Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 5

INkosi Ikhanyisa NgoMbuso

INkosi Ikhanyisa NgoMbuso

OKUZOXOXWA NGAKHO KULESI SAHLUKO

Abantu bakaNkulunkulu baqonda amaqiniso asemqoka ngoMbuso, ababusi bawo, izikhonzi zawo, kanye nemfuneko yobuqotho

1, 2. Kungani singathi uJesu waba umqondisi ohlakaniphile?

AKE sithi umuntu ongumakad’ ebona ekubukiseni abantu izindawo uyakuhola ukubukisa idolobha elihle ngendlela eyisimanga. Wena nohamba nabo niyaqala ukulibona leli dolobha, ngakho nibamba izwi nezwi lalokho akushoyo. Ngenxa yenjabulo, ngezinye izikhathi niba nemibuzo ngezinye zezinto zakuleli dolobha ezithandwa izivakashi. Uma nithi niyambuza ngalezo zinto, akanitsheli kuze kube yisikhathi esifanele, mhlawumbe lapho senizoqhamukela kulokho ebenikubuza. Njengoba isikhathi siqhubeka, ukuhlakanipha kwakhe kuya kunihlaba umxhwele ngokwengeziwe ngoba unitshela lokho okudingeka nikwazi ngesikhathi okudingeka nikuthole ngaso.

2 AmaKristu eqiniso asesimweni esifana nesalezo zivakashi ezibuka indawo. Sifunda ngomuzi, noma idolobha, omangalisa kunayo yonke, “umuzi onezisekelo zangempela,” uMbuso kaNkulunkulu. (Heb. 11:10) Ngesikhathi uJesu esemhlabeni wahola abalandeli bakhe wabaqondisa olwazini olujulile lwalowo Mbuso. Ingabe wayiphendula yonke imibuzo yabo, wabatshela konke ngalowo Mbuso ngesikhathi esisodwa? Cha. Wathi: “Nginezinto eziningi okusamelwe nginitshele zona, kodwa anikwazi ukuzithwala njengamanje.” (Joh. 16:12) Njengomqondisi ohlakaniphe kunabo bonke, uJesu akazange athwese abafundi bakhe ulwazi ababengakulungele ukuluthwala.

3, 4. (a) UJesu uqhubeke kanjani efundisa abathembekile ngoMbuso kaNkulunkulu? (b) Sizofunda ngani kulesi sahluko?

3 Amazwi akuJohane 16:12 uJesu wawasho ngobusuku bokugcina ephila emhlabeni. Ngemva kokufa kwakhe, wayeyoqhubeka kanjani efundisa abantu abathembekile ngoMbuso kaNkulunkulu? Waqinisekisa abaphostoli bakhe: “Umoya weqiniso, uyonihola kulo lonke iqiniso.” * (Joh. 16:13) Singase sibheke umoya ongcwele njengowumqondisi onesineke. Lo moya uyindlela kaJesu yokufundisa abalandeli bakhe noma yini okudingeka bayazi ngoMbuso kaNkulunkulu—ngesikhathi okudingeka bayazi ngaso.

4 Ake sifunde ngendlela umoya ongcwele kaJehova obulokhu uhola ngayo amaKristu aqotho uwayisa olwazini olwengeziwe ngalowo Mbuso. Okokuqala, sizoxoxa ngendlela esaqonda ngayo ukuthi uMbuso kaNkulunkulu waqala nini ukubusa. Ngemva kwalokho, sizohlola ukuthi obani ababusi balo Mbuso, abantu obabusayo namathemba abo. Okokugcina, sizobona indlela abalandeli bakaKristu abathola ngayo ukuqonda okucacile ngokuthi yini edingekayo ukuze umuntu abe qotho kulo Mbuso.

Ukuqonda Unyaka Osemqoka

5, 6. (a) Yimiphi imibono eyiphutha ababenayo abaFundi BeBhayibheli ngokumiswa koMbuso nokuvuna? (b) Kungani kungafanele imibono eyiphutha kanjalo isenze singabaze ukuthi uJesu wayebahola abalandeli bakhe?

