INGXENYE 8 • IZENZO 21:18–28:31
‘Ukushumayela NgoMbuso KaNkulunkulu Ngaphandle Kwesithiyo’
Kule ngxenye, sizobona uPawulu ebhekana nezixuku eziwoth’ ubomvu, ekhuthazelela ukuboshwa futhi egqigqa ezinkantolo naphambi kwezikhulu zaseRoma ezihlukahlukene. Naphezu kwakho konke lokhu, lo mphostoli uyaqhubeka enikeza ubufakazi ngoMbuso kaNkulunkulu. Njengoba ufunda isiphetho esivusa amadlingozi sencwadi yezEnzo, zibuze, ‘Ngingamlingisa kanjani lo mvangeli onesibindi nentshiseko?’