Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 14

Ukusekela Ngobuqotho Uhulumeni KaNkulunkulu Kuphela

Ukusekela Ngobuqotho Uhulumeni KaNkulunkulu Kuphela

OKUZOXOXWA NGAKHO KULESI SAHLUKO

Ngenxa yokuba qotho eMbusweni, abantu bakaNkulunkulu bazigcina bengeyona ingxenye yezwe

1, 2. (a) Yisiphi isimiso ebesilokhu siqondisa abalandeli bakaJesu kuze kube namuhla? (b) Izitha ziye zazama kanjani ukusinqoba, futhi kwaba namuphi umphumela?

UJESU wama phambi kukaPilatu, umahluleli wezwe owayenamandla kakhulu esizweni samaJuda, wanikeza isimiso esiye saqondisa abalandeli bakhe abaqotho kuze kube namuhla. Wathi: “Umbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe. Ukube umbuso wami ubuyingxenye yaleli zwe, izikhonzi zami ngabe zilwile ukuze nginganikelwa kumaJuda. Kodwa, njengoba kunjalo, umbuso wami awuveli kulo mthombo.” (Joh. 18:36) UPilatu wayala ukuba uJesu abulawe, kodwa lokho kunqoba kwakungokwesikhashana. UJesu wavuswa. Ababusi boMbuso WamaRoma owawunamandla bazama ukuqothula abalandeli bakaKristu, kodwa imizamo yabo yaphelela emoyeni. AmaKristu asakaza isigijimi soMbuso kulo lonke izwe lasendulo.Kol. 1:23.

2 Ngemva kokumiswa koMbuso ngo-1914, eminye yemibuso eyayinamandla kakhulu kwezempi emlandweni yazama ukuqothula abantu bakaNkulunkulu. Kodwa awukho okwazile ukusinqoba. Ohulumeni abaningi namaqembu ezombusazwe baye bazama ukusiphoqa ukuba sithathe uhlangothi ezimpikiswaneni zabo. Abazange baphumelele ukusihlukanisa. Namuhla, izikhonzi zoMbuso zitholakala cishe kuzo zonke izizwe zomhlaba. Noma kunjalo, simunye ebuzalwaneni bangempela bomhlaba wonke, asithathi hlangothi nhlobo ezindabeni zezwe zezombusazwe. Ubunye bethu buwubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyabusa nokuthi iNkosi uJesu Kristu iyaqhubeka iqondisa, icwengisisa futhi ivikela izikhonzi zayo. Cabanga ngendlela eye yakwenza ngayo lokhu, futhi uphawule ukunqoba okuqinisa ukholo eye yasinika kona emacaleni ambalwa nje aye alwiwa ezinkantolo njengoba siqhubeka ‘singeyona ingxenye yezwe.’Joh. 17:14.

Impikiswano Eyavelela

3, 4. (a) Iziphi izenzakalo ezenzeka ngesikhathi kuzalwa uMbuso? (b) Ingabe abantu bakaNkulunkulu bebelokhu beyiqonda ngokugcwele indaba yokungathathi hlangothi? Chaza.

3 Ngemva kokuzalwa koMbuso, kwaba nempi ezulwini, uSathane wayesephonswa phansi emhlabeni. (Funda isAmbulo 12:7-10, 12.) Emhlabeni nakhona kwaba nempi eyavivinya ukwethembeka kwabantu bakaNkulunkulu. Babezimisele ukulandela isibonelo sikaJesu sokungabi ingxenye yezwe. Kodwa ekuqaleni abazange baqonde ngokugcwele ukuthi kwakuyodingeka ukuzidela okungakanani ukugwema zonke izindaba zezombusazwe.