5 Njengoba sibonile eSahlukweni 2 sale ncwadi, abaFundi BeBhayibheli bachitha amashumi eminyaka bethi u-1914 uyoba unyaka osemqoka ekugcwalisekeni kwesiprofetho seBhayibheli. Kepha ngaleso sikhathi babekholelwa ukuthi ukuba khona kukaKristu kwakuqale ngo-1874, ukuthi wayeqale ukubusa ezulwini ngo-1878 nokuthi uMbuso wawungeke umiswe ngokugcwele kuze kube u-October 1914. Ukuvuna kwakuyoqala ngo-1874 kuze kube u-1914 futhi kufinyelele umvuthwandaba ngokuqoqwa kwabagcotshiwe bayiswe ezulwini. Ingabe imibono eyiphutha njengale yenza kungabazeke ukuthi uJesu wayebahola ngomoya ongcwele labo bantu abathembekile?

6 Lutho! Awuphinde ucabange ngomfanekiso esiqale ngawo. Ingabe imibono lezi zivakashi ezizakhele yona ngaphambi kokuba zichazelwe, nemibuzo ezinayo ezenza zingabe zisamlinda umuntu ozichazelayo achaze, yenza kungabazeke ukuthi ungumuntu ezingamethemba? Cha! Ngokufanayo, nakuba ngezinye izikhathi abantu bakaNkulunkulu bezama ukuqonda imininingwane yenjongo kaJehova kungakabi isikhathi sokuba umoya ongcwele ubaqondise emaqinisweni anjalo, kusobala ukuthi uJesu uyabahola. Ngakho, abathembekile bazibonisa bekulungele ukulungiswa futhi ngokuthobeka balungise imibono yabo.Jak. 4:6.

7. Yimiphi imisebe yokukhanya okungokomoya ababusiswa ngayo abantu bakaNkulunkulu?

7 Eminyakeni eyalandela u-1919, abantu bakaNkulunkulu babusiswa ngemisebe eyengeziwe yokukhanya okungokomoya. (Funda iHubo 97:11.) Ngo-1925, kwaba nesihloko esiyingqopha-mlando kuyi-Nqabayokulinda esithi “Ukuzalwa Kwesizwe.” Sanikeza ubufakazi obungokomBhalo obugculisayo bokuthi uMbuso KaMesiya wawuzalwe ngo-1914, okwagcwalisa umfuziselo oyisiprofetho wowesifazane kaNkulunkulu wasezulwini obelethayo, njengoba ulotshwe encwadini yesAmbulo isahluko 12. * Lesi sihloko saqhubeka saveza ukuthi ushushiso nezinkathazo ezehlela abantu bakaJehova ngaleyo minyaka yempi kwakuyizimpawu ezicacile zokuthi uSathane wayephonswe emhlabeni esuka ezulwini, “ethukuthele kakhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.”IsAm. 12:12.

8, 9. (a) Kwagcizelelwa kanjani ukubaluleka koMbuso kaNkulunkulu? (b) Yimiphi imibuzo esizoyicabangela?

8 Ubaluleke kangakanani lo Mbuso? Ngo-1928, INqabayokulinda yaqala ukugcizelela ukuthi uMbuso ubaluleke kakhulu kunokusindiswa kwethu ngelungiselelo lesihlengo. Yebo, uJehova uyosebenzisa uMbuso KaMesiya ukuba angcwelise igama lakhe, alwele ubukhosi bakhe, afeze nazo zonke izinjongo zakhe eziphathelene nesintu.

9 Obani abayobusa noKristu kulowo Mbuso? Obani abayobuswa yilowo Mbuso lapha emhlabeni? Futhi imuphi umsebenzi okufanele wenziwe abalandeli bakaKristu?

Umsebenzi Wokuvuna Ugxila Kwabagcotshiweyo

10. Yini abantu bakaNkulunkulu abayiqonda kusukela kudala ngabangu-144 000?

10 Kusasele amashumi eminyaka ngaphambi kuka-1914, amaKristu eqiniso ayeseqonda kakade ukuthi bangu-144 000 abalandeli bakaKristu abathembekile abayobusa naye ezulwini. * Labo baFundi BeBhayibheli baqonda ukuthi leli nani lingokoqobo nokuthi laqala ukugcwaliswa emuva ekhulwini lokuqala C.E.

