho, lo myalo usebenza kuwo wonke amaKristu eqiniso, kuhlanganise nathi esiphila kulesi sikhathi sokuphela. Ngakho-ke, sinesithakazelo esibukhali emlandweni osencwadini yezEnzo.

Okuqukethwe Incwadi YezEnzo

13, 14. (a) Ubani owaloba incwadi yezEnzo, futhi umlobi wakuthola kanjani ukwaziswa akuloba? (b) Ikhuluma ngani incwadi yezEnzo?

13 Yalotshwa ubani incwadi yezEnzo? Le ncwadi ayilisho igama lomlobi wayo, kodwa isethulo senza kucace ukuthi umlobi wezEnzo uyena futhi owaloba iVangeli likaLuka. (Luka 1:1-4; IzE. 1:1, 2) Ngakho, kusukela kudala, uLuka, “udokotela othandekayo” nesazimlando esiqikelelayo, ubelokhu eqashelwa njengomlobi wezEnzo. (Kol. 4:14) Le ncwadi ihlanganisa inkathi eyiminyaka engaba ngu-28, kusukela ekunyukeleni kukaJesu ezulwini ngo-33 C.E. kuya ekuboshweni kukamphostoli uPawulu eRoma cishe ngo-61 C.E. Iqiniso lokuthi uLuka uthi “ba-” abuye ashintshe athi “si-” ekulandiseni kwakhe lisikisela ukuthi wayekhona lapho kwenzeka eziningi zezenzakalo azichazayo. (IzE. 16:8-10; 20:5; 27:1) Njengomcwaningi ocophelelayo, akungabazeki ukuthi uLuka wazibuzela mathupha ukwaziswa okuthile kuPawulu, uBarnaba, uFiliphu nakwabanye okukhulunywa ngabo.

14 Ikhuluma ngani incwadi yezEnzo? Ngaphambili eVangelini lakhe, uLuka waloba ngezinto uJesu azisho nazenza. Kepha encwadini yezEnzo, uLuka ubika lokho abalandeli bakaJesu abakusho nabakwenza. Ngakho, izEnzo zikhuluma ngabantu abafeza umsebenzi obabazekayo nakuba iningi labo lalibhekwa abantu bangaphandle ‘njengabangafundile nabavamile.’ (IzE. 4:13) Ngamafuphi nje, lo mbhalo ophefumulelwe usitshela indlela ibandla lobuKristu elasungulwa futhi lakhula ngayo. IzEnzo zibonisa ukuthi amaKristu ekhulu lokuqala ayeshumayela kanjani—izindlela ayezisebenzisa nesimo sawo sengqondo. (IzE. 4:31; 5:42) Zichaza indima yomoya ongcwele ekusakazeni izindaba ezinhle. (IzE. 8:29, 39, 40; 13:1-3; 16:6; 18:24, 25) Ziqokomisa isihloko seBhayibheli esihlanganisa ukungcweliswa kwegama likaNkulunkulu ngoMbuso wakhe ophethwe uKristu futhi zibonise ukusakazwa kwesigijimi soMbuso ngempumelelo naphezu kokuphikiswa ngonya.—IzE. 8:12; 19:8; 28:30, 31.

15. Siyozuza ngaziphi izindlela ngokuhlola incwadi yezEnzo?

15 Yebo, kuyajabulisa futhi kuqinisa ukholo ukuhlola incwadi yeBhayibheli yezEnzo! Uma sicabanga ngesibonelo sesibindi nesentshiseko sabalandeli bakaKristu bokuqala, izinhliziyo zethu ziyothinteka. Siyoshukumiseleka ukuba silingise ukholo lwabafowethu bekhulu lokuqala. Ngokwenza kanjalo, siyobe sikuhlomele kahle ukufeza umyalo othi “hambani niyokwenza . . . abafundi.” Le ncwadi oyifundayo manje iklanyelwe ukukusiza ukuba uyitadishe kahle incwadi yezEnzo.

