INGXENYE 7 • IZENZO 18:23–21:17
‘Ukufundisa Obala Nasendlini Ngendlu’
Kungani kudingeka sithobeke futhi sizivumelanise nezimo lapho sifundisa abanye? Iyiphi indlela eyinhloko yokushumayela izindaba ezinhle? Singabonisa kanjani ukuthi ukwenza intando kaNkulunkulu kubaluleke ngaphezu kokuba sizijabulise thina? Ukulandisa okuhlaba umxhwele kohambo lukaPawulu lwesithathu nolokugcina njengesithunywa sevangeli, kungasisiza ukuba siphendule le mibuzo ebaluleke kakhulu.