Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 22

UMbuso Ufeza Intando KaNkulunkulu Emhlabeni

UMbuso Ufeza Intando KaNkulunkulu Emhlabeni

OKUZOXOXWA NGAKHO KULESI SAHLUKO

UMbuso ufeza zonke izithembiso zikaNkulunkulu ngokuphathelene nesintu nomhlaba

1, 2. (a) Kungani kungase kube nzima ngezinye izikhathi ukubona iPharadesi njengelingokoqobo? (b) Yini engasisiza ukuba siqinise ukholo lwethu ezithembisweni zikaNkulunkulu?

UMZALWANE othembekile ufika emhlanganweni ekhathele ngemva kosuku olucindezelayo. Uye waphathwa kabi umqashi ohluphayo, ucindezelwe izinselele zokunakekela umndeni wakhe, futhi ukhathazeke ngesifo esiphethe umkakhe. Njengoba umculo wokuvula uqala, kuthi gidi kulo mzalwane, ujabule ngokuba seHholo LoMbuso nabafowabo nodadewabo. Leli culo likhuluma ngethemba lokuphila ePharadesi, amagama alo athi akacabange ngalelo themba, azibone esesePharadesi. Ubelokhu elithanda leli culo, futhi njengoba elicula nomndeni wakhe, inhliziyo yakhe ekhathazekile igcwala ithemba aduduzeke.

2 Wake wazizwa ngaleyo ndlela? Iningi lethu like lazizwa kanjalo. Kuyavunywa ukuthi ukuphila kulesi simiso sezinto esidala kungenza kube nzima kakhulu ukuba sibone iPharadesi elizayo lingokoqobo. Lezi “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,” futhi izwe esiphila kulo alifani nhlobo nePharadesi. (2 Thim. 3:1) Yini engasisiza sibone ithemba lethu njengelingokoqobo? Sazi kanjani ngempela ukuthi maduze uMbuso kaNkulunkulu uzobusa sonke isintu? Ake sihlole iziprofetho ezimbalwa ezivela kuJehova abantu bakhe abazibona zigcwaliseka endulo. Sizobe sesihlola nokuthi lezo ziprofetho kanye nezinye ezifana nazo zigcwaliseka kanjani ngokujabulisayo manje. Ekugcineni, uma ukholo lwethu seluqiniswe kanjalo, sizogxila kulokho okushiwo yilezi ziprofetho ngekusasa lethu.

Indlela UJehova Agcwalisa Ngayo Izithembiso Zakhe Endulo

3. Yisiphi isithembiso esaduduza amaJuda ayedingiselwe eBhabhiloni?

3 Cabanga ukuthi kwakunjani ukuphila kwamaJuda ayedingiselwe eBhabhiloni ngekhulu lesithupha B.C.E. Njengabazali bawo, amaningi akhulela ekudingisweni futhi ukuphila kwakunzima. AbaseBhabhiloni babewagcona ngokholo lwawo kuJehova. (IHu. 137:1-3) Phakathi naleyo minyaka, amaJuda aqotho aqhubeka ebambelele kuleli themba: UJehova wathembisa ukuqoqa abantu bakhe ababuyisele ezweni labo. UJehova wathi izimo ziyoba zinhle kakhulu khona. Waze wafanisa izwe lakwaJuda elibuyiselwe nensimu yase-Edene—ipharadesi! (Funda u-Isaya 51:3.) Kusobala ukuthi lezi zithembiso zazenzelwe ukuqinisekisa abantu bakaNkulunkulu, ziqede ukungabaza okungenzeka kwakuhlupha izinhliziyo zabo. Kanjani? Awucabange ngeziprofetho ezithile.