11. Lwathuthuka kanjani ulwazi lwalabo ababezoba umlobokazi kaKristu ngokuphathelene nesabelo sabo sasemhlabeni?

11 Babelwa ukuba benzeni labo ababezoba amalungu omlobokazi kaKristu ngesikhathi besesemhlabeni? Baqaphela ukuthi uJesu wayegcizelele umsebenzi wokushumayela futhi wayewuhlobanise nenkathi yokuvuna. (Math. 9:37; Joh. 4:35) Njengoba sibonile eSahlukweni 2, kwaphela isikhathi esithile bekholelwa ukuthi inkathi yokuvuna iyothatha iminyaka engu-40, ifinyelele umvuthwandaba ngokuqoqelwa kwabagcotshiwe ezulwini. Kepha ngenxa yokuthi umsebenzi waqhubeka ngisho isiphelile leyo minyaka engu-40, kwadingeka ukucaciswa okwengeziwe. Manje sesiyazi ukuthi inkathi yokuvuna—inkathi yokuhlukanisa ukolweni okhuleni, amaKristu agcotshiwe athembekile kwawokuzisholo—yaqala ngo-1914. Kwase kufike isikhathi sokugxila ekuqoqweni kwenani elalisasele laleso sigaba sasezulwini!

Unyaka ka-1914 waba ukuqala kwenkathi yokuvuna (Bheka isigaba 11)

12, 13. Imifanekiso kaJesu yezintombi eziyishumi nowamathalenta igcwaliseke kanjani kulezi zinsuku zokugcina?

12 Kusukela ngo-1919 kuqhubeke, uKristu waqhubeka eqondisa inceku ethembekile neqondayo ukuba igcizelele umsebenzi wokushumayela. Wayesikhiphe ngekhulu lokuqala leso sabelo. (Math. 28:19, 20) Wabonisa nokuthi yiziphi izimfanelo abalandeli bakhe abagcotshiwe ababeyozidinga ukuze bafeze lowo msebenzi wokushumayela. Kanjani? Emfanekisweni wakhe wezintombi eziyishumi, wabonisa ukuthi abagcotshiwe kwakuyodingeka bahlale belindile, beqaphile ngokomoya ukuze bafinyelele umgomo wabo omkhulu wokuhlanganyela edilini lomshado elikhulu ezulwini, lapho uKristu eyohlanganiswa khona ‘nomlobokazi’ wakhe wabangu-144 000. (IsAm. 21:2) Emfanekisweni wakhe wamathalenta, uJesu wabe esefundisa ukuthi izinceku zakhe ezigcotshiwe zaziyowenza ngenkuthalo umsebenzi wokushumayela ayeziphathise wona.Math. 25:1-30.

13 Kuleli khulu leminyaka elidlule abagcotshiwe bazibonise beqaphile futhi bekhuthele. Nakanjani, ukuhlala kwabo belindile kuyovuzwa! Noma kunjalo, ingabe umsebenzi omkhulu wokuvuna wawuyogcina ngokuqoqwa kwabangu-144 000 abayobusa noKristu?

UMbuso Uqoqa Abantu Ozobabusa Emhlabeni!

14, 15. Encwadini ethi The Finished Mystery, yimaphi amaqembu amane okuxoxwa ngawo?

14 Sekuyisikhathi eside amadoda nabesifazane abathembekile benelukuluku elikhulu ‘ngesixuku esikhulu’ okukhulunywa ngaso encwadini yesAmbulo 7:9-14. Akumangalisi ukuthi ngaphambi kokuba kube isikhathi sikaKristu sokwembula ukuthi lingobani leli qembu elikhulu, okuningi okwashiwo ngaso kwakuhluke kakhulu emaqinisweni acacile nalula esiwaziyo nesiwathandayo namuhla.