4 Ngokwesibonelo, uMqulu VI ezincwadini eziwuchungechunge ezithi Millennial Dawn, * owanyatheliswa ngo-1904, wakhuthaza amaKristu ukuba agweme ukuhlanganyela empini. Wathi uma kwenzeka umKristu ebizelwa empini, kufanele azame ukuthola umsebenzi ongahileli ukulwa. Uma engawutholi futhi ethunyelwa empini, kwakufanele aqiniseke ukuthi akabulali muntu. Ekhuluma ngalesi simo ngaleso sikhathi, uHerbert Senior owayehlala eBrithani futhi owabhapathizwa ngo-1905, wathi: “Kwakunokudideka okukhulu phakathi kwabafowethu futhi babengenaso iseluleko esicacile sokuthi kwakulungile yini ukuya empini njengesosha kodwa wenze imisebenzi engahileli ukulwa.”

5. INqabayokulinda ka-September 1, 1915, yaqala kanjani ukuthuthukisa ukuqonda kwethu?

5 INqabayokulinda yesiNgisi ka-September 1, 1915 yaqala ukuthuthukisa ukuqonda kwethu ngalolu daba. Ngokuphathelene nalokho okwakusikiselwe kwethi Studies in the Scriptures, yathi: “Siyazibuza ukuthi inkambo enjalo ngeke yini ibe ukuyekethisa.” Kodwa umKristu kumelwe enze njani uma esongelwa ngokuthi uzobulawa uma enqaba ukugqoka iyunifomu aye empini? Lesi sihloko sathi: “Kungaba kubi kakhulu yini ukubulawelwa ukuba qotho eNkosaneni Yokuthula nokwenqaba ukwephula umyalo wayo, kunokubulawelwa la makhosi asemhlabeni oyobonakala sengathi uyawasekela futhi uyayekethisa ezimfundisweni zeNkosi yethu yasezulwini? Kulokhu kufa okubili singakhetha okokuqala—sincamele ukufela ukwethembeka eNkosini yethu yasezulwini.” Naphezu kwala mazwi anamandla kangaka, lesi sihloko saphetha ngokuthi: “Asisho ukuthi yile nkambo esiyikhuthazayo. Simane siyasikisela.”

6. Yini oyifundile esibonelweni sikaMfoweth’ uHerbert Senior?

6 Abanye abazalwane baluqonda ngokucacile lolu daba futhi baqoka ukubhekana nalo ngqo bangayekethisi. UHerbert Senior, ocashunwe ngenhla, wathi: “Kimi, wawungekho umahluko phakathi kokwethula izinhlamvu emkhunjini [umsebenzi ongahileli ukulwa] nokuhlohla lezo zinhlamvu ezibhamwini okuzodutshulwa ngazo abantu empini.” (Luka 16:10) Ngenxa yokwenqaba kwakhe inkonzo yezempi ngenxa kanembeza, uMfoweth’ uSenior waboshwa. Yena nabanye abazalwane abane babephakathi kwabangu-16 abenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza, ababehlanganisa nabantu bezinye izinkolo. Badonsa ingxenye ethile yesigwebo sabo ejele laseRichmond eBrithani futhi bagcina sebaziwa ngokuthi iRichmond 16. UHerbert nabanye ababenjengaye bake bathathwa ngomkhumbi isinyenyela bayiswa eFrance lapho impi yayibambene khona ngezihluthu. Uma befika bathola isigwebo sokuba badutshulwe. Yena nabanye abaningana bakleliswa phambi kwabadubuli, kodwa abazange bababulale. Kunalokho, isigwebo sabo sashintshwa saba iminyaka eyishumi besejele.

“Ngaqonda ukuthi abantu bakaNkulunkulu kwakufanele babe nokuthula nawo wonke umuntu ngisho nalapho kufufusa impi.”—USimon Kraker (Bheka isigaba 7)