4. UJehova wawaqinisekisa kanjani amaJuda ngokuphathelene nokulondeka ezweni lawo?

4 Ukulondeka. Lezo zithunjwa zazingeke zibuyele ePharadesi elingokoqobo, kodwa zaziyobuyela ezweni elikude okwase kuyiminyaka engu-70 liyincithakalo, izwe abambalwa kubo ababeke balibona. Izingonyama zazivamile emazweni aseBhayibhelini ngaleso sikhathi, njengoba zazivamile nezimpisi, izingwe nezinye izilwane eziyingozi. Indoda enomndeni yayingase izibuze: ‘Ngiyomgcina kanjani umkami nezingane bephephile? Izimvu nezinkomo zona—ngiyozivikela kanjani?’ Ukukhathazeka okunjalo kwakuyobe kungokwemvelo. Yibe usucabanga ngesithembiso sikaNkulunkulu esiku-Isaya 11:6-9 nokuthi kumelwe ukuba sasiduduza kanjani. (Yifunde.) Ngalawo mazwi amnandi asankondlo, uJehova waqinisekisa izithunjwa ukuthi zona nemihlambi yazo babeyovikeleka. Ingonyama yayiyodla utshani ngomqondo wokuthi yayingeke idle izinkomo zamaJuda. Abantu abathembekile babengeke besabe lutho kulezi zilwane eziyingozi. UJehova wathembisa ukuthi abantu bakhe babeyovikeleka ezweni lamaJuda elibuyiselwe, ngisho nasehlane nasemahlathini.Hez. 34:25.

5. Yiziphi iziprofetho ezasiza izithunjwa ezazibuya ukuba zibe nethemba lokuthi uJehova uyozinika izidingo zawo zibe inala?

5 Inala. Kwakungase kuphakame okunye ukukhathazeka. ‘Ngiyokwazi yini ukondla umndeni wami ezweni elibuyiselwe? Siyohlalaphi? Uyoba khona nje umsebenzi, uyoba ngcono yini kunokufukuza ekudingisweni sicindezelwe abanqobi bethu?’ Ngeziprofetho eziphefumulelwe, uJehova wabacabangela wayiphendula naleyo mibuzo. Wathembisa ukuthi abantu bakhe abalalelayo babengeke bayiswele imvula; umphumela ube ukuthi umhlabathi wawuyokhiqiza isinkwa “esinothile nesinamafutha.” (Isaya 30:23) Mayelana nendawo yokuhlala nomsebenzi ozuzisayo, uJehova wathembisa ngokuphathelene nabantu bakhe: “Ngokuqinisekile bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo. Ngeke bakhe kuhlale omunye; ngeke batshale kudle omunye.” (Isaya 65:21, 22) Yebo, ukuphila kwakuyoba mnandi ngezindlela eziningi uma kuqhathaniswa nokudingiselwa kwabo eBhabhiloni lamaqaba. Kodwa kuthiwani ngezinkinga zabo ezibucayi kakhulu—izinkinga ezazibenze badingiswa kwasekuqaleni?

6. Kwase kunesikhathi eside abantu bakaNkulunkulu begula ngayiphi indlela, futhi uJehova waziqinisekisa ngani izithunjwa ezibuyayo?

6 Impilo engokomoya. Kusasele isikhathi eside badingiswe, abantu bakaNkulunkulu base begula ngokomoya. Esebenzisa umprofethi u-Isaya, uJehova wathi ngabantu bakhe: “Lonke ikhanda lisesimweni sokugula, nayo yonke inhliziyo ibuthaka.” (Isaya 1:5) Ngokomoya, babengaboni futhi bengezwa ngoba babeqhubeka bevala izindlebe ukuba bangasizwa iseluleko sikaJehova futhi bevala amehlo ukuba bangakutholi ukukhanyiselwa kukaJehova. (Isaya 6:10; Jer. 5:21; Hez. 12:2) Ukube izithunjwa ezibuyayo zaziyohlushwa izinkinga ezifanayo, kulondeka kuni ezazingakuthola? Zazingeke yini ziphinde zilahlekelwe umusa kaJehova? Yeka indlela isithembiso sikaJehova esabaqinisekisa ngayo: “Ngalolo suku abayizithulu bayozwa amazwi ale ncwadi, futhi ngisho namehlo abayizimpumputhe ayobona esigayegayeni nasebumnyameni.” (Isaya 29:18) Yebo, uJehova wayezoletha ukuphulukiswa okungokomoya kubantu bakhe ababejezisiwe base bephenduka. Uma nje babeqhubeka besabela futhi belalela, wayeyobanika isiqondiso esinikeza ukuphila kanye nokukhanyiselwa.

