Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kwesobunxele: Udade wase-Alabama, e-U.S.A. udlala inkulumo eqoshiwe kaMfoweth’ uRutherford ekupheleni kwawo-1930, Kwesokudla: ESwitzerland

INGXENYE 1

Iqiniso LoMbuso—Ukukhipha Ukudla Okungokomoya

Iqiniso LoMbuso—Ukukhipha Ukudla Okungokomoya

UBONA amehlo omuntu omfundelayo eqhakaza njengoba eqonda umBhalo enisanda kuwufunda. Usho ngokunensa: “Uqonde ukungitshela ukuthi iBhayibheli lifundisa ukuthi singaphila phakade ePharadesi—khona la emhlabeni?” Umuntu ohamba naye ensimini uyamoyizela athi: “Litheni iBhayibheli?” Ofundelwayo unikina ikhanda emangele, athi: “Angikholwa ukuthi angizange ngifundiswe le nto!” Uyakhumbula ukuthi nasemasontweni ambalwa adlule usho okufanayo lapho eqala ukuzwa ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova.

Kuke kwenzeka kuwe lokho? Kwenzekile kubantu abaningi bakaNkulunkulu. Zimbalwa izinto ezisikhumbuza ngokucace kangaka isipho esiyigugu esisiphiwe—ulwazi lweqiniso! Awume kancane ucabange: Safika kanjani kuwe leso sipho? Sizoxoxa ngalowo mbuzo kule ngxenye. Indlela abantu bakaNkulunkulu abakuthole ngayo ukukhanyiselwa okuqhubekayo ngokomoya kuwubufakazi obucacile bokuthi uMbuso kaNkulunkulu ungokoqobo. Sekuphele ikhulu leminyaka iNkosi yawo, uJesu Kristu, iqikelela ukuthi abantu bakaNkulunkulu bafundiswa iqiniso.

KULE NGXENYE

ISAHLUKO 3

UJehova Wembula Injongo Yakhe

Ingabe uMbuso wawuyingxenye yenjongo yokuqala kaNkulunkulu? UJesu wakunikeza kanjani ukukhanya ngokuqondene noMbuso?

ISAHLUKO 4

UJehova Uphakamisa Igama Lakhe

Yini uMbuso oyifezile ngokuqondene negama likaNkulunkulu? Ungahlanganyela kanjani ekungcweliseni igama likaJehova?

ISAHLUKO 5

INkosi Ikhanyisa NgoMbuso

Thola ukuqonda okucacile mayelana nokuthi kudingekani ukuze ube qotho eMbusweni.