7. Yini abantu bakaNkulunkulu abase beyiqonda lapho kuqala iMpi Yezwe II?

7 Ngesikhathi kugqashuka iMpi Yezwe II, abantu bakaJehova sebebonke base bekuqonda ngokucacile ukuthi kusho ukuthini ukungathathi-hlangothi nokuthi yini eyayidingeka ukuze balandele isibonelo sikaJesu. (Math. 26:51-53; Joh. 17:14-16; 1 Pet. 2:21) Ngokwesibonelo, INqabayokulinda yesiNgisi ka-November 1, 1939, yayinesihloko esiyingqophamlando esithi “Ukungathathi-hlangothi,” esathi: “Umthetho abantu bakaJehova besivumelwano okumelwe baqondiswe yiwo manje owokungathathi hlangothi ngokuphelele ezizweni ezilwayo.” Ngokuphathelene naleso sihloko, uSimon Kraker, kamuva owakhonza endlunkulu eBrooklyn, eNew York, wathi: “Ngaqonda ukuthi abantu bakaNkulunkulu kwakufanele babe nokuthula nawo wonke umuntu ngisho nalapho kufufusa impi.” Lokho kudla okungokomoya kwanikezwa ngesikhathi esifanele futhi kwasiza ekulungiseleleni abantu bakaNkulunkulu ukuba babhekane nokuhlaselwa kobuqotho babo eMbusweni okwakungakaze kubonwe emlandweni.

Basongelwa “Umfula” Owukuphikiswa

8, 9. Sagcwaliseka kanjani isiprofetho somphostoli uJohane?

8 Umphostoli uJohane waprofetha ukuthi ngemva kokuzalwa koMbuso ngo-1914, udrako, uSathane uDeveli, wayeyozama ukuqothula abasekela uMbuso kaNkulunkulu ngokukhipha umfula ongokomfanekiso emlonyeni wakhe. * (Funda isAmbulo 12:9, 15.) Sagcwaliseka kanjani isiprofetho sikaJohane? Kusukela ngawo-1920 kuqhubeke, ukuphikiswa kwabantu bakaNkulunkulu kwakhula kakhulu. Njengabanye abazalwane abaningi ababehlala eNyakatho Melika phakathi nempi yezwe yesibili, uMfoweth’ uKraker wagqunywa ejele ngenxa yobuqotho bakhe eMbusweni kaNkulunkulu. Eqinisweni, phakathi nempi, oFakazi BakaJehova babakha izingxenye ezimbili kwezintathu zabo bonke abantu ababesemajele ezifundazwe zase-United States ngenxa yokwenqaba ukuya empini ngezizathu zenkolo.

9 UDeveli namanxusa akhe babezimisele ukuphula ubuqotho bezikhonzi zoMbuso kungakhathaliseki ukuthi zihlalaphi. Kulo lonke elase-Afrika, eYurophu nase-United States, zayiswa ezinkantolo naphambi kwamabhodi anikeza ushwele. Ngenxa yokuzimisela kwazo okuqinile ukuhlala zingathathi hlangothi, zaboshwa, zashaywa futhi zagogwa. EJalimane abantu bakaNkulunkulu bacindezelwa kakhulu ngenxa yokwenqaba ukudumisa uHitler noma ukuya empini. Kulinganiselwa ukuthi bangu-6 000 ababesemakamu angamajele ngesikhathi samaNazi, futhi oFakazi baseJalimane nakwezinye izindawo abangaphezu kuka-1 600 babulawa ababebashushisa. Noma kunjalo, uDeveli akakwazanga ukubalimaza phakade abantu bakaNkulunkulu.Marku 8:34, 35.

“Umhlaba” Ugwinya “Umfula”

10. “Umhlaba” ufanekiselani, futhi uye wangenela kanjani ukuze usize abantu bakaNkulunkulu?

10 Isiprofetho esalotshwa umphostoli uJohane sembula ukuthi “umhlaba”—izakhi zalesi simiso ezibonakala zinengqondo—wawuyogwinya “umfula” owushushiso, ngaleyo ndlela usize abantu bakaNkulunkulu. Igcwaliseke kanjani leyo ngxenye yesiprofetho? Emashumini eminyaka alandela iMpi Yandezwe II, “umhlaba” uye wangenela kaningi usiza abasekeli abathembekile boMbuso KaMesiya. (Funda isAmbulo 12:16.) Ngokwesibonelo, izinkantolo ezihlukahlukene ezinethonya ziye zavikela amalungelo oFakazi BakaJehova okwenqaba inkonzo yezempi nawokwenqaba lapho becelwa ukuba bahlanganyele emikhosini yobuzwe. Okokuqala, cabanga ngokunqoba okukhulu uJehova akunika abantu bakhe emacaleni ambalwa aphathelene nodaba lokwenza inkonzo yezempi.IHu. 68:20.