7. Izithembiso zikaNkulunkulu zagcwaliseka kanjani kubantu bakhe ababethunjiwe, futhi kungani lokho kugcwaliseka kufanele kusiqinise ukholo?

7 Ingabe uJehova wazifeza izithembiso zakhe? Amaqiniso omlando ayawuphendula lo mbuzo. AmaJuda abuyela ezweni lawo abusiswa ngokulondeka, inala nempilo engokomoya. Ngokwesibonelo, uJehova wawavikela ezizweni ezingomakhelwane ezazinamandla futhi ziningi kunawo. Izilwane eziyingozi azizange ziyiqede imfuyo yamaJuda. Yiqiniso, lawo maJuda abona ukugcwaliseka okulinganiselwe kuphela kweziprofetho zepharadesi ezalotshwa amadoda anjengo-Isaya, uJeremiya noHezekiya—kodwa ukugcwaliseka abantu bakaNkulunkulu abakubona kwakujabulisa futhi kuyilokho kanye ababekudinga ngaleso sikhathi. Njengoba sicabanga ngalokho uJehova akwenzela abantu bakhe ngaleso sikhathi, ukholo lwethu luzoqina ngokwengeziwe. Uma ukugcwaliseka kokuqala nokulinganiselwe kwalezo ziprofetho kwakujabulisa, kuyoba njani-ke ukugcwaliseka kwazo okukhulu? Cabanga ngalokho uJehova asenzele kona namuhla.

Indlela UJehova Aseqale Ngayo Ukugcwalisa Izithembiso Zakhe Kwesethu Isikhathi

8. Abantu bakaNkulunkulu namuhla bajabulela luphi uhlobo ‘lwezwe’?

8 Abantu bakaJehova manje abasesona isizwe esingokoqobo, futhi abasahlali ezweni elilodwa. Kunalokho, amaKristu agcotshiwe akha isizwe esingokomoya, “u-Israyeli kaNkulunkulu.” (Gal. 6:16) Abangane bawo ‘bezinye izimvu’ bahlanganyela nabo ‘ezweni’ elingokomoya, indawo yomsebenzi abakhulekela kuyo uJehova uNkulunkulu ngobunye. Lokho kukhulekela kuyindlela yabo yokuphila. (Joh. 10:16; Isaya 66:8) “Izwe” elinjani uJehova asinike lona? Ipharadesi elingokomoya. Kuleli pharadesi, izithembiso zikaNkulunkulu ezinjengezase-Edene ziye zagcwaliseka ngokuyisimangaliso ngokomoya. Cabangela ezinye izibonelo.

9, 10. (a) Isiprofetho esiku-Isaya 11:6-9 sigcwaliseka kanjani namuhla? (b) Yibuphi ubufakazi bokuthula esibuthola phakathi kwabantu bakaNkulunkulu?

9 Ukulondeka. Esiprofethweni esiku-Isaya 11:6-9, sithola isithombe esijabulisayo sokuzwana nokuthula—phakathi kwezilwane zasendle ngapha, naphakathi kwabantu nezilwane abazifuyile ngapha. Ingabe leso siprofetho siyagcwaliseka ngokomoya namuhla? Yebo! Evesini 9, sifunda ukuthi kungani izidalwa ezinjengalezi zingeke zilimaze noma zibangele incithakalo: “Ngoba umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova njengoba nje amanzi esibekela ulwandle.” “Ulwazi ngoJehova” luyayishintsha yini indlela izilwane eziziphatha ngayo? Cha, ngabantu abashintshayo ngenxa yokwazi uNkulunkulu oPhezukonke nokufunda ukulingisa izindlela zakhe zokuthula. Yingakho epharadesi lethu elingokomoya namuhla, sibona ukugcwaliseka okuthinta inhliziyo kwaleso siprofetho. Ngaphansi kokubusa koMbuso, abalandeli bakaKristu bafunda ukuyeka izici zabo zobulwane, bahlale ngokuthula nangokuzwana nabafowabo nodadewabo abangokomoya.

