ISAHLUKO 28
‘Ezingxenyeni Ezikude Kakhulu Zomhlaba’
OFakazi BakaJehova baqhuba umsebenzi owaqalwa abalandeli bakaJesu Kristu ekhulwini lokuqala leNkathi yethu Evamile
1. Yikuphi ukufana okukhona phakathi kwamaKristu okuqala noFakazi BakaJehova namuhla?
ANIKEZA ubufakazi ngentshiseko. Izinhliziyo zawo zaziwashukumisela ukuba amukele usizo nesiqondiso somoya ongcwele. Ukushushiswa akuwathulisanga. UNkulunkulu wawabusisa ngokucebile. Konke lokhu kwenzeka kumaKristu okuqala, njengoba nje kwenzeka koFakazi BakaJehova namuhla.
2, 3. Yini ephawuleka ngokukhethekile ngencwadi yezEnzo?
2 Akungabazeki ukuthi ukulandisa okuqinisa ukholo kwezigigaba ezisencwadini yeBhayibheli yezEnzo ZabaPhostoli kukukhuthazile! Kuyingqayizivele ngoba kuwukuphela komlando wamaKristu okuqala ophefumulelwe uNkulunkulu.
3 Incwadi yezEnzo ikhuluma ngabantu abangu-95 ababevela emazweni angu-32, emadolobheni angu-54 naseziqhingini ezingu-9. Iyindaba ehlaba umxhwele—yabantu abavamile, abashisekeli benkolo abaqhoshayo, ababusi abazikhukhumezayo nabashushisi abangenangqondo. Ngaphezu kwakho konke, ilandisa ngabafowethu nodade bekhulu lokuqala, abangabhekananga nje kuphela nezinselele ezivamile zokuphila kodwa futhi bashumayela izindaba ezinhle ngentshiseko.
4. Kungani sinobuhlobo obukhethekile nabantu abanjengomphostoli uPawulu, uThabitha nabanye ofakazi abathembekile basendulo?
4 Sekudlule iminyaka ecishe ibe ngu-2 000 kwaba khona abaphostoli abashisekayo uPetru noPawulu, udokotela othandekayo uLuka, uBarnaba ophanayo, uStefanu onesibindi, uThabitha onomusa, uLidiya owamukela abanye ngomusa kanye nofakazi abaningi abathembekile. Noma kunjalo sinobuhlobo obukhethekile nabo. Ngani? Ngoba senza umsebenzi ofanayo wokwenza abafundi. (Math. 28:19, 20) Yeka isibusiso okuyiso ukuhlanganyela kuwo!
5. Abalandeli bakaJesu bokuqala baqala kuphi ukushumayela?
5 Cabanga ngomyalo uJesu awunika abalandeli bakhe. Wathi: “Nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu, nizoba ofakazi bami eJerusalema, kulo lonke elaseJudiya naseSamariya, nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8) Okokuqala, umoya ongcwele wanika abafundi amandla okuba ofakazi “eJerusalema.” (IzE. 1:1–8:3) Ngemva kwalokho, beqondiswa umoya, bashumayela “kulo lonke elaseJudiya naseSamariya.” (IzE. 8:4–13:3) Kamuva baqala ukuyisa izindaba ezinhle “nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.”—IzE. 13:4–28:31.
6, 7. Enkonzweni yethu, yini esinayo amaKristu ekhulu lokuqala ayengenayo?
6 Abafowethu bekhulu lokuqala babengenalo iBhayibheli eliphelele ababengalisebenzisa lapho benikeza ubufakazi. IVangeli likaMathewu lalingekho kwaze kwaba cishe ngo-41 C.E. Ezinye zezincwadi zikaPawulu zalotshwa ngaphambi kokuba izEnzo ziqedwe, cishe ngo-61 C.E. Kodwa amaKristu okuqala ayengenawo ngisho namakhophi awo siqu emiBhalo Engcwele ephelele, engenazo nezincwadi ayengazishiyela abantu ababethanda ukufunda. Ngaphambi kokuba abe abafundi bakaJesu, amaKristu angamaJuda ayezwe imiBhalo YesiHebheru ifundwa esinagogeni. (2 Kor. 3:14-16) Kodwa nawo kwakudingeka abe abafundi abakhuthele ngoba cishe kwakudingeka ayibambe ngekhanda imiBhalo.
7 Namuhla, iningi lethu linawo amaBhayibheli nenqwaba yezincwadi zeBhayibheli. Senza abafundi ngokumemezela izindaba ezinhle emazweni angu-240 ngezilimi eziningi.
Umoya Ongcwele Wabanika Amandla
8, 9. (a) Umoya ongcwele wasiza abafundi bakaJesu ukuba benzeni? (b) Yini inceku ethembekile eyikhiqizayo ngosizo lomoya kaNkulunkulu?