11, 12. Iziphi izimpikiswano abaFoweth’ uSicurella noThlimmenos ababhekana nazo, futhi waba yini umphumela?

11 E-United States. U-Anthony Sicurella wakhuliswa abazali abangoFakazi, babeyisithupha abantwana kubo. Wabhapathizwa eneminyaka engu-15. Lapho eba neminyaka engu-21 wabhalisa njengesikhonzi sezenkolo ebhodini ebutha amasosha. Eminyakeni emibili kamuva, ngo-1950, wafaka isicelo sokuba abhaliswe njengomuntu owenqaba inkonzo yezempi ngenxa kanembeza. Nakuba umbiko we-Federal Bureau of Investigation ungatholanga lutho olungalungile ngaye, uMnyango Wezobulungisa wasenqaba isicelo sakhe. Ngemva kokugqigqa ezinkantolo eziningana, iNkantolo Ephakeme Yase-United States yalilalela icala lakhe futhi yashintsha isinqumo esasenziwe inkantolo encane, yakhipha isinqumo esivuna uMfoweth’ uSicurella. Saba isinqumo esiwumhlahlandlela esasiza ezinye izakhamuzi e-United States ezazenqaba inkonzo yezempi ngenxa kanembeza.

12 EGreece. Ngo-1983, u-Iakovos Thlimmenos waboshelwa ukungathobeli umthetho ngenxa yokwenqaba ukugqoka iyunifomu yempi, wayesegwetshwa ukuba adonse ejele. Esededelwe ejele, wafaka isicelo somsebenzi wokugcina amabhuku ezimali, kepha isicelo sakhe senqatshwa ngoba kuthiwa useke waboshwa. Wayisa lolu daba enkantolo, kodwa ngemva kokuba izinkantolo zaseGreece zimlahle ngecala, wadlulisela udaba lwakhe eNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu (i-ECHR). Ngo-2000, uMkhandlu Omkhulu we-ECHR, ithimba labahluleli abangu-17, lakhipha isinqumo esimvunayo, esaba umhlahlandlela emacaleni okucwaswa. Ngaphambi kwalesi sinqumo, abazalwane abangaphezu kuka-3 500 eGreece babenomlando wokuthi bake baboshwa ngenxa yokungathathi hlangothi. Ngemva kwalesi sinqumo esisivunayo, iGreece yakhipha umthetho wokuba kwesulwe wonke amacala alaba bazalwane. Ngaphezu kwalokho, umthetho onikeza zonke izakhamuzi zaseGreece ilungelo lokwenza omunye umsebenzi esikhundleni senkonzo yezempi, owawugunyazwe eminyakeni embalwa ngaphambili, wabuye wagcizelelwa lapho kubukezwa uMthetho-sisekelo waseGreece.

“Ngaphambi kokungena enkantolo, ngathandaza ngobuqotho kuJehova, ngabe sengizwa indlela ayenginika ngayo ukuzola.”—U-Ivailo Stefanov (Bheka isigaba 13)

13, 14. Iziphi izifundo onomuzwa wokuthi singazifunda emacaleni ahilela u-Ivailo Stefanov noVahan Bayatyan?

13 EBulgaria. Ngo-1994, u-Ivailo Stefanov wayeneminyaka engu-19 lapho ebizelwa empini. Wenqaba ukuya empini noma ukwenza imisebenzi engahileli ukulwa eqondiswa umnyango wezempi. Wagwetshwa izinyanga ezingu-18 esejele kodwa wasidlulisa leso sinqumo ngoba enelungelo lokwenqaba ngenxa kanembeza. Icala lakhe lagcina lidluliselwe kuyi-ECHR. Ngo-2001, ngaphambi kokuba lilalelwe, kwavunyelwana noMfoweth’ uStevanov ukuba lolu daba luxoxwe ngaphandle kwenkantolo. Uhulumeni waseBulgaria awugcinanga ngokuxolela uMfoweth’ uStefanov yedwa kodwa nazo zonke izakhamuzi zaseBulgaria ezazizimisele ukwenza enye inkonzo esikhundleni seyezempi. *