10 Ngokwesibonelo, kule ncwadi siye saxoxa ngokungathathi hlangothi kobuKristu—kokubili ukukuqonda kwethu okusekelwe emiBhalweni kanye nokushushiswa abantu bakaNkulunkulu abakutholile ngenxa yako. Akumangalisi yini ukuthi kuleli zwe elinobudlova, ‘kunesizwe’ esikhulu sabantu abenqabayo ukuhlanganyela kunoma yiluphi uhlobo lobudlova, ngisho noma besatshiswa ngokufa? Yeka ubufakazi obuphawulekayo bokuthi ngempela izikhonzi zeNkosi EnguMesiya zijabulela ukuthula okunjengalokho okwachazwa u-Isaya! UJesu wathi abalandeli bakhe babeyokwaziwa ngothando abanalo phakathi kwabo. (Joh. 13:34, 35) Ngaphakathi ebandleni, ngesineke uKristu usebenzisa ‘inceku [yakhe] ethembekile neqondayo’ ukuba ifundise wonke amaKristu eqiniso ukuba abe nokuthula, athandane futhi abe mnene.—Math. 24:45-47.

11, 12. Yiluphi uhlobo lwendlala oluphethe izwe lanamuhla, kodwa uJehova uye wabanika kanjani abantu bakhe inala?

11 Inala. Izwe liphethwe indlala engokomoya. IBhayibheli laxwayisa: “‘Bhekani! Kuza izinsuku,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova, ‘lapho ngiyothumela indlala ezweni, indlala okungeyona eyesinkwa, nokoma okungekona okokomela amanzi, kodwa okokuzwa amazwi kaJehova.’” (Amose 8:11) Ingabe izakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu nazo ziphethwe indlala? UJehova wabikezela umehluko olandelayo phakathi kwabantu bakhe nezitha zakhe: “Izinceku zami ziyokudla, kodwa nina niyolamba. Bhekani! Izinceku zami ziyophuza, kodwa nina niyokoma. Bhekani! Izinceku zami ziyojabula, kodwa nina niyoba namahloni.” (Isaya 65:13) Ingabe ukubonile ukugcwaliseka kwala mazwi?

12 Amalungiselelo angokomoya agelezela kithi kuhle komfula ongenisayo nojulile. Izincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini—kanye nezinto eziqoshiwe nama-video, imihlangano yethu yebandla nemikhulu, kanye nokwaziswa okusengosini yethu—konke kuyinala yokudla okungokomoya okuqhubeka kusondla kuleli zwe elinendlala ngokomoya. (Hez. 47:1-12; Joweli 3:18) Awujabuli yini ngokubona ukugcwaliseka kwezithembiso zikaJehova zokuba nenala ekuphileni kwakho kwansuku zonke? Uyaqikelela yini ukuthi uzondla njalo etafuleni likaJehova?

Amabandla ethu asisiza ukuba sondleke kahle, silondeke futhi siphile kahle ngokomoya

13. Uye wakubona kanjani ukugcwaliseka kwesithembiso sikaJehova sokuvulwa kwamehlo ezimpumputhe nezindlebe zezithulu?

13 Impilo engokomoya. Ukungaboni nokungezwa ngokomoya kudlangile namuhla. (2 Kor. 4:4) Noma kunjalo, uKristu welapha ubuthakathaka nokugula emhlabeni wonke. Ingabe uwabonile amehlo ezimpumputhe evulwa nezindlebe zezithulu zivulwa? Uma ubabonile abantu bethola ulwazi olunembile lweqiniso leZwi likaNkulunkulu, beshiya amanga enkolo ake abenza baba yizimpumputhe futhi baba yizithulu ekuzweni iqiniso, kuyosho ukuthi usibonile lesi sithembiso sigcwaliseka: “Ngalolo suku abayizithulu bayozwa amazwi ale ncwadi, futhi ngisho namehlo abayizimpumputhe ayobona esigayegayeni nasebumnyameni.” (Isaya 29:18) Emhlabeni wonke, unyaka ngamunye amakhulu ezinkulungwane zabantu athola lokhu kwelashwa okungokomoya. Umuntu ngamunye oshiya iBhabhiloni Elikhulu ahlanganyele nathi epharadesi lethu elingokomoya, uwubufakazi obuphilayo bokuthi izithembiso zikaJehova zigcwalisekile!