Incwadi Ewusizo Yokutadisha IBhayibheli

16. Iyini injongo ekathathu yale ncwadi?

16 Iyini injongo yale ncwadi? Injongo ekathathu yale ncwadi (1) ukusiqinisekisa ngokwengeziwe ukuthi uJehova, ngomoya wakhe ongcwele, uyawusekela umsebenzi wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi, (2) ukwandisa intshiseko yethu enkonzweni ngokuhlola isibonelo sabalandeli bakaKristu bekhulu lokuqala (3) nokujulisa inhlonipho yethu ngenhlangano kaJehova nangalabo abaholayo emsebenzini wokushumayela nasekuqondiseni amabandla.

17, 18. Ihlelwe kanjani le ncwadi, futhi iziphi izici ezizoba usizo esifundweni seBhayibheli somuntu siqu?

17 Ihlelwe kanjani le ncwadi? Uzophawula ukuthi ihlukaniswe yaba izingxenye ezingu-8, ngayinye ikhuluma ngengxenye ethile yencwadi yezEnzo. Injongo yezahluko ezilandelayo ayikona ukuxoxa ngevesi ngalinye lencwadi yezEnzo, kodwa iwukuthola izifundo ezenzakalweni ezilotshwe kuyo nokusisiza sibone ukuthi singawasebenzisa kanjani amaphuzu esiwafundile. Ekuqaleni kwesahluko ngasinye kunomusho oyisihluthulelo ochaza umongo waso nomBhalo obonisa ingxenye yencwadi yezEnzo okuzoxoxwa ngayo.

18 Kunezinye izici zale ncwadi ezizoba usizo esifundweni seBhayibheli somuntu siqu. Imifanekiso emihle ebonisa izenzakalo ezithakazelisayo ezisencwadini yezEnzo, izokusiza ukuba ukubone ngeso lengqondo okwakwenzeka njengoba ufunda ukulandisa kweBhayibheli. Izahluko eziningi zinamabhokisi anamaphuzu awusizo. Amanye amabhokisi anokwaziswa ngomuntu okukhulunywa ngaye eBhayibhelini, olukholo lwakhe lukufanelekele ukulingiswa. Amanye anikeza imininingwane eyengeziwe ngezindawo, izenzakalo, amasiko, noma abanye abantu okukhulunywa ngabo encwadini yezEnzo.

Insimu oyabelwe yisebenze ngomuzwa wokuphuthuma

19. Yikuphi ukuzihlola okufanele sidamane sikwenza?

19 Le ncwadi ingakusiza ukuba uzihlole ngokwethembeka. Kungakhathaliseki ukuthi usunesikhathi eside kangakanani ukhonza njengommemezeli woMbuso, kuhle ukudamane uma uhlaziye izinto eziza kuqala ekuphileni kwakho nombono wakho ngenkonzo yobuKristu. (2 Kor. 13:5) Zibuze: ‘Ngisenawo yini umuzwa wokuphuthuma enkonzweni yami? (1 Kor. 7:29-31) Ingabe ngishumayela izindaba ezinhle ngokuqiniseka nangentshiseko? (1 Thes. 1:5, 6) Ingabe ngihlanganyela ngokugcwele ngangokunokwenzeka ekushumayeleni nasekwenzeni abafundi?’—Kol. 3:23.

20, 21. Kungani umsebenzi wethu uphuthuma kangaka, futhi yini okufanele sizimisele ukuyenza?

20 Masikhumbule ukuthi sithunywe ukuba senze umsebenzi obalulekile—wokushumayela nokwenza abafundi. Usuku ngalunye oludlulayo, lo msebenzi uya uphuthuma ngokwengeziwe. Ukuphela kwalesi simiso sezinto kusondela ngokushesha. Akukaze nanini ngaphambili ukuphila kwabantu abaningi kangaka kube sengozini. Asazi ukuthi bangaki abantu abathambekele ngokufanele abasengasamukela isigijimi sethu. (IzE. 13:48) Kodwa kuwumthwalo wethu wemfanelo ukubasiza kungakephuzi.—1 Thim. 4:16.

21 Kusemqoka-ke ukuba silingise isibonelo sabashumayeli boMbuso abashisekayo bekhulu lokuqala. Kwangathi ukutadisha kwakho le ncwadi ngokucophelela kungakushukumisela ukuba ushumayele ngentshiseko nangesibindi esengeziwe. Kwangathi kungaqina nokuzimisela kwakho ukuqhubeka ‘unikeza ubufakazi obuphelele ngoMbuso kaNkulunkulu.’—IzE. 28:23.