14 E-Armenia. UVahan Bayatyan wafinyelela iminyaka yokubuthelwa enkonzweni yezempi ephoqelelwe ngo-2001. * Wenqaba ngenxa kanembeza ukuya empini kodwa walahlwa ngecala kuzo zonke izinkantolo ezincane alidlulisela kuzo. Ngo-September 2002 waqala ukudonsa isigwebo seminyaka emibili nengxenye kodwa wadedelwa ngemva kwezinyanga eziyishumi nesigamu. Phakathi naleso sikhathi wadlulisela icala kuyi-ECHR eyalulalela udaba lwakhe. Ngo-October 27, 2009, nayo le Nkantolo yamlahla ngecala. Isinqumo sayo sabonakala siyigalelo elinzima kubafowethu base-Armenia ababebhekene nalolu daba. UMkhandlu Omkhulu weNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu wasibukeza lesi sinqumo. Ngo-July 7, 2011, le Nkantolo yakhipha isinqumo esavuna uVahan Bayatyan. Kwakuqala ngqa ukuba iNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu iqaphele ukuthi ukwenqaba inkonzo yezempi ngenxa kanembeza osekelwe ezinkolelweni zomuntu, kufanele kuvikelwe ngaphansi kwelungelo lokucabanga, unembeza nenkolo. Lesi sinqumo asivikeli amalungelo oFakazi BakaJehova kuphela kodwa nawamakhulu ezigidi zabantu emazweni angamalungu oMkhandlu WaseYurophu. *

Abafowethu e-Armenia bakhululiwe ejele ngemva kwesinqumo esibavunayo se-ECHR

Udaba Lwemikhosi Yobuzwe

15. Kungani abantu bakaJehova benqaba ukuhlanganyela emikhosini yobuzwe?

15 Abantu bakaJehova abalondolozi ubuqotho babo eMbusweni KaMesiya ngokwenqaba inkonzo yezempi kuphela kodwa nangokwenqaba ngenhlonipho ukuhlanganyela emikhosini yobuzwe. Ikakhulu kusukela kwagqashuka iMpi Yezwe II, izwe liye langenwa umoya wokushisekela ubuzwe. Izakhamuzi zamazwe amaningi kuye kwadingeka zifunge ukuthi ziyokwethembeka emazweni ezizalelwe kuwo ngokusho isifungo esithile, ngokucula iculo lesizwe noma ngokushayela ifulege lezwe indesheni. Nokho, thina sizinikele kuJehova kuphela. (Eks. 20:4, 5) Lokhu kuye kwenza ukuba sishushiswe kanzima. Naphakathi nalolo shushiso, uJehova uye waphinda wasebenzisa “umhlaba” ukuba ukugwinye okunye kwalokhu kuphikiswa. Awufunde ngamacala ambalwa nje aphawulekayo uJehova, esebenzisa uKristu, aye wasisiza ukuba siwanqobe.IHu. 3:8.

16, 17. Iyiphi impikiswano uLillian noWilliam Gobitas ababhekana nayo, futhi ufundeni endabeni yabo?

16 E-United States. Ngo-1940, kubahluleli abangu-9 eNkantolo Ephakeme Yase-United States, uyedwa owavuna oFakazi BakaJehova ecaleni elaliphakathi kweMinersville School District nabakwaGobitis. ULillian Gobitas, * oneminyaka engu-12 nomfowabo uWilliam, oneminyaka eyishumi babefuna ukuhlala bethembekile kuJehova, ngakho benqaba ukushayela ifulege indesheni noma ukusho isifungo sokwethembeka ezweni lakubo. Ngenxa yalokho, baxoshwa esikoleni. Icala labo lafika eNkantolo Ephakeme, futhi le Nkantolo yaphetha ngokuthi okwakwenziwe isikole kwakuvumelana nomthetho-sisekelo ngoba kwakubonisa ukukhathalela “ubunye besizwe.” Leso sinqumo sokhela umlilo woshushiso owabhebhetheka kabanzi. Izingane eziningi zoFakazi zaxoshwa ezikoleni, oFakazi abadala baxoshwa emisebenzini futhi abaningana bahlaselwa ngonya yizixuku. Incwadi ethi The Lustre of Our Country ithi “ukushushiswa koFakazi kusukela ngo-1941 kuya ku-1943 kwaba ukugqashuka okukhulu kunakho konke kokungabekezelelani ngokwenkolo eMelika yangekhulu lama-20.”