14. Ukuzindla ngabuphi ubufakazi okuyoqinisa ukholo lwethu?

14 Isahluko ngasinye sale ncwadi sinobufakazi obunamandla bokuthi uKristu ulethe abalandeli bakhe epharadesi elingokomoya langempela kulesi sikhathi sokuphela. Masiqhubeke sizindla ngezindlela eziningi esibusiswa ngazo kulelo pharadesi namuhla. Njengoba senza kanjalo, ukholo lwethu ezithembisweni zikaJehova zekusasa luyoqhubeka lukhula.

“UMbuso Wakho Mawuze”

15. Kungani singase siqiniseke ukuthi umhlaba uyoba ipharadesi?

15 Selokhu kwathi nhlo injongo kaJehova ukwenza umhlaba ube ipharadesi. Wabeka u-Adamu no-Eva ensimini eyipharadesi, wabanikeza umyalo wokuba bagcwalise umhlaba ngenzalo yabo futhi banakekele zonke izidalwa zawo. (Gen. 1:28) Esikhundleni sokwenza lokho, u-Adamu no-Eva bahlubuka balandela uSathane futhi bafaka yonke inzalo yabo ekungaphelelini, esonweni nasekufeni. Kodwa injongo kaNkulunkulu yona ayizange ishintshe. Lapho nje esekhulumile, amazwi akhe agcwaliseka ngaso sonke isikhathi njengoba nje ewashilo. (Funda u-Isaya 55:10, 11.) Ngakho-ke singaqiniseka ukuthi inzalo ka-Adamu no-Eva iyogcwalisa lo mhlaba futhi iwunqobe, inakekele ngothando indalo kaJehova emhlabeni oyipharadesi. Ngaleso sikhathi, iziprofetho ezazinikwe amaJuda adingisiwe zokuthi ayophila ezimweni ezinjengepharadesi ziyogcwaliseka ngokuphelele! Cabanga ngezibonelo ezilandelayo.

16. IBhayibheli likuchaza kanjani ukulondeka esiyokujabulela ePharadesi?

16 Ukulondeka. Ekugcineni, amazwi athinta inhliziyo alotshwe ku-Isaya 11:6-9 ayogcwaliseka ngokuphelele ngomqondo ongokoqobo. Amadoda, abesifazane nabantwana bayovikeleka futhi balondeke nomaphi lapho beya khona emhlabeni. Akukho sidalwa, kungakhathaliseki ukuthi siwumuntu noma isilwane, esiyoba usongo. Zibone ngeso lengqondo lapho wonke umhlaba usuyikhaya lakho, usungazibhukudela emifuleni, emachibini nasezilwandle; uqombole izintaba, uzulazule nasemathafeni ngaphandle kokwesaba. Futhi lapho kuhlwa, ngeke ukhathazeke. Amazwi akuHezekeli 34:25 ayofezeka ukuze abantu bakaNkulunkulu bakwazi ‘nokuhlala ehlane ngokulondeka futhi balale emahlathini.’