8 Lapho uJesu ethuma abafundi bakhe ukuba babe ofakazi, wabatshela: “Nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu.” Beqondiswa umoya kaNkulunkulu, noma amandla asebenzayo, abalandeli bakaJesu babeyogcina bekhonza njengofakazi emhlabeni wonke. Ngomoya ongcwele, uPetru noPawulu belapha, bakhipha amademoni baze bavusa nabafile! Nokho, amandla omoya ongcwele abawathola ayenenjongo ebaluleke nakakhulu. Asiza abaphostoli nabanye abafundi ukuba badlulisele kwabanye ulwazi olunembile olunikeza ukuphila okuphakade.—Joh. 17:3.
9 Ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E., abafundi bakaJesu bakhuluma “ngezilimi ezihlukahlukene, njengoba nje umoya wawubenza bakhulume.” Ngakho bakwazi ukunikeza ubufakazi “ngezinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu.” (IzE. 2:1-4, 11) Namuhla asikhulumi ngokuyisimangaliso ngezilimi ezihlukahlukene. Kodwa ngosizo lomoya kaNkulunkulu, inceku ethembekile ikhiqiza izincwadi zeBhayibheli ngezilimi eziningi. Ngokwesibonelo, kunyatheliswa izigidi zomagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! nyanga zonke futhi iwebusayithi yethu, i-jw.org, inezincwadi namavidiyo okusekelwe eBhayibhelini okutholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-1 000. Konke lokhu kusenza sikwazi ukukhuluma “ngezinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu” nabantu bazo zonke izizwe, izinhlanga nezilimi.—IsAm. 7:9.
10. Yini eye yenziwa mayelana nokuhunyushwa kweBhayibheli kusukela ngo-1989?
10 Kusukela ngo-1989 inceku ethembekile iye yagxila ekwenzeni ukuba INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele itholakale ngezilimi eziningi. Leli Bhayibheli selihunyushwe ngezilimi ezingaphezu kuka-200 futhi sekunyatheliswe amashumi ezigidi zalo—futhi kuseza ezinye eziningi. NguNkulunkulu nomoya wakhe kuphela obengaphumelelisa le mizamo.
11. Yini eye yenziwa mayelana nokuhunyushwa kwezincwadi zoFakazi?
11 Umsebenzi wokuhumusha wenziwa izinkulungwane zezisebenzi zokuzithandela ezingamaKristu emazweni angaphezu kuka-150. Akumelwe kusimangaze lokhu ngoba ayikho enye inhlangano emhlabeni eholwa umoya ongcwele ‘ekunikezeni ubufakazi obuphelele’ emhlabeni wonke ngoJehova uNkulunkulu, ngeNkosi yakhe enguMesiya nangoMbuso wasezulwini omisiwe!—IzE. 28:23.
12. Yini eyasiza uPawulu namanye amaKristu ukuba benze umsebenzi wokunikeza ubufakazi?
12 Lapho uPawulu enikeza ubufakazi kumaJuda nakwabeZizwe e-Antiyokiya yasePhisidiya, “labo ababenesimo esihle sengqondo esasiyobenza bathole ukuphila okuphakade baba amakholwa.” (IzE. 13:48) Njengoba uLuka ephetha incwadi yezEnzo, uPawulu ‘ushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu ngenkululeko yokukhuluma enkulu kakhulu, ngaphandle kwesithiyo.’ (IzE. 28:31) Ushumayela kuphi lo mphostoli? ERoma—inhloko-dolobha yombuso wezwe! Kungakhathaliseki ukuthi ngezinkulumo noma ngezinye izindlela, abalandeli bakaJesu bokuqala bashumayela besizwa umoya ongcwele nesiqondiso sawo.
Ukukhuthazela Naphezu Kokushushiswa
13. Kungani kufanele sithandaze lapho sishushiswa?
13 Lapho abafundi bakaJesu bokuqala beshushiswa, bacela isibindi kuJehova. Waba yini umphumela? Bagcwaliswa ngomoya ongcwele, bathola amandla okukhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi. (IzE. 4:18-31) Nathi sithandazela ukuhlakanipha namandla okuqhubeka sifakaza naphezu kokushushiswa. (Jak. 1:2-8) Ngenxa yokuthi sibusiswa uNkulunkulu futhi sisizwa umoya wakhe, siyaqhubeka sishumayela ngoMbuso. Akukho okuvimba umsebenzi wokunikeza ubufakazi—kungakhathaliseki ukuthi ukuphikiswa okukhulu noma ukushushiswa ngesihluku. Lapho sishushiswa, kudingeka siwuthandazele nakanjani umoya ongcwele, ukuhlakanipha nesibindi ukuze simemezele izindaba ezinhle.—Luka 11:13.