17 Ukunqoba kwezitha zikaNkulunkulu kwaba okwesikhashana. Ngo-1943, iNkantolo Ephakeme yahlola elinye icala elithi alifane nelezingane zakwaGobitis. Laliphakathi kweWest Virginia State Board of Education noBarnette. Kulokhu, iNkantolo Ephakeme yavuna oFakazi BakaJehova. Kwakuqala ngqa emlandweni wase-United States ukuba iNkantolo Ephakeme ishintshe isinqumo sayo phakathi nesikhathi esifushane kangako. Ngemva kwaleso sinqumo, ukushushiswa kwabantu bakaJehova e-United States kwancipha ngendlela ephawulekayo. Phakathi naleso sikhathi, amalungelo azo zonke izakhamuzi zase-United States aqiniswa.

18, 19. UPablo Barros uthi yini eyamsiza ukuba ahlale eqinile, futhi ezinye izinceku zikaJehova zingasilingisa kanjani isibonelo sakhe?

18 E-Argentina. UPablo Barros owayeneminyaka engu-8 noHugo Barros owayeneminyaka engu-7, baxoshwa esikoleni ngo-1976 ngenxa yokungahlanganyeli emkhosini wokuphakanyiswa kwefulege. Uthishanhloko wesifazane wachiliza uPablo wamshaya ekhanda. Wathi bobabili laba bafanyana abasale ihora lonke ngemva kwesikole, ezama ukubaphoqa ukuba bahlanganyele emikhosini yokushisekela ubuzwe. Ekhumbula leso senzakalo, uPablo wathi: “Ngaphandle kosizo lukaJehova, ngangingeke ngikwazi ukumelana nengcindezi yokwephula ubuqotho bami.”

19 Lapho icala lethulwa ezithebeni zenkantolo, umahluleli wasekela isinqumo sesikole sokuxosha uPablo noHugo. Kodwa icala labo ladluliselwa eNkantolo Ephakeme Yase-Argentina. Ngo-1979, leyo Nkantolo yasishintsha isinqumo senkantolo encane, yathi: “Isijeziso esishiwo [sokuxoshwa] siphikisana nelungelo lomthetho-sisekelo lokufunda (iSigaba 14) nesibopho soMbuso sokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uthola imfundo eyisisekelo (iSigaba 5).” Lokho kunqoba kwazuzisa izingane zoFakazi ezibalelwa enkulungwaneni. Azibange zisaxoshwa nezinye, kanti ezinye ezinjengoPablo noHugo zabuyiselwa ezikoleni zikahulumeni.

OFakazi abaningi abasebancane baye bathembeka ngaphansi kovivinyo

20, 21. Icala elihilela uRoel no-Emily Embralinag liluqinisa kanjani ukholo lwakho?

20 EPhilippines. Ngo-1990, uRoel Embralinag, * oneminyaka engu 9 nodadewabo, u-Emily, oneminyaka eyishumi, kanye nezinye izingane ezingaba ngu-66 ezingoFakazi baxoshwa esikoleni ngenxa yokungashayeli ifulege indesheni. ULeonardo, uyise kaRoel no-Emily, wazama ukubonisana neziphathimandla zesikole kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya. Njengoba lolu daba lushuba, uLeonardo wafaka icala eNkantolo Ephakeme. Wayengenamali futhi engenammeli. Lo mkhaya wathandaza ngobuqotho kuJehova ucela isiqondiso. Phakathi naso sonke leso sikhathi, izingane zazihlekwa usulu futhi ziklolodelwa. ULeonardo waba nomuzwa wokuthi lalingekho nhlobo ithuba lokuba anqobe ngoba wayengenalo ulwazi lwezomthetho.

