Uhlu Lwezikhombo Zezithombe
Luhlelwe Ngezinombolo Zamakhasi
Isembozo UPawulu, uThabitha, uGaliyu, uLuka, isikhulu sethempeli nabaphostoli, umSadusi, uPawulu uyiswa eKhesariya nokufakaza kwanamuhla ngemoto enombhobho negilamafoni.
Ikhasi 1 UPawulu uboshiwe, uLuka usemkhunjini oya eRoma.
Amakhasi 2, 3 UMfoweth’ uJ.E. Barr noT. Jaracz beNdikimba Ebusayo bami eduze nebalazwe.
Ikhasi 11 UJesu uthuma abaphostoli abathembekile abangu-11 nabanye abalandeli bakhe entabeni eGalile.
Ikhasi 14 UJesu ukhuphukela esibhakabhakeni. Abaphostoli bamgqolozele.
Ikhasi 20 NgePhentekoste, abafundi baqala ukukhuluma nezivakashi ngezilimi zazo.
Ikhasi 36 Abaphostoli bami phambi kukaKayafase othukuthele. Izikhulu zasethempelini zimi phambi kweSanhedrini ukuze zibabophe.
Ikhasi 44 Ngezansi: Ngemva kweMpi Yezwe II, inkantolo yaseJalimane eseMpumalanga yalahla oFakazi BakaJehova ngecala kungafanele lokuthi bayizimpimpi zaseMelika.—Iphephabhuku i-Neue Berliner Illustrierte, ka-Okthoba 3, 1950.
Ikhasi 46 UStefanu umangalelwe phambi kweSanhedrini. Ngemuva kunabaSadusi abayizicebi, ngaphambili kunabaFarisi abasadla ngoludala.
Ikhasi 54 UPetru ubeka umfundi omusha izandla; uSimoni uphethe isikhwama semali.
Ikhasi 75 UPetru nayehamba nabo bangena endlini kaKorneliyu. UKorneliyu wembathe indwangu yekhethelo ehlombe ukuze abonise isikhundla sakhe njengenduna yekhulu.
Ikhasi 83 UPetru uholwa ingelosi; kungenzeka wayeboshelwe eMbhoshongweni Ka-Antonia.
Ikhasi 84 Ngezansi: Isixuku esinodlame eduze kwaseMontreal, eQuebec, ngo-1945.—I-Weekend Magazine, yangoJulayi 1956.
Ikhasi 91 UPawulu noBarnaba bayaxoshwa e-Antiyokiya yasePhisidiya. Ngemuva kunomsele omusha wedolobha okungenzeka wakhiwa ngasekuqaleni kwekhulu lokuqala C.E.
Ikhasi 94 UPawulu noBarnaba bayenqaba ukukhulekelwa eListra. Ngokuvamile, lapho kwenziwa imihlatshelo yeningi kwakuba mnandi, kube nomsindo futhi kuculwe.
Ikhasi 100 Ngenhla: USila noJuda bakhuthaza ibandla lase-Antiyokiya yaseSiriya. (IzE. 15:30-32) Ngezansi: Umbonisi wesigodi ubeka inkulumo ebandleni lase-Uganda.
Ikhasi 107 Ibandla laseJerusalema lihlanganela emzini womzalwane.
Ikhasi 124 UPawulu noThimothewu bavezwe behamba ngomkhumbi waseRoma wokuhweba. Kude le kunendlu yesibani yokuxwayisa imikhumbi.
Ikhasi 139 UPawulu noSila basegcekeni elibiyelwe, babalekela isixuku esithukuthele.
Ikhasi 155 UGaliyu ukhuza abamangaleli bakaPawulu. Ugqoke izembatho ezifanelana nesikhundla sakhe: ingubo ende emhlophe enomthende obanzi ophephuli ne-calcei, uhlobo oluthile lwesicathulo.
Ikhasi 158 UDemetriyu ukhuluma esitolo sabakhandi besiliva e-Efesu. Bathengisa izithixo zesiliva ezibonisa indawo yokukhulekela ka-Arthemisi njengezinto eziyisikhumbuzo.
Ikhasi 171 UPawulu nayekanye nabo bangena esikebheni. Ngemuva kunesithombe esiyiSikhumbuzo Setheku Elikhulu esakhiwa ekhulwini lokuqala B.C.E.
Ikhasi 180 Ngezansi: Phakathi nokuvinjelwa kwezincwadi eCanada ngawo-1940, uFakazi osemusha ushushumbisa izincwadi zeBhayibheli. (Isithombe esibonisa lokho okwenzeka ngokoqobo.)
Ikhasi 182 UPawulu uthobela isicelo sabadala. Kukhona uLuka noThimothewu, basiza ngokuhambisa iminikelo.
Ikhasi 190 Umshana kaPawulu ukhuluma noKlawudiyu Lisiya eMbhoshongweni Ka-Antonia, cishe lapho uPawulu ayeboshelwe khona. Ngemuva kunethempeli likaHerode.
Ikhasi 206 UPawulu uthandazela abagibeli abakhathele emkhunjini.
Ikhasi 222 UPawulu uboshelwe esosheni elingumRoma, ubuka ingxenye yedolobha laseRoma.