14, 15. (a) Yini eyaba umphumela ‘wosizi olwaqubuka ngoStefanu’? (b) Esikhathini sethu, abantu abaningi eSiberia balithola kanjani iqiniso?
14 UStefanu wafakaza ngesibindi ngaphambi kokuba izitha zakhe zimbulale. (IzE. 6:5; 7:54-60) Phakathi ‘nokushushiswa okukhulu’ okwaba khona ngaleso sikhathi, bonke abafundi, ngaphandle kwabaphostoli, basakazekela kulo lonke elaseJudiya neSamariya. Kodwa lokho akuzange kuwumise umsebenzi wokunikeza ubufakazi. UFiliphu waya eSamariya “washumayela ngoKristu” futhi kwaba nemiphumela emihle kakhulu. (IzE. 8:1-8, 14, 15, 25) Ngaphezu kwalokho, siyatshelwa: “Labo ababehlakazwe usizi olwaqubuka ngoStefanu bahamba baze bayofika eFenike, eKhupro nase-Antiyokiya, kodwa beshumayela kumaJuda kuphela. Nokho, amanye amadoda phakathi kwabo avela eKhupro naseKhurene afika e-Antiyokiya ashumayeza abantu abakhuluma isiGreki, ememezela izindaba ezinhle zeNkosi uJesu.” (IzE. 11:19, 20) Ngaleso sikhathi, wushushiso olwasakaza isigijimi soMbuso.
15 Esikhathini sethu kwenzeka okufanayo ezweni elaliyiSoviet Union. Izinkulungwane zoFakazi BakaJehova zadingiselwa eSiberia, ikakhulu ngawo-1950. Ngenxa yokuthi babehlala ezindaweni ezihlukahlukene, izindaba ezinhle zazilokhu zisakazeka kulelo zwe elikhulu. Kwakungenakwenzeka ngoFakazi abaningi kangaka ukuba bathole imali yokuhamba amakhilomitha angaba ngu-10 000 bayomemezela izindaba ezinhle! Uhulumeni ngokwawo owabathumela. Omunye umzalwane wathi: “Iziphathimandla yizo ezasiza izinkulungwane zabantu abaqotho eSiberia ukuba zazi iqiniso.”
Ukubusiswa UJehova Ngokucebile
16, 17. Incwadi yezEnzo isinikeza buphi ubufakazi besibusiso sikaJehova emsebenzini wokunikeza ubufakazi?
16 Ngokungangabazeki isibusiso sikaJehova sasiphezu kwamaKristu okuqala. UPawulu nabanye batshala futhi banisela, “kodwa uNkulunkulu waqhubeka ekhulisa.” (1 Kor. 3:5, 6) Imibiko esencwadini yezEnzo inikeza ubufakazi balokho kukhula ngenxa yesibusiso sikaJehova emsebenzini wokunikeza ubufakazi. Ngokwesibonelo, “izwi likaNkulunkulu laqhubeka lisakazeka, isibalo sabafundi sasilokhu sanda kakhulu eJerusalema.” (IzE. 6:7) Njengoba umsebenzi wokufakaza wawusakazeka, “ibandla kulo lonke elaseJudiya naseGalile naseSamariya langena enkathini yokuthula, lakhiwa; isibalo salo saqhubeka sanda ngenxa yokuthi lalibonisa ukwesaba uJehova futhi liphila ngokuvumelana nenduduzo yomoya ongcwele.”—IzE. 9:31.
17 E-Antiyokiya yaseSiriya, amaJuda namaGreki bezwa iqiniso kofakazi abanesibindi. Ukulandisa kuthi: “Ngaphezu kwalokho, isandla sikaJehova sasinawo, isibalo esikhulu saba amakholwa saphendukela eNkosini.” (IzE. 11:21) Ngokuqondene nentuthuko eyengeziwe kulelo dolobha, siyafunda: “Izwi likaJehova laqhubeka likhula futhi lisakazeka.” (IzE. 12:24) Ngenxa yokufakaza ngentshiseko kukaPawulu nabanye kwabeZizwe, “izwi likaJehova laqhubeka likhula futhi linqoba ngendlela enamandla.”—IzE. 19:20.
18, 19. Sazi kanjani ukuthi “isandla sikaJehova” sinathi? (b) Nikeza isibonelo sokuthi uJehova uyabasekela abantu bakhe.