21 Kuyajabulisa ukusho ukuthi lo mkhaya wamelelwa uFelino Ganal, ummeli ngaphambili owayeqashwe enye yezinkampani zabameli ezinedumela elihle kakhulu ezweni. Ngesikhathi salolu daba, uMfoweth’ uGanal wayesewuyekile umsebenzi, esengomunye woFakazi BakaJehova. Lapho icala lethulwa ezithebeni zeNkantolo Ephakeme, yakhipha isinqumo esivuna oFakazi futhi yakuchitha ukuxoshwa kwabo esikoleni. Nakulokhu, labo ababezama ukwephula ubuqotho babantu bakaNkulunkulu behluleka.

Ukungathathi-hlangothi Kuholela Ebunyeni

22, 23. (a) Kungani siye sanqoba amacala amaningi kangaka ayimihlahlandlela? (b) Ubuzalwane bethu bomhlaba wonke obunokuthula buwubufakazi bani?

22 Kungani abantu bakaJehova benqobe amacala amaningi kangaka aba umhlahlandlela? Asinalo ithonya kwezombusazwe. Noma kunjalo, emazweni ngamazwe, ezinkantolo ngezinkantolo, abahluleli abanomqondo ovulekile baye basivikela ekuhlaselweni abaphikisi abangadeli futhi ngaleyo ndlela kwavela izinqumo ezaba umhlahlandlela ngokuqondene nemithetho elotshwe emthethweni-sisekelo. Singasho singananazi ukuthi uKristu uye wayisekela imizamo yethu yokunqoba lawo macala. (Funda isAmbulo 6:2.) Kungani silwa amacala anjalo ezinkantolo? Inhloso yethu akukona ukuguqula isimiso sezomthetho. Kunalokho, umgomo wethu ukuqinisekisa ukuthi siyaqhubeka sikhonza iNkosi yethu, uJesu Kristu, ngaphandle kwezithiyo.IzE. 4:29.

23 Ezweni elihlukaniswe imibango yezombusazwe nelikhungethwe inzondo ejulile, iNkosi yethu ebusayo, uJesu Kristu, iye yabusisa imizamo yabalandeli bayo emhlabeni wonke yokulondoloza ukungathathi-hlangothi kwabo. Imizamo kaSathane yokusihlukanisa bese esinqoba iye yabhuntsha. UMbuso usuqoqe izigidi zabantu ‘abangasayifundi impi.’ Kwakona nje ukuba khona kobuzalwane bethu bomhlaba wonke obunokuthula kuyisimangaliso—kunikeza ubufakazi obungenakuphikwa bokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyabusa!Isaya 2:4.

^ isig. 4 Lo mqulu waziwa nangesihloko esithi The New Creation. Kamuva, imiqulu ethi Millennial Dawn yabizwa ngokuthi Studies in the Scriptures.

^ isig. 8 Ukuze uthole ingxoxo yalesi siprofetho, bheka incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, isahluko 27, amakhasi 184-186.

^ isig. 13 Ukuxoxa ngalolu daba ngaphandle kwenkantolo kwakudinga nokuba uhulumeni waseBulgaria unikeze bonke ababenqaba inkonzo yezempi ngenxa kanembeza umsebenzi ohlukile womphakathi oqondiswa iminyango yomphakathi.

^ isig. 14 Ukuze uthole ukulandisa okwengeziwe, bheka INqabayokulinda ka-November 1, 2012, amakhasi 29-31.

^ isig. 14 Eminyakeni engaphezu kuka-20, uhulumeni wase-Armenia wabopha oFakazi abasebasha abangaphezu kuka-450. Ngo-November 2013, abokugcina kulezi zinsizwa bakhululwa ejele.

^ isig. 16 Isibongo salo mkhaya sabhalwa ngendlela okungeyona ezincwadini zenkantolo.

^ isig. 20 Isibongo salo mkhaya sabhalwa ngendlela okungeyona kwathiwa Ebralinag ezincwadini zenkantolo.