17. Kungani singase siqiniseke ukuthi uJehova uyosinikeza inala yezidingo zethu lapho uMbuso usubusa emhlabeni?

17 Inala. Cabanga ngesikhathi obuyobe bungasekho ngaso ubumpofu, ukungondleki, indlala noma ezenhlalakahle. Inala engokomoya abantu bakaNkulunkulu abanayo namuhla iyisiqinisekiso sokuthi iNkosi EnguMesiya iyokondla izikhonzi zayo kuzo zonke izici. Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wabonisa ngezinga elincane ukuthi angazigcwalisa lezi zithembiso, ngoba wondla izinkulungwane zabantu ababelambile ngezinkwa nje ezimbalwa nezinhlanzi. (Math. 14:17, 18; 15:34-36; Marku 8:19, 20) Lapho uMbuso kaNkulunkulu usubusa emhlabeni, iziprofetho ezinjengalesi ziyogcwaliseka ngokoqobo: “Uyonika imvula yokunisela imbewu yenu eniyihlwanyele emhlabathini futhi aninike isinkwa njengomkhiqizo womhlabathi, esiyoba ngesinothile nesinamafutha. Ngalolo suku imfuyo yenu iyoklaba edlelweni elivulekile.”Isaya 30:23.

18, 19. (a) Sisho ukuthini kuwe isiprofetho esilotshwe ku-Isaya 65:20-22? (b) Kungamuphi umqondo izinsuku zethu ziyoba “njengezinsuku zomuthi”?

18 Abantu abaningi namuhla abakucabangi nakancane ukuthi bangaba nomuzi omuhle noma umsebenzi ozuzisayo nowanelisayo. Kulesi simiso esonakele, abaningi banomuzwa wokuthi basebenza kanzima kodwa bangazuzi kangako bona nemindeni yabo, kuyilapho abacebile nabahahayo bethola zonke izinzuzo. Awucabange nje ukuthi kuyoba njani lapho lesi siprofetho sigcwaliseka emhlabeni wonke: “Ngokuqinisekile bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo. Ngeke bakhe kuhlale omunye; ngeke batshale kudle omunye. Ngoba izinsuku zabantu bami ziyoba njengezinsuku zomuthi; nomsebenzi wezandla zabo abakhethiweyo bami bayowusebenzisa ngokugcwele.”Isaya 65:20-22.

19 Kusho ukuthini ukuthi izinsuku zethu ziyoba “njengezinsuku zomuthi”? Lapho umi ngasesiqwini sesihlahla esikhulukazi, uba nawo yini umuzwa wokumangala njengoba ucabanga ukuthi sesinesikhathi eside kangakanani sikhona—mhlawumbe saba khona kusasele isikhathi eside kuzalwe okhokho bakho? Kungenzeka ucabange ukuthi uma ubungaqhubeka uphila njengomuntu ongaphelele, lesi sihlahla singaqhubeka sikhona isikhathi eside ngisho noma sewaba mathambo mhlophe. Yeka umusa uJehova asibonisa wona ngokusiqinisekisa ngokuthi ePharadesi elizayo, izinsuku zethu ziyoba zinde futhi zibe nokuthula! (IHu. 37:11, 29) Kuyofika isikhathi okuyothi ngaso ngisho nezihlahla esezinesikhathi eside zikhona zibonakale ziwubala njengotshani, zimile ziphinde zife, kodwa thina siphile phakade!

20. Kuyokwenzeka kanjani ukuba izikhonzi eziqotho zoMbuso zijabulele ukuphila okuphelele?

20 Impilo ephelele. Namuhla, ukugula nokufa kubhuqabhuqa wonke umuntu. Ngomqondo othile, sonke siyagula—sinesifo esingelapheki esibizwa ngokuthi isono. Okuwukuphela kwekhambi umhlatshelo wesihlengo kaKristu. (Roma 3:23; 6:23) Phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane, uJesu kanye nalabo ayobusa nabo bayosiza abantu bazuze ngokugcwele kulowo mhlatshelo, kancane kancane basuse yonke iminonjana yesono kubantu abathembekile. Isiprofetho sika-Isaya siyogcwaliseka ngomqondo ophelele: “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’ Abantu abahlala ezweni kuyoba yilabo abaxolelwe isiphambeko sabo.” (Isaya 33:24) Bona ngeso lengqondo isikhathi okuyobe kungasekho ngaso umuntu ongaboni, ongezwa noma okhubazekile. (Funda u-Isaya 35:5, 6.) Akukho sifo esiyohlula uJesu ukuba aselaphe—kungakhathaliseki ukuthi ugula enyameni, engqondweni noma ngokomzwelo. Izikhonzi zoMbuso eziqotho ziyoba nempilo ephelele!