18 Siyaqiniseka ukuthi “isandla sikaJehova” sinathi nanamuhla. Yingakho abaningi kangaka beba amakholwa futhi bebonakalisa ukuzinikezela kwabo kuNkulunkulu ngokubhapathizwa. Ngaphezu kwalokho, sikwazi ukukhuthazelela ukuphikiswa okunzima—ngezinye izikhathi ukushushiswa kabuhlungu—futhi siyifeze ngempumelelo inkonzo yethu ngenxa yosizo nesibusiso sikaNkulunkulu, njengoba kwenza uPawulu namanye amaKristu okuqala. (IzE. 14:19-21) UJehova uNkulunkulu uhlale enathi ngaso sonke isikhathi. “Izingalo zakhe zaphakade” zisisekela njalo kulo lonke uvivinyo lwethu. (Dut. 33:27) Masikhumbule nokuthi ngenxa yegama lakhe elikhulu, uJehova akabashiyi nanini abantu bakhe.—1 Sam. 12:22; IHu. 94:14.
19 Nasi isibonelo: Ngenxa yokuthi uMfoweth’ uHarald Abt wayeqhubeka enikeza ubufakazi, amaNazi amthumela ekamu lokuhlushwa laseSachsenhausen phakathi neMpi Yezwe II. NgoMeyi 1942 amaGestapo aya kumkakhe, u-Elsa, amphuca indodakazi yabo esencane, ayesembopha. U-Elsa wayiswa emakamu ahlukahlukene. Uthi: “Iminyaka engayichitha emakamu okuhlushwa aseJalimane yangifundisa isifundo esibalulekile sokuthi umoya kaJehova ungakuqinisa kakhulu lapho ungaphansi kovivinyo olunzima! Ngaphambi kokuba ngiboshwe, ngangifunde incwadi yomunye udade eyayithi ngaphansi kovivinyo olukhulu umoya kaJehova ukwenza uzole. Ngangicabanga ukuthi unehaba. Kodwa lapho ngivivinywa, ngabona ukuthi kwakuyiqiniso lokho ayekushilo. Kuba njalo ngempela. Kulukhuni ukukucabanga uma ungakaze uhlangabezane nakho. Kwenzeka ngempela kimi.”
Qhubeka Unikeza Ubufakazi Obuphelele!
20. Yini uPawulu ayenza lapho eboshiwe, futhi lokhu kungabakhuthaza kanjani abanye babafowethu nodadewethu?
20 Incwadi yezEnzo iphela lapho uPawulu “eshumayela . . . ngoMbuso kaNkulunkulu” ngentshiseko. (IzE. 28:31) Ngenxa yokuthi wayeboshelwe endlini, wayengakwazi ukuphuma ayoshumayela endlini ngendlu eRoma. Yize kunjalo, waqhubeka efakaza kubo bonke ababeza kuye. Namuhla, abanye babafowethu nodadewethu abathandekayo bavaleleke ezindlini, mhlawumbe abakwazi nokuvuka embhedeni, noma bahlala emakhaya okunakekela abagulayo ngenxa yokukhula, ukugula noma ubuthakathaka. Kodwa uthando lwabo ngoNkulunkulu nesifiso sabo sokunikeza ubufakazi kuqine kunanini ngaphambili. Siyabathandazela futhi singabacelela kuBaba wethu osezulwini ukuba bathole labo abalangazelela ukufunda ngaye nezinjongo zakhe ezimangalisayo.
21. Kungani kufanele sinikeze ubufakazi obuphelele ngomuzwa wokuphuthuma?
21 Iningi lethu liyakwazi ukuhlanganyela enkonzweni yendlu ngendlu nakwezinye izici zomsebenzi wokwenza abafundi. Ngakho, ngamunye wethu makenze konke angakwenza ukuze sonke sifeze indima yethu njengabamemezeli boMbuso, sihlanganyele ekunikezeni ubufakazi “nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” Lo msebenzi kumelwe wenziwe ngomuzwa wokuphuthuma ngoba “uphawu” lokuba khona kukaKristu lubonakala ngokucacile. (Math. 24:3-14) Masingachithi isikhathi. Njengamanje ‘sinokuningi esingakwenza emsebenzini weNkosi.’—1 Kor. 15:58.
22. Yini okufanele sizimisele ukuyenza njengoba silindele usuku lukaJehova?
22 Njengoba silindele ‘ukufika kosuku lukaJehova olukhulu nolumangalisayo,’ masizimisele ukuqhubeka sinikeza ubufakazi ngesibindi nangokwethembeka. (Joweli 2:31) Sisazothola abantu abaningi abafana nabaseBhereya ‘abamukela izwi ngengqondo enokulangazela okukhulu.’ (IzE. 17:10, 11) Ngakho-ke, kwangathi singanikeza ubufakazi kuze kube yilapho sizwa la mazwi: “Wenze kahle, nceku enhle nethembekile!” (Math. 25:23) Uma siyifeza ngentshiseko ingxenye yethu emsebenzini wokwenza abafundi namuhla futhi sihlala sithembekile kuJehova, nakanjani siyojabula kulo lonke iphakade ngokuthi saba nelungelo elikhulu ‘lokunikeza ubufakazi obuphelele’ ngoMbuso kaNkulunkulu!