15 Ngo-1917, incwadi ethi The Finished Mystery yasho ngokuqiniseka ukuthi “kunamazinga noma izinhlobo ezimbili zokusindela eZulwini, namazinga noma izinhlobo ezimbili zokusindela emhlabeni.” Obani ababakha la maqembu amane abantu abanalawo mathemba angefani? Elokuqala, abangu-144 000 ababezobusa noKristu. Elesibili, yisixuku esikhulu. Ngaleso sikhathi kwakucatshangwa ukuthi lesi sixuku esikhulu singamaKristu okuzisholo ayesasonta emasontweni eLobukholwa. Ayenalo ukholo ngezinga elithile kodwa lunganele ukuba luwenze asekele uhlangothi oluqotho. Ngenxa yalokho, ayezonikezwa izikhundla eziphansi ezulwini. Ngokuphathelene nomhlaba, kwakucatshangwa ukuthi iqembu lesithathu, elakhiwa “abafanelekayo basendulo”—abathembekile njengo-Abrahama, uMose nabanye—laliyoba nezikhundla eziphezulu liphathe iqembu lesine, izwe lesintu.

16. Yikuphi ukukhanya okungokomoya okwakhanya ngo-1923 nango-1932?

16 Umoya ongcwele wabaqondisa kanjani abalandeli bakaKristu ukuba bathole ukuqonda esinako namuhla? Kwenzeka kancane kancane, ngemisebe yokukhanya okungokomoya. Ngo-1923, INqabayokulinda yakhuluma ngeqembu elingenaso isifiso sokuya ezulwini elalizophila emhlabeni ngaphansi kokubusa kukaKristu. Ngo-1932, INqabayokulinda yakhuluma ngoJonadaba (Jehonadaba) owazihlanganisa neNkosi kaNkulunkulu egcotshiwe yakwa-Israyeli uJehu ukuze ayisekele lapho ilwa nokukhulekela kwamanga. (2 AmaKh. 10:15-17) Lesi sihloko sathi ezikhathini zanamuhla kunesigaba sabantu abafana noJonadaba, sanezela ngokuthi uJehova uyosidlulisa ebunzimeni be-Armagedoni” siphile lapha emhlabeni.

17. (a) Yikuphi ukukhanya okungokomoya okwakhanya bha ngo-1935? (b) AmaKristu athembekile kwawathinta kanjani ukuqonda okusha isixuku esikhulu? (Bheka ibhokisi elithi “ Kwaze Kwangcono.”)

17 Ngo-1935 kwaba khona umsebe wokukhanya okungokomoya okhanya bha. Emhlanganweni owawuseWashington, D.C., lesi sixuku esikhulu sachazwa ngokuthi siyisigaba sasemhlabeni, sifana nezimvu zomfanekiso kaJesu wezimvu nezimbuzi. (Math. 25:33-40) Lesi sixuku esikhulu sasiyoba ingxenye ‘yezinye izimvu’ uJesu athi ngazo: “Nazo kumelwe ngizilethe.” (Joh. 10:16) Lapho isikhulumi, uJ. F. Rutherford, sithi: “Bonke abanethemba lokuphila phakade emhlabeni sicela basukume,” kwasukuma abantu abangaphezu kwesigamu kwababekhona! Wathi: “Bhekani! Isixuku esikhulu!” Abaningi bathinteka ngokujulile lapho ekugcineni beqonda ithemba labo lesikhathi esizayo.

18. Yini esize abalandeli bakaKristu ukuba bagxile enkonzweni, futhi kwaba namuphi umphumela?

18 Kusukela ngaleso sikhathi, uKristu uye waqondisa abantu bakhe ukuba bagxile ekuqoqeni abazoba amalungu alesi sixuku esikhulu esiyosinda siphila osizini olukhulu. Ekuqaleni, ukuqoqwa kwaso akuzange kube yinto enkulu. UMfoweth’ uRutherford waze wathi: “Kubonakala sengathi ‘isixuku esikhulu’ ngeke sibe sikhulu kangako kanti.” Kodwa manje sesiyazi ukuthi uJehova ukubusise kangakanani ukuvuna kusukela ngaleso sikhathi! Beqondiswa uJesu nomoya ongcwele, abagcotshiwe nabangane babo ‘bezinye izimvu’ sebeyilokho kanye uJesu akubikezela—‘bamhlambi munye’ okhonza ngaphansi ‘kukamalusi munye.’