21. Yini eyokwenzeka ngokufa, futhi kungani leso sithembiso sikududuza?

21 Kuthiwani-ke nokho ngomphumela ovamile wokugula, umphumela wesono ongenakugwenywa—ukufa? ‘Yisitha sethu sokugcina’ leso, isitha bonke abantu abangaphelele okuhamba kuhambe baphelelwe amandla okumelana naso. (1 Kor. 15:26) Kodwa ingabe ukufa kuyisitha esesabeka kanjalo kuJehova? Phawula lokho okwabikezelwa u-Isaya: “Empeleni uyokugwinya ukufa kuze kube phakade, iNkosi EnguMbusi uJehova ngokuqinisekile iyosula izinyembezi ebusweni bonke.” (Isaya 25:8) Uyasibona leso sikhathi ngeso lengqondo? Imingcwabo ayisekho, amathuna awasekho, nezinyembezi zosizi azisekho! Ngokuphambene nalokho—kuyoba nezinyembezi zenjabulo njengoba uJehova egcwalisa isithembiso sakhe esivusa amadlingozi sokuvusa abafileyo! (Funda u-Isaya 26:19.) Ekugcineni, amanxeba amaninginingi abangelwe ukufa ayophola.

22. Yini eyokwenzeka lapho uMbuso KaMesiya usuqedile ukwenza intando kaNkulunkulu emhlabeni?

22 Ekupheleni Kweminyaka Eyinkulungwane, uMbuso uyobe usuqedile ukwenza intando kaNkulunkulu emhlabeni, uKristu abese edlulisela ububusi kuYise. (1 Kor. 15:25-28) Isintu esiyobe sesiphelelisiwe ekugcineni, siyobe sikulungele ukubhekana novivinyo lokugcina lapho uSathane ekhishwa esimweni sokungenzi lutho kwalasha. Ngemva kwalokho, uKristu uyobe eseyichoboza okokugcina leyo nyoka embi nabo bonke abalandeli bayo. (Gen. 3:15; IsAm. 20:3, 7-10) Kodwa bonke abathanda uJehova ngobuqotho bayoba nethemba eliqhakazile. Mhlawumbe awekho amazwi angaveza isithombe esingcono kunalawo esiwathola emazwini aphefumulelwe. Yisithembiso sokuthi abathembekile bayoba “nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.”Roma 8:21.

UMbuso uyogcwalisa zonke izithembiso zikaJehova ngokuphathelene nesintu nomhlaba

23, 24. (a) Kungani ukufezeka kwezithembiso zikaNkulunkulu kuqinisekile? (b) Yini ozimisele ukuyenza?

23 Lezo zithembiso azisekelwe emathembeni, ezifisweni nasemaphusheni angasho lutho. Ukugcwaliseka kwezithembiso zikaJehova kuqinisekile! Ngani? Khumbula amazwi kaJesu esixoxe ngawo esahlukweni sokuqala sale ncwadi. Wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze kuJehova bathi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Math. 6:9, 10) UMbuso kaNkulunkulu awuwona umcabango womuntu. Ungokoqobo! Uyabusa ezulwini njengamanje. Sekuphele ikhulu leminyaka ugcwalisa izithembiso zikaJehova ngezindlela esizibona ngokucacile ebandleni lobuKristu. Singaqiniseka-ke ukuthi zonke izithembiso zikaJehova ziyogcwaliseka lapho uMbuso kaNkulunkulu ufika uzosebenzisa amandla awo ngokugcwele emhlabeni!

24 Siyazi ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uzofika. Siyazi ukuthi wonke amazwi ezithembiso zikaJehova azofezeka. Ngani? Ngoba UMBUSO KANKULUNKULU UYABUSA! Umbuzo okufanele sizibuze wona ngabanye uthi, ‘Ingabe uMbuso uyangibusa mina?’ Masenze konke esingakwenza ukuba siphile njengezikhonzi eziqotho zalowo Mbuso manje, ukuze sizuze ekubuseni kwawo okuphelele nokulungile kuze kube phakade!