UMfoweth’ uRutherford wayengaboni ukuthi isixuku esikhulu sizoba sikhulu kangakanani (Kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla: UNathan H. Knorr, uJoseph F. Rutherford noHayden C. Covington)

19. Singaba kanjani nengxenye ekwandiseni isixuku esikhulu?

19 Iningi labantu abathembekile liyophila phakade epharadesi emhlabeni, libuswa uKristu nazobusa nabo abangu-144 000. Akujabulisi yini ukucabanga ngendlela uKristu aqondise ngayo abantu bakaNkulunkulu ethembeni elingokomBhalo elicacile lekusasa? Yeka ilungelo esinalo lokuxoxela abantu esibathola ensimini ngalelo themba! Kuye ngezimo zethu, masikhuthale ukuze isixuku esikhulu siqhubeke sanda, sidumise igama likaJehova ngenkulu inhlokomo!Funda uLuka 10:2.

Isixuku esikhulu siyaqhubeka sanda

Okudingekayo Ukuze Ube Qotho EMbusweni

20. Inhlangano kaSathane yakhiwa yiziphi izingxenye, futhi ubuqotho bobuKristu bungena kanjani?

20 Njengoba abantu bakaNkulunkulu babeqhubeka befunda ngoMbuso, kwadingeka baqonde ngokugcwele nokuthi kusho ukuthini ukuba qotho kulowo hulumeni wasezulwini. Mayelana nalokhu, ngo-1922 INqabayokulinda yaveza ukuthi kunezinhlangano ezimbili, ekaJehova nekaSathane. EkaSathane yakhiwa ezentengiselwano, ezenkolo nezombusazwe. Abantu abaqotho eMbusweni kaNkulunkulu ophethwe uKristu akumelwe babeke ubuqotho babo engozini ngokuzimbandakanya nanoma yisiphi salezi zici zenhlangano kaSathane. (2 Kor. 6:17) Kusho ukuthini lokho?

21. (a) Inceku ethembekile yathini lapho ixwayisa abantu bakaNkulunkulu ngamabhizinisi amakhulu? (b) Ngo-1963, INqabayokulinda yembulani ‘ngeBhabhiloni Elikhulu’?

21 Ukudla okungokomoya okuvela encekwini ethembekile kuye kwakudalula ngokungaguquguquki ukonakala kwezamabhizinisi amakhulu futhi kwaxwayisa abantu bakaNkulunkulu ukuba bangazivumeli banqotshwe ukuthanda kwazo izinto ezibonakalayo okudlangile. (Math. 6:24) Ngokufanayo, izincwadi zethu ziye zagxila engxenyeni yezenkolo yenhlangano kaSathane. Ngo-1963, INqabayokulinda yabonisa ngokucacile ukuthi “iBhabhiloni Elikhulu” lalingameleli eLobukholwa lodwa kodwa nawo wonke umbuso wezwe wenkolo yamanga. Ngakho, njengoba sisazofunda eSahlukweni 10 sale ncwadi, abantu bakaNkulunkulu kuwo wonke amazwe namasiko baye bathola usizo ‘lokuphuma kulo,’ bazihlanza kuyo yonke imikhuba yenkolo yamanga.IsAm. 18:2, 4.

22. Phakathi neMpi Yezwe I, abaningi babantu bakaNkulunkulu babesiqonda kanjani isikhuthazo esikweyabaseRoma 13:1?

22 Kuthiwani-ke kodwa ngengxenye yezombusazwe yenhlangano kaSathane? Ingabe amaKristu eqiniso ayengahlanganyela ezimpini nasemibangweni yezizwe? NgeMpi Yezwe I, abaFundi BeBhayibheli babeqonda ukuthi abalandeli bakaKristu akufanele babulale abanye abantu. (Math. 26:52) Nokho, kwabaningi isikhuthazo esikweyabaseRoma 13:1 sokuba silalele ‘amagunya aphakeme’ sasisho ukuthi kufanele bajoyine ibutho lezempi, bagqoke iyunifomu yamasosha, baze baphathe nezikhali; kodwa lapho kuthiwa ababulale isitha, kufanele badubule emoyeni.

23, 24. Sasiyiqonda kanjani eyabaseRoma 13:1 phakathi neMpi Yezwe II, futhi abalandeli bakaKristu baqondiswa kumuphi umbono onembile?

23 Njengoba kwakuqubuka iMpi Yezwe II ngo-1939, INqabayokulinda yakhipha isihloko esihluba udlubu ekhasini ngokungathathi hlangothi. Sabonisa ngokucacile ukuthi amaKristu ayengeke ahlanganyele nakancane ezimpini nasemibangweni yezizwe zezwe likaSathane. Yeka isiqondiso esasifike ngesikhathi! Ngaleyo ndlela abalandeli bakaKristu bavikeleka ekubeni necala legazi elibi elatholwa izizwe ezazikuleyo mpi. Nokho, kusukela ngo-1929, izincwadi zethu zazichaze nokuthi amagunya aphakeme akweyabaseRoma 13:1 kwakungebona nhlobo ababusi abangabantu, kodwa kwakunguJehova noJesu. Kwakusadingeka ukuqonda okunembile.

24 Umoya ongcwele waqondisa abalandeli bakaKristu kulokho kuqonda ngo-1962 lapho kunyatheliswa izihloko ezaqopha umlando ezisekelwe kweyabaseRoma 13:1-7 kuyi-Nqabayokulinda ka-November 15 neka-December 1Ekugcineni, abantu bakaNkulunkulu basiqonda isimiso sokuzithoba okulinganiselwe uJesu ayesisho kula mazwi akhe adumile: “Buyiselani izinto zikaKhesari kuKhesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.” (Luka 20:25) AmaKristu eqiniso manje ayaqonda ukuthi amagunya aphakeme angababusi bezwe balo mhlaba nokuthi amaKristu kumelwe azithobe kubo. Kepha ukuzithoba kwawo kulinganiselwe. Lapho ababusi bezwe bethi asingamlaleli uJehova uNkulunkulu, siphendula njengoba kwasho abaphostoli basendulo: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.” (IzE. 5:29) ESahlukweni 13 no-14 sale ncwadi, sizofunda okwengeziwe ngendlela abantu bakaNkulunkulu abasisebenzise ngayo isimiso sokungathathi hlangothi kobuKristu.

Yeka ilungelo okuyilo ukuxoxa nabanye ngethemba leBhayibheli lokuphila okuphakade!

25. Kungani usazisa isiqondiso somoya ongcwele ekuqondeni uMbuso kaNkulunkulu?

25 Cabanga ngakho konke lokho abalandeli bakaKristu abafundiswe kona ngoMbuso kuleli khulu leminyaka eledlule. Sifunde ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wamiswa nini ezulwini nokuthi ubaluleke kangakanani. Siwaqonda kahle kakhulu amathemba amabili anikezwa abantu abathembekile, elasezulwini nelasemhlabeni. Siyayazi nendlela yokubonisa ubuqotho bethu eMbusweni kaNkulunkulu sibe sizithoba ngokulinganiselwe emagunyeni ezwe. Zibuze: ‘Ngabe ngiyawazi yini wonke la maqiniso ayigugu ukube uJesu Kristu akayiqondisanga inceku yakhe ethembekile emhlabeni ukuba iwaqonde bese isifundisa wona?’ Yeka isibusiso okuyiso ukuqondiswa uKristu nomoya ongcwele!

^ isig. 3 Ngokusho kwenye incwadi, igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “hola” kulelo vesi lisho “ukutshengisa indlela.”

^ isig. 7 Ngaphambili, kwakucatshangwa ukuthi lo mbono wawubhekisela empini eyayiphakathi kweRoma lobuqaba neSonto LamaRoma Katolika.

^ isig. 10 Ngo-June 1880, i-Zion’s Watch Tower yasikisela ukuthi laba abangu-144 000 kwakuyoba amaJuda emvelo ayeyobe eseguquliwe ngo-1914. Nokho, ngasekupheleni kuka-1880, kwanyatheliswa ukuqonda okuhambisana eduze nalokho ebesilokhu sikukholelwa kusukela ngaleso